Now Reading
Kuyacaca ukuthi akukho ukubambisana ekuhleleni ezamankomane
Dark Light

Kuyacaca ukuthi akukho ukubambisana ekuhleleni ezamankomane

Uma uhambele imihlangano yezamankomane, esuke ihlanganise ophromotha, izimenenja, abaqeqeshi, amabhokisa okusuke kukhulunywa kakhulu indlela ewumhlahlandlela yokuthi bengazihlenga kanjani ezamankomane njengoba zicwilile nje.

Kusukela ngonyaka wezi-2010 izinga lezimpi kwezamankomane lehla kakhulu. Ngoba kwama lapho ukuthi zisakazwe kwazise abaka South African Broadcasting Corporation (SABC) bathi bayakumisa ukusakaza lo mdlalo, kwazise iNingizimu Afrika yayisingethe iNdebe YoMhlaba kanobhutshuzwayo.

Kodwa okungiphatha kabi ukuthi kukubeka kusekude phambili esifundazweni iKwaZulu-Natal ukuthi isibhakela sibuyele kulendlela yayiyiso eminyakeni edlule.

Okwenza ngisho njalo ngeledlule ngibonile ukuthi ukubambisana akukho phakathi kopromotha, kuphinde kube khona ukukhetha kwephela emasini kwabe-Boxing South Africa  (BSA) abakhetha izinhlangothi ezithize ngenxa yenzondo. Uma unikezwe isikhundla sokuhola abantu noma kuthiwa umuntu umzonda kanjani, kodwa akumele ukhombise inzondo ngoba lokho kusho ukuthi awenzi okuqashelwe.

Uma kungekho ukubambisana angikholwa ukuthi ikhona into engaya phambili.

NgeSonto uNomvelo Magcaba-Shezi weMvelo Boxing Promotions ubehlele izimpi zokuvalelisa uMoruti “Babyface” Mthalane ngesitayela. Kodwa ngibone ihlazo ukuthi abanye abakusona isibhakela bebebophe izinhliziyo zokuthi lezi zimpi zingabi impumelelo.

Okwenza lokho ingoba abamufiseli okuhle uNomvelo ngoba bayamubona ukuthi ufike kwezwakala, futhi usamuncane.

Okuxake kunakho konke ukuthi ngisho nesikhulu saka-BSA, sibe nesandla ekutheni lezi zimpi ziqale isimo simuncu. Lesi sikhulu, sithe uNomvelo angasebenzisi abeSuperSport kodwa abasebenzise uSABC ngoba iwona obukwa kakhulu. NgoLwesihlanu olwedlule kwashintsha ukudlala epuletini, kwathiwa ngeke zisasakazwa lezi zimpi.

Lesi sikhulu siyezwakala kwivoicenote kawhatsapp, sikhuluma amazwi akhombisayo ukuthi sibe nesandla ekutheni zingasakazwa bukhoma lezi zimpi.

Umbuzo wami ukuthike sizobuyela kanjani isibhakela esimeni uma kusenziwa kanjena?

See Also

Noma kuthiwake uNomvelo abamufuni, kodwa akusahlonishwa uMthalane elwa impi yakhe yokugcina.

Uma ukhuluma ngoMthalane odabuka eMpendle, ukhuluma ngosomankomane ohlonishwa umhlaba wonke ngamagalelo akhe. Abantu bebengakujabulela ukumbona, elwa impi yakhe yokugcina emva kweminyaka engama-22 angena eringini.  Uma ukhuluma ngoMthalane  ngomuntuWaqala ngokunqoba isicoco sikazwelonke, waba ngumpetha we-International Boxing Federation (IBF) ne-International Boxing Organisation (IBO) Flyweight. Ezimpini ezingama-43 azilwile unqobe ezingama-40, wahlulwa kwezintathu. Phakathi kwezimpi aseke azilwa uMthalane useke wadudulana nenkakha yasePhilippines uNotino “Fillipino Flash” Donaire wodumo lokuphatha amabhande omhlaba ezisindo ezahlukene kusukela kwi-Flyweight kuya kwi-Featherweight ne-Bantaweight.

Ngibona kungenziwa okungcono kunalokho, ngoba isifundazwe iKwaZulu-Natal sinabo abantu abahlonishwayo kulo mdlalo okubalwa uTap Tap Makhathini, uWiseman “Sabalutho” Dhlomo owanqoba ibhande leHeavyweight lapha eNingizimu Africa, uChristopher Buthelezi owanqoba iMiddleweight kuleli, uSboniso Gonya owanqoba ibhande le-IBF noThabiso “The Rock” Mchunu.

Futhi lo mdlalo uyalixosha ikati eziko, uMthalane kuyimanje unepulazi namanye amabhizinisi, u-Azinga Fuzile unemizi, uHekkier “Hexecutioner” Budler naye unemizi.

Scroll To Top