Ukulaxaza elesizwe sekuqala ukuba yinsakavukela kubadlali
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kunombuzo engihlezi ngizibuza wona ukuthi, yini ebalulekile kumdlali, ngabe yizwe lakhe noma yiqembu adlala kulo?
Mina ngokwami ngibona impela izwe kuyilo elibalulekile, ngoba izwe lohlezi lilikhulu kuneqembu. Kodwa-ke singabantu sikholelwa ezintweni ezingafani.
Mina ngoba ngithi izwe elibalulekile, ingakho nje ngeledlule ngithole ukuphoxeka ngesinqumo esithathwe abadlali beqembu lesizwe lekhilikithi iProteas. Laba badlalli uKagiso “KG” Rabada, uLungi Ngidi, uMarco Jansen, uRassie Van Der Dussen, no-Aiden Markram baqome ukuyoyibamba ku-Indian Premier League (IPL), okuyiligi yase-India kunokuthi bamele elakuleli.
Okubuhlungu benza lokhu nje izilonda ziyabhibha njengoba iBangladesh iguqise elakuleli ngo-2/1 emdlalweni emithathu ye-One Day International (ODI) nobengokokuqala emlandweni. Mina ngokwami bengibona ukuthi laba badlali bekumele babuyise isithunzi ngokuthi ayibhaxabule kabuhlungu iBangladesh emdlalweni emibili yeTest, owokuqala uqale izolo ngoLwesine. Kodwa ngibona kuzoba lukhuni satshe ukuthi iNingizimu Afrika ibhaxabulele leli lizwe njengoba abadlali okuyibo abayizethenjwa bencamele inkece kunokumela izwe labo.
Le nto eyenziwe yilaba badlali ibuhlungu ngoba uma elakuleli lingahlulwa umsebenzi kaMark Boucher ongumqeqeshi mhlambe ungaba sengcupheni. Kodwa-ke namanje ngisazibuza ukuthi ngabe yini emqoka iqembu okanye iqembu lesizwe?
Omunye obe sematheni ngokwenza into efanayo nale eyenziwe yilaba badlali bekhilikithi uPercy Tau ongumgadli we-Al Ahly yase-Egypt, bekumele amele iqembu lesizwe njengoba belidlala imidlalo yobungani emibili okubalwa kuyona nowompetha boMhlaba iFarance obungoLwesibili, wavele wathi ulimele.
Uma kuwukuthi impela uqome ukuthi azilimazise ngoba engafuni ukumela izwe ayi ungiphoxe kakhulu, uthando lwami ngaye lulokhu lehla nje kancane ngezinqumo zakhe engikholwa ukuthi aziphusile nhlobo. Lesi sinqumo somqeqeshi weBafana Bafana sokumhlawulisa izinyanga eziyisithupha engalidlubhi ijezi, ngikholwa ukuthi simfanele nje impela.
UTau kuningi okusamele akwenze njengomdlali kodwa ngoba nje eseqala ezitshela ngokuthi ashaye izwe ngesithende, aqome ukudlalela iqembu ayi usazoba senkingeni impela.
UCristiano “CR7” Ronaldo wasePortugal usekwenze konke kunobhutshuzwayo kodwa uma kuthiwa izwe lakhe lidlala umdlalo owobungani namazwe afana neLuxembourg, i-Azerbaijan ne-Andorra usuke ekhona ngeke athi ulimele. Uzombona futhi mayethola ithuba lokushaya amagoli ngisho amane angawashaya, okusho ukuthi ubeka izwe lakhe phambili kuneqembu.
UTau impela akashintshe ukwenza ngoba unekhono eliyisimanga, ukube ebekhona koweFrance kukhona okuhle akade ezokwenza.
Ungomunye wabadlali abalithemba leBafana Bafana, uma enenkinga noHugo Broos kusho ukuthi kusazothatha isikhathi ukuba adlale ngoba uma inhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli ingathi iyamgcina lo mqeqeshi ngeke samubona uTau. Wenza lokhu nje usanda kuphoxa iningi labantu nyakenye evele eshiya iqembu lase-England iBrighton & Hove Albion waqoma i-Al Ahly eqeqeshwa uPitso Mosimane.