Now Reading
Iligi yase-Europe ebihlongozwa ibingewona umqondo omuhle
Dark Light

Iligi yase-Europe ebihlongozwa ibingewona umqondo omuhle

Ibizokwehlisa isithunzi nesasasa kukanobhutshuzwayo kuphinde kuphuce abalandeli ithuba lokubona amaqembu abo 


Ayikho into ebuhlungu njengokuthi ubone umuntu omhloniphayo enza into ebhedayo. 

Ngeledlule ngiphoxekile ngibona uMu uFlorentino Perez Rodriguez ekhombisa ukweseka ukuthi kuvulwe iligi ebizobizwa ngokuthi i-European Super League. URodriguez ngicabanga ukuthi ugeje umgodi, lento ayifani naye kwazise uyahlonishwa kunobhutshuzwayo.

URodriguez unguMengameli weqembu laseSpain iReal Madrid, umlando wayo awudingi ukuchazwa kakhulu njengoba isinqobe izicoco eziningi  okubalwa iSpanish La Liga ne-UEFA Champions League.

Lo Mengameli ngabona ebhale ezinkundleni zokuxhumana ethi: “Noma kungathiwa abadlali abadlala ku-European Super League ngeke besayidlala iNdebe YoMhlaba, sizozenzela eyethu.”

Lawa ngiwathatha njengamazwi engane encane. Iqiniso lithi selokhu ngaqala ukulandela unobhutshuzwayo bengiqala ukuzwa lento ye-European Super League.

Okubuhlungu ukuthi amaqembu abesejoyine le ligi madala futhi ayahlonishwayo kunobhutshuzwayo emhlabeni wonke. 

Lokhu kungishiye nombuzo wokuthi ubani lo othanda inkece kangaka ovele waqhamuka nombono wokuthi amaqembu amakhulu ase-Europe awasungule iligi yawo.

Amaqembu abesezinikelile ukujoyina le ligi iManchester United, iChelsea FC, iManchester City, i-Arsenal FC, iLiverpool FC neTottenham Hotspur okungawase-England, iReal Madrid, iFC Barcelona ne-Atletico Madrid aseSpain, iJuventus FC, i-Inter Milan ne-AC Milan ase-Italy.

Okungimangazile ukuthi la maqembu angenhla abesesayine konke, umbuzo wami uthi bese kufike nini lapho? 

Lokhu kungivezela isithombe sokuthi izikhulu zawo azinandaba nabalandeli. 

Bekungokwakwabani ukuthi kuthiwe ngoLwesithathu iBarcelona idlala ne-Arsenal FC, ngoMgqibelo iphinde idlale neJuventus. Kusho ukuthi ezinsukwini ezimbili iqembu belizohambela amazwe amabili, abalandeli balo lapho baphi?

Ukuvulwa kwale ligi bekuzokwehlisa isithunzi somqhudelwano omkhulu i-UEFA Champions League ngoba bekuzoke kuthiwe umdlalo wamanqamu udlalwa iLeicester City yase-England neGetafe yaseSpain amaqembu angakaze adlale kowamanqamu alo mqhudelwano.

Okungichazile ukuthi abaphathi be-UEFA bakhombise ubudoda banqumela ugwayi katiki amaqembu abezojoyina le ligi ukuthi awakhohlwe ukuthi azodlala i-UEFA Champions League. 

See Also

Njengoba lo mqhudelwano ukumaSemi-final nje besekushiwo ukuthi iqembu laseFrance iParis Saint-Germain (PSG) lizoyithola mahhala indebe kwazise iChelsea FC, iReal Madrid neMan City bebezoshaywa ngesithende.

Okunye atshelwe khona la maqembu ukuthi uma eqhubeka eyodla le-European Super League abadlali bawo ngeke besakwazi ukumela amazwe abo. 

Abadlali abakhulu emhlabeni uCristiano “CR7” Ronaldo weJuventus noLionel Messi weFC Barcelona, isifiso sabo sokulwela amazwe abo okokugcina ukuba anqobe iNdebe YoMhlaba besingeke sisafezeka. 

Umuntu owazi unobhutshuzwayo uzokutshela ukuthi awukho umbango omnandi njengowamaqembu abanga ukuyodlala i-UEFA Champions League ikakhulukazi e-England.

Ngokuvulwa kwale ligi ngibona ukuthi bekuqhutshwa imali phambili. Ibizolokhu idlala nje kungekho umqhudelwano ofana ne-UEFA Champions League obuzodlalwa lingekho iqembu ebelizodliwa izembe.

Lapha e-Afrika le ligi ibingabizwa nge-African Super League. Awucabange isijoyinwa iMamelodi Sundowns, i-Orlando Pirates, iKaizer Chiefs, i-Al Ahly, iZamalek, iWydad Casablanca namanye amaqembu. Uma iChiefs ingadlali ekhaya nePirates noma neSundowns amasonto amathathu kulandelana idlala ngaphandle kungayinto enjani leyo kubalalandeli bayo? Lokho bekuzokwehlisa isithunzi seCAF Champions neCAF Confederation Cup. Ngibashayela ihlombe abaphathi bamaqembu aseGermany nePSG yaseFrance abanqabe zisuka ukuthi amaqembu abo ajoyine le ligi. 

Scroll To Top