Now Reading
Owe-Action SA ukhala ngokuzithwala kuSteenhuisen
Dark Light

Owe-Action SA ukhala ngokuzithwala kuSteenhuisen

Usihlalo kazwelonke we-Action SA uMichael Beaumont ukhwele wadilika kumholi weDemocratic Alliance (DA) uJohn Steenhuisen ngakubize “ngokuzikhukhumeza” kwamanye amaqembu ezepolitiki abesebenzisana nawo eGoli. Lokhu ngemuva kokuthi uSteenhuisen ethe umfelandawonye ubungasebenza ukube i-Action SA ibingenzi kube nzima ukuthi iDA isebenze ngokubambisana.

Ngesonto eledlule uDkt uMpho Phalatse ukhishwe esikhundleni sokuba yimeya yaseGoli okuholele ekutheni i-African National Congress (ANC) ibambe izintambo ngokukhethwa kukaDada Morero njengemeya entsha. Kodwa-ke, uBeaumont uthi uma izwe lifuna ukubona kuhamba kahle kohulumeni bamadlelandawonye, ukungazikhukhumezi kwamaqembu ezepolitiki kuzofanele kube semqoka kakhulu.

“Ngeke ukhulume ngazwi linye ebungcweleni besivumelwano somfelandawonye bese uthi ngeke kuphinde kuxoxwe ngaso uma kungahambisani nawe. Kodwa uma sihambisana kahle  ngokuphelele  isivumelwano ukusebenza ngaso kuyaqhubeka. Futhi isizathu sokuthi kungani ingakwazi ikakhulukazi ukusebenza ngaleyo ndlela ukuthi imifelandawonye nezivumelwano ezibhekana nazo kufanele ekugcineni zisize izakhamuzi zalabo masipala. Lokho kufanele kube isisekelo sawo wonke umfelandawonye noma isivumelwano.”

IMeya entsha yaseGoli, uDada Morero, ithe i-African National Congress (ANC) ayikholwa ukuthi iDemocratic Alliance (DA) inecala elisemthethweni mayelana nokukhethwa kwakhe kulesi sikhundla. IDA ithi ihlose ukuyisa umphumela wokhetho ezinkantolo ngemuva kokuvotelwa kwakhe ngoLwesihlanu. Lokhu kulandela ukuxoshwa kukaDkt Mpho Phalatse ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe. IDA ithi ukuhlala komkhandlu okungajwayelekile kwenziwa ngamaqhinga angcolile.

 UMorero uthe umhlangano ubanjwe ngendlela esemthethweni. “Ikholomu ibihleli cishe kwi-146 kanti imfuneko iyi-136 ngakho-ke izophakamisa ukuthi umhlangano ubusemthethweni ngokwemibandela yokuthi uSomlomo unelungelo lokubiza umhlangano oyisipesheli womkhandlu. Ngakho-ke, asikhathazekile ngokuthi umhlangano wawusemthethweni noma wawungekho emthethweni. Sicabanga ukuthi wenzeke ngokomthetho nokuthi iDA ayinalo icala.”

Khonamanjalo, iDA ithi ihlose ukuyisa ukhetho luka Morero’s ezinkantolo. IPhini likaMholi weKhokhasi eGoli, uBongani Nkomo, uthe: “Sisezinhlelweni zokulungisa izingxabano(arguments) zethu kanye nokumelwa(representation) ngenxa yalokhu kuketulwa enkantolo, ngoba kumele sikubize ngokuthi kuyini – ukuketulwa – futhi lokho kuncike ekutheni Umhlangano womkhandlu wabanjwa, ukuthi lolu hlelo lwadelelwa kanjani nguSomlomo omusha woMkhandlu uColeen Makhubele – esingalindele lutho oluncane kuye. Okwenziwe yikhansela wukudlulisa isiphakamiso esidala sangomhla zili-17 kuNcwaba, lapho lesi siphakamiso sachithwa. Ubedinga ukuhambisa isiphakamiso esisha neziphakamiso ezintsha futhi siyaseseka. Ngakho lonke lolu hlelo aluzange lwenziwe.”

See Also

IMeya yaseGoli exoshiwe uDkt Mpho Phalatse usefake amaphepha eNkantolo eNkulu yaseGoli ethi umhlangano wangoLwesihlanu olwedlule we-Extraordinary Council lapho asuswa khona esikhundleni ngenxa yokungabethembi ubuholi bakhe kube ngokungekho emthethweni .

Kulindeleke ukuthi udaba luqulwe ngesonto elizayo ngoLwesibili. UPhalatse uthe abantu baseGoli bavotele ukuthi uKhongolose unganqobi ngoba bebona amaqembu angenza okuncono kunawo, kodwa uthe  iDemocratic Alliance (DA) izolwa kuze kube sekugcineni ukuqinisekisa ukuthi bayawufeza umsebenzi wabo.

Khonamanjalo, kuyakhula ukungaqiniseki kwezinye izakhamuzi zaseGoli mayelana nokuthi kuzokwenzekani ngezinhlelo ezihleliwe zokulethwa kwezidingo ezimenyezelwe uhulumeni owaxoshwa oholwa yiDA eDolobheni laseGoli njengoba sekuqokwe imeya entsha.

Scroll To Top