UKHONDOLO: Umdlavuza wokungaxoli kubaholi be-ANC abahlulwayo uyayidlavuza
Ukhondolo lwangaphakathi kuKhongolose lokungaxoli kubaholi ngokukhala ngaphansi ezingqungqutheleni zokukhetha ubuholi seluqala ukubonakala njengomdlavuza ongagcina uwudlakaza umphela lo mbutho ngokuhamba kweminyaka.
Akuyona into entsha eyenzeka kule nhlangano, kodwa nabaholi bangaphambilini babekhishwa ezikhundleni uma kukhona ukwehlukana ngemibono. Kwenzeka engqungqutheleni yama-38 ngoZibandlela we-1949 eBloemfontein lapho uphiko lwentsha lwaphakamisa ukuthi owayenguMengameli wombutho ngaleso sikhathi u-AB Xuma angalitholi ihlandla lesibili, kepha indawo yakhe ithathwe uMnu uJames Moroka, kuphinde kubuyiselwe uMnu uWalter Sisulu esigungwini esiphezulu senhlangano.
Ukuchithwa kukaXuma akwehlanga kahle kuye nabebemeseka okungangokuba abazange baphumule. UMoroka wagcina eseyiqaqa engasesekwa yi-ANC ngesikhathi secala abebebekwe lona nabanye abaholi ngaphansi koMthetho, iSuppression of Communism Act.
UMoroka indawo yakhe yagcina ithathwa iNkosi u-Albert Luthuli ngoZibandlela we-1952. Muva nje eyokukhala ngaphansi okhethweni lwezikhundla ku-ANC isivela njengendlela yokuziphindiselela ngokuthi lowo osuke ehluliwe, afune ezinye izindlela zokubuya ukuze afeze izinhloso zakhe. Lena sekwaba yindlela yokugadla ezimbangini, ohluliwe aphenduke ithambo lenyoka elihlaba elimzondayo.
Uma umholi ohluliwe kucaca ukuthi akuselula ukuthi avuke azithathe, sekuvamise ukuthi kuvuswe omunye ozolandela inkambiso yakhe nemigomo. Lokhu esingakufanisa nokwenzeka engqungqutheleni yaseNasrec ngonyaka wezi-2017 kuvuswa uMnu uJacob Zuma ngeNDZ eyayigadla ngoDkt uNkosazana MaDlamini Zuma. Ebuholini besikhathi sanamuhla kuKhongolose, ukungaxoli kuqale ukugqama kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini ngesikhathi sikaMnu uThabo Mbeki engqungqutheleni eyabe isePolokwane ngowezi-2007.
Sekungumlando ukuthi wahlulwa nguMnu uZuma ngaleso sikhathi owayeteketiswa ngeTsunami. Namanje isithombe esikhombisa uMzizi exhawula uNxamalala emuva kokumenyezelwa kwemiphumela siyixoxa yonke indaba ngokungakwamukeli ukuhlulwa, okusho ukuphucwa amandla. Namanje kwabaningi isilonda sokushintshwa kobuholi ePolokwane asikapholi ngoba njalo uma kwenziwa izinkulumo kuyaye kuvele okwenzeka kuleya ngqungquthela.
Ukungaxoli kukaMbeki kwafakazelwa nayizinkulumo zakhe okhethweni lwangowezi-2009 lapho okwaba ngokokuqala emlandweni ukuthi lowo obehola iqembu akufihle ukuthi uvotele liphi. Kukhona nokukhuluma okwakumyamanisa neqembu elahlubuka ngaleso sikhathi ku-ANC iCongress of the People (Cope) muva nje esiphenduke inganekwane.
Njengoba sezihubela sakusha ngengqungquthela yokukhetha ubuholi umbango, ukuncintisana nabafuna ukubuyela ebuholini ukuze baziphindiselele usuyabonakala. Olukhulunyelwa phansi olukaMnu uMdumiseni Ntuli obenguNobhala we-ANC KwaZulu-Natal ongalubonanga elidlalayo engqungqutheleni yakamuva.
UNtuli ungenele umbango wesikhundla sikaNobhala Jikelele kuzwelonke. Umbuzo omkhulu ngothi kungenzeka yini ukuthi naye usophe ukubuya aziphindiselele kwabamlaxaza esifundazweni. Kuyaqapheleka nokuthi amagatsha amaningi ayaliphakamisa igama lakhe kwabasembangweni. Muva nje uphakanyiswe igatsha likaMengameli uRamaphosa eSoweto.
Amagatsha asehlalile KwaZulu-Natal awaliphathi igama likaNtuli ngisho nesifundazwe asithi vu ngaye. Emasontweni edlule engosini yokuphawula kwabafundi belaboHlanga, iningi belibuza ukuthi kumele uKhongolose uzinuke amakhwapha ngokuthi uma ephumelela uzohola kanjani ekubeni ezakwabo zimbovula.
IsiFunda iMoses Mabhida ne-Inkosi uBhambatha esifundazweni yizo kuphela eziphakamise igama likaNtuli. Elinye ilungu leSigungu Esibhekele Ukusebenza KwaZulu-Natal elicele ukungadalulwa lithe kucace kuhle kwezinqe zesele ukuthi uNtuli ufuna ukubuya azosebenza ubuholi besifundazwe njengoba wakhala ngaphansi ekade ezethemba.
“Angingabazi ukuthi uma ephatha uyofaka nomoya wokuthi kushintshwe uNdunankulu ukuze kukhethwe azohambisana naye, kufakwe nabaphathiswa abazobezwa,” kuphetha leli lungu.

