Now Reading
Ibukeka izoba yinde indlela emaqenjini njengoba ivula eye-ABC Motsepe
Dark Light

Ibukeka izoba yinde indlela emaqenjini njengoba ivula eye-ABC Motsepe

Iyasuka iyahlala kule mpelasonto imidlalo ye-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal. Emasontweni amabili edlule amaqembu adlalile kweyokuhlungela ukungena kumqhudelwano weNedbank Cup Last 32. Iqembu okuyilo eligcine liwaqwaqwada wonke uMkhambath FC, osulinde iqembu elidlala kwiSAB League.  

Kubukeka luzoba lude ukhalo njengoba wonke amaqembu ngesikhathi semidlalo yeNedbank Cup, etshengise ukuthi afuna ukwenza kahle kule sizini. Eqoqweni A kukhona iSummerfield Dynamos, iHappy Wanderers, iNjampela FC, iMkhumbane Classic, iMuzi King Masters, iStone Breakers, i-Asande FC, iMkhwakhwini Classic FC, iMilford FC noMtuba All Stars. Kuthi eqoqweni B khona kukhona iGWP Friends, iDrakensberg, uMsinga United, iX1 Experience, Umvoti FC, i-Ethekwini Coastal, iNewcastle All Stars, iDurban Pioneer, iMidlands Wanderers neMkhambhathi FC. ElaboHlanga likhulume noRemember Mbatha oyiMenenja yomakoti iDrakensberg nobalule ukuthi abazile ukuzokwandisa isibalo kule ligi.

“Sibe nesikhathi esanele ukuzilungiselela le ligi ngenhlanhla kweyokuhlungela ukungena kwiNedbank Cup Last 32, sitholane namaqembu asehlalile kule ligi amanye sawahlula. Ngikholwa ukuthi nakanjani sizobe sibalwa namaqembu asembangweni weligi, asizile nje ukuzokwandisa isibalo” kusho uMbatha. 

Kowokuhlungela ukungena kwiNedbank Cup iDrakensberg ihlule uMvoti FC, iNewcastle All Stars neNjampela FC yabe isihlulwa uMkhambathi kowandulela owamanqamu kumaphenathi. Kowe ligi izovula neGWP Friends, lo mdlalo uzobanjelwa eTills Cresent ngelesi-3 kusasa ntambama.  

“IFriends idlala kahle kakhulu siyibonile kodwa siyihlelele kahle kakhulu, siyazi sizoyibambaphi. Ngoba ngisho ukuthi la sizoba sembangweni, alikho iqembu esizolisaba noma sizolihlonipha” kubeka uMbatha. 

See Also

ElaboHlanga liphinde lakhuluma noMafa Zuma oyisekela mqeqeshi likaClinton Larsen kwiSummerfield Dynamos othe, “Kule sizini ngeke sisebenzise abadlali abaningi abaseke bagijima esigabeni esikhokhelwayo, sinabadlali abaningi abancane abasebenza kanzima. Nakanjani sizoqhubeka nokwenza kahle, njengoba senze kahle ngesizini edlule.”  

Leli qembu kuvele ukuthi lisike izinduku ezintsha uSphamandla Sabelo obekwiLamontville Golden Arrows, uSphelele Magubane obesemabhukwini eRichards Bay FC noBoysen Mbatha obegijima kwiPolokwane City.

Scroll To Top