Sakha ukuphilisana nezingane eziyizithulu


Ngiyabingelela bahlobo bami ngethembe nonke niyaphila emakhaya nasezikoleni. Ngesonto eledlule sikhulume kabanzi ngokwehluka kwethu njengezingane. Sigxile kulabo abanye bethu abadalwe behluka. Obekumqoka kumbhalo wangeledlule yikuthi sonke siyizingane, nalezo ezidalwe zehluka akukho okonakele kuzo. Sikuvezile bahlobo bami ukuthi kumqoka ukuthi senza noma sikhuluma kanjani ngalabo abadalwe behluka ngoba ukwenza kwethu namagama esiwasebenzisayo kwenye inkathi enza sengathi kukhona okonakele ngokudalwa wehluke.
Kulolu shicilelo lwanamuhla singxila odabeni labadalwe behluka baba yizithulu. Lezi zingane zihlukene kabili kukhona eziyizithulu ngokungezwa ezindlebeni bese kuba khona labo abayizithulu ngoba bengakwazi ukukhuluma (ukuphimisa). Lezi zingane uMvelingqangi osipha onke amakhono esinawo kukhona ubuhlakani obuthile ezinakho nokuzenza noma zehlukile kepha ziqhubeke nempilo nokuphilisana nabanye – ekugcineni nazo zingabantu.
Namuhla inhlosonqgangi ukuqhamuka nezinye zezeluleko kumalungu omndeni nasesikoleni ukuthi singaphilisana kanjani nengane eyisithulu, ekhaya nasesikoleni. Into yokuqala emqoka wukuqinisekisa ukuthi ingane eyisithulu kayikhishwa inyumbazana lapha ekhaya. Kumele nayo njengezinye izingane ibe yingxenye yemisebenzi yasekhaya elingana namandla ayo naneminyaka yayo. Okwesibili wukuqinisekisa ukuthi abadala nabancane lapha ekhaya bayafundiseka ngokwehluka kwale ngane emndenini ngenhloso yokukwazi ukuxhumana nayo kalula.
Ngenhlanhla esikhathini esikuso seluthuthukiswe kakhulu ‘ulimi lwezandla’ nokuyilo olulula ekuxhumaneni nengane eyisithulu ekhaya ngisho nasesikoleni. Ongoti beluleka ngokuthi kumqoka ukwazi izindlela zokuxhumana nengane ( nanomuntu omdala) eyisithulu. Bathi ukuxhumana kuba lula uma kukhona ukuthinta, ukwanga nokumamatheka. Khumbula njenganoma yiyiphi ingane enganeni yakho kwasekuqaleni. Izingane zidinga uthando, isikhuthazo nokunakwa yimindeni yazo.
Singaxhumana kanjani?
Ingane eyisithulu iba namathuba amaningi okufunda ulimi lwezandla noma ukukhuluma ngezandla. Kuba lula kuyo uma okhulumayo ezoba ngaphambili ngoba iyakwazi ukuqaphela izindebe kanjalo nobuso baloyo okhulumayo nokwenza kube lula ukuqonda okushiwoyo. Kuhle ekukhulumeni nengane eyisithulu ukuthi uthi ukhuluma ube wenza. Isibonelo nje uma ufuna ukuyifundisa ngokuya endlini yangasese shono njalo ube uya khona, yikhona ingeke igcine ukukubona ukhuluma kepha ikwazi ukuthi kukuphi lapho kuyiwa noma othi akuyiwe khona.
Ngiyafisa ukugcizelela ekutheni uma sidlala singalenzi iphutha lokuba siveze isithombe sokuthi odalwe wehluka kaphelele. Yebo lapho edinga khona usizo kumele asizwe kepha kumqoka ukuba ekumsizeni kwethu singatshali isimomqondo sokuncika kithi. Kalekelelwe njengazo zonke izingane ukuze afunde ukuthi kusasa lokho okwenziwayo yena angakwenza kanjani.
Okunye okumqoka ukuba sikuqonde njengabangani, izihlobo nabazali ukuthi ukuba yisithulu akusho ukungabi namqondo. Ingane eyisithulu inawo amakhono ehlukene njengezinye. Ingaba ngumdlali wemidlalo eyahlukene kokunye ifunde igogode ngisho ezifundweni zayo. Nayo njengoba kwenziwa kwezinye idinga ukusekwa kwekwenzayo.