Now Reading
Umthwalo owathweswa iNdlovukazi okaMpahleni awuyiwa, usinda kwehlela
Dark Light

Umthwalo owathweswa iNdlovukazi okaMpahleni awuyiwa, usinda kwehlela

UMagasela wathi isiphrofetho sakhe siqhuba sithi uma ingane isizelwe kufuneka kuhlatshwe imbuzi eyakudliwa iNdlovukazi okaMpahleni yodwa ize iyiqede. Unina ozala le ngane angayidli yena le nyama. Le nyama yembuzi kayikufakwa iswayi kepha uyakuyidla iyimbi injalo ifana nenyama yomuntu. Kayikho inyama ayoyilahla ngokuthi seyonakele kepha uyakuyidla noma isikhathi esingakanani aze ayiqede. Kuyothi uma eyidla isithebe noma ugqoko ayidlela kulo alubeke lungaqondani naye kepha lubeseceleni kwakhe ayidle engabhekene nalo.

Le nkulumo kaMagasela yayilukhuni kakhulu eNdlini yoBukhosi kuyinto eyayiqala ukuzwakala ivela kumuntu wezizwe bengamazi kepha ubulukhuni bayo uma beyilalela bayamukela ukuthi kayenziwe njengoba ebachazela umphrofethi wezizwe. Bayibona ngaphakathi ukuthi kuhle ilandelwe igcinwe imikhakha yonke yayo njengokusho kwakhe.
Bakubona ukuthi iNdlovukazi okaMpahleni lona unikezwa umsebenzi onzima nomkhulu kakhulu nobalulekile kanti futhi osemqoka ukuphilisa iSihlalo soBukhosi esasibonakala ukuntengantenga kwaso ngokwedlula emhlabeni kweziNgonyama zisencane okwakuyinto ebuhlungu kakhulu eNdlunkulu nasesizweni sikaZulu sonkana.
Kwathi uma belalela la magama kaMagasela eNdlunkulu abadala baba nenhlansi yethemba lokuthi ake kwenziwe konke okwakushiwo yilo muntu wezizwe ukuze kuzihlonze, khona noma ngabe sebedlulile emhlabeni ukuthi ubuqiniso bakho babuyini eNdlini yoBukhosi.
INdlovukazi okaMpahleni yayidla le nyama inomunyu nobuhlungu obesabekayo emphefumulweni wayo bokuthi kazi uyakukwazi yini ukuzilandela azenze zonke lezi zibopho ayefakwa zona engakaze ezwe noyedwa owayegane lapha eBukhosini othi wake wenziwa zona. Kwaba wumsebenzi owabonakala usatshe kuye futhi wayezibonela nje ukuthi kuyisifungo esasinzima kakhulu esasibekwa phezu kwamahlombe akhe.

Okwakuyihlupha kakhulu iNdlovukazi ukuthi le nsumansumane iyakufezeka kanjani le nto atshelwa yona. Uma kwenzeka ehluleka ukuyifeza kuyokwenzekani kuye siqu sakhe nakule ngane anikwa yona ukuba ayikhulise. Ngakho ukudla kwakhe le nyama kwakungekhona ukuyidla ngokuyijabulela nje kepha inhliziyo yakhe yayilila ukuthi ngempela yini lena enziwa yona ngaMakhosi oHlanga eNdlunkulu.
Abanye baseNdlunkulu babezwelana naye kepha bengasoze bamdlisa le nyama ngisho esethi uyabebela yona ngoba wonke umuntu lapha komkhulu wayezibonela ukuthi kukhulu kuyenziwa kungahlaziywa ngaMakhosi aziNyanya zeSihlalo soBukhosi kuphela.
INdlovukazi okaMpahleni yazinikela yazidela amathambo yathi uma le nkonzo ngiyinikezwa ngabaphansi kayinganele ukuba ngiyithwale. Wazethemba yena nabakubo abamsusa lena kubo eMantshalini bazomfaka ngaphakathi eSigodlweni sikaZulu ayewazi kamhlophe umlando waso ukuthi wawulukhuni kangakanani.

Wazimisela ngawo onke amandla akhe ukuthi kungenzeki nelincane iphutha, amadlebe akhe wawaklekla kabusha efuna abambisise konke ayekuzwile kwethulwa kuye. Kwafuneka lo MkaNkosi azibeke ekwethembekeni kuye kuqala kungekho noyedwa eNdlunkulu owayengabambelela kuye noma emuva ozalweni lwakhe lwaseMantshalini ukuba amthwalele lo mthwalo owawubonakala njengelahle elishisayo ezandleni zakhe.
Konke lokhu kubikezelwa khona nje, le ngane ayikazalwa futhi akazi ukuthi izozalwa ngumuphi koMkaNkosi ababili abakhulelweyo. Ngabe yena lona ozozala le ngane uyakukwamukela yini ukuthi ephucwe ingane yakhe izelwe inikezwe omunye umfazi ephila yena. Ngabe uyokwamukela lokho noma azonde yena okhonjwe yisiphrofetho sikaMagasela.
Yaze yabalukhuni indaba eyayibhekene nayo iNdlovukazi yeNgonyama. Yona iNdlovukazi yayizale indodakazi yayo eyodwa uMntwana uHelen kepha ayikaze izwe noyedwa eNdlunkulu emxoxela ukuthi kwake kwenzeka indaba enjengalena eNdlini yoBukhosi.
INdlovukazi okaMpahleni yavuma konke okwakushiwo kuyo ukuthi iyokwenza ngokusizwa ngaMakhosi neziNyanya zeSihlalo soBukhosi.

See Also

OMkaNkosi ababili ababekhulelwe kwakunguNdlunkulu uPhumzile uMasuku kanye noNdlunkulu uJezangani uNdwandwe. Zafika izinsuku zabo, bateta ngezinsuku ezahlukeneyo.
UNdlunkulu owayebhekwe ngamehlo abomvu ukuthi nguye ozozala le ngane uMkaNkosi uPhumzile uMasuku okunguyena owayengomdala ukugana iSilo uNyangayezizwe kepha wathola intombi. Kwathi uNdlunkulu wesibili ukugana iSilo uNyangayezizwe uMkaNkosi uJezangani uNdwandwe wathola ingane yomfana. Isiphrofetho sazihlonza sona kwadideka izinhlaka zangaphakathi eNdlunkulu ukuthi into enjengalena iyakuthiwani ngubani.
Isizelwe le nsumansumane yale ngane yezimanga ebilokhu ibhekwe ngamehlo abomvu lapha koMkhulu. Kwathiwa iNdlovukazi okaMpahleni akayikuyibamba ngezandla zakhe uma eyamukela kunina kepha uyakuthatha indwangu emhlophe kakhalikho ayemukele ngayo qede amfulathele unina wayo ahambe nayo aqonde eSigodlweni KwaDlamahlahla lapho bayofika bayenzele khona yonke imisikothi yakhona ababeyalwe ngayo.

Kwenzeka konke lokhu nje lapha eNdlunkulu akukho noyedwa owake wacabanga imfihlakalo eyenzeka kuNdlovukazi okaMpahleni ngenkathi emukela le ngane kunina ngezandla zakhe.
Unina wengane ngowesibili ukugana iSilo uNyangayezizwe kepha iNdlovukazi okaMpahleni ngeyokuqala ukungena lapha eSigodlweni seSilo uSolomon ngokugana kunalaba oMkaNkosi ababili abangabalobokazi kuyo. Ngokohlelo lweziNyanya zoBukhosi zayiguqula ngaso leso sikhathi iNdlunkulu uGaneba okaMpahleni yaba yiNdlovukazi eyathola isibusiso esikhulu nesimangalisayo nesenza le ngane iphile iminyaka eyayingasaphilwa ngaMakhosi oHlanga kwaZulu. Akakho owakuqondayo lokho, okungenzeka nanamuhla njengoba ngikubhala nje kube khona abangaba nokudideka ukuthi ngiqondeni ngakho. Iqiniso selizichazile lona Zulu, ngelenu. Namuhla niyalibona iZinyane leNgezengeze elanikezwa iNdlovukazi okaMpahleni okuyiWundlu uZwelithini, lihlezi liyabusa yonke le minyaka uNkulunkulu onguMvelinqangi, nabaphansi abalibusise ngayo.

Scroll To Top