Now Reading
Kuvimbeni kubaqeqeshi bakuleli ukuyoziveza phesheya
Dark Light

Kuvimbeni kubaqeqeshi bakuleli ukuyoziveza phesheya

Ngaphambi kokuqala kwesizini yeDStv Premiership ka-2022/23, kuyo lengosi ngabhala ukuthi uDanie Klate ngeke aqede isikhathi esingakanani ehlezi ebhentshini leChippa United njengomqeqeshi. Nebala lokho kwenzakalile emasontweni edlule lagcwala umoya ibhantshi, njengoba amaphuzu ayegqoza. 

Kuvela ukuthi uzobuyela eqenjini eligijima kuDStv Diski Challenge (DDC). Kuthe kusenjalo kwavela izindaba zokuthi usule isigubhukane uDan Dance Malesela kwiRoyal AM, usula nje wayethwele ngeqoma ukuthi uzofika nebhola elihle kubafana baMaMkhize. 

Kuyimanje uMalesela ubuyele kwiMarumo Gallants ekade imxoshile ngasekupheleni kwesizini edlule. 

NgeSonto eledlule iSwallows FC imemezele ukugqashuka kwegoda phakathi kwayo noDylan Kerr obengumqeqeshi. Kwenzeka lokho nje uyena uKerr oyisindise ezembeni ngesizini edlule.  UThongathi FC nalo luhlukanile nalo noSimo Dladla, emva kokuqeqesha imidlalo emine nje kuphela.  

Ukuntunta kwabaqeqeshi emaqenjini awodwa kungifikisela ngamahloni kubaqeqeshi balapha eNingizimu Afrika. Lokhu okwenzakalayo ngibona abaqeqeshi bakuleli beyiminqolo esabayo ukuyosebenza kwamanye amazwe. Ngeke uthi uyindoda yomuzi ulokhu uvuma ukuntantiswa okwengane encane. 

Okwesingaki uMalesela ejoyina elinye iqembu, yize enebhola elihle kodwa akakhuli ngoba untanta endaweni eyodwa. Ukungazami amadlelo aluhlaza kwabaqeqeshi ngibona kuyikhona okwenza begcina bebanga imisebenza eyodwa, bezungeze wonke amaqembu engabe bayaphuma beyozama nangaphandle kwakuleli.

Uma kubhekwa iningi labaqeqeshi abaningi bangaphandle, bafika bengenamlando emazweni abo befike bethole imisebenzi. Baqashwa phezu kokuthi bebizwe ngoPlumber.

Iqiniso nje ukuthi imisebenzi yokuqeqesha lapha eNingizimu Afrika iyamfimfa, baningi abaqeqeshi ababheke imisebenzi eyodwa. Amaqembu adlala kuDStv ali-16, kuMotsepe Foundation Championship nakhona ali-16, umbuzo uthi bangaki abaqeqeshi esinabo ezweni. Abaqeqeshi balapha ababhukule bavuke bazithathe beyobheka imisebenzi. 

UPitso “Jingles” Mosimane uyivulile indlela wenza kahle eGibhithe. OMolesela badala ebholeni abahambe beyoveza amava abo ngaphandle maningi amaqembu angawaqeqesha, afike ezenzele igama khona. Engalokhu evikisa iqembu izembe, emva kwalokho limxoshe liphinde limbuyise.

Ngiyakhumbula uMosimane wake wathi u-Eric Tinkler oqeqesha iCape Town City, ungumqeqeshi oseqopheleni eliphezulu kungani engazikhulisi ngokuyoqeqesha iSimba FC yaseTanzania. 

See Also

Lokhu ngikubona kudala umthethela ekutheni singabi nabadlali abaningi abadlala ngaphandle, nabayayo bafike basheshe babuye. Buka nje uPercy Tau kuyambhedela, ngingasabalike phesheya kwezilwandle. 

Abaqeqeshi abawuthole lo myalezo wokuthi abayeke ukuzithathela phansi. Ingakho sizogcina sinalento ekuthiwa i‘Co-Coach’ nedala ingxabano phakathi kwabaqeqeshi. 

Buka nje iMamelodi Sundowns inabaqeqeshi abathathu. Kungani ababili okanye oyedwa eyozama inhlanhla ngaphandle, ngoba phela sebesebenzile.

Kusisani uukuthi uhleli endaweni eyodwa, uhubha iMtn 8, iNedbank Cup neDStv Premiership. Omunye umqeqeshi engimbona ehlezi ngesinqe esisodwa uBrandon Truter oqeqesha AmaZulu FC.

Scroll To Top