Emuva kweminyaka lizithethile izitoyitoyi elokusunduza
Emuva kweminyaka emine begqigqa enkantolo ngecala lokushaya iphoyisa elalilawula ukuhamba kwezimoto emngcwabeni kaNkk uWinnie Madikizela Mandela abaholi be-EFF libathethile izolo.
UMengameli uMnu uJulius Malema noDkt uMbuyiseni Ndlozi baqoshwa yikhamera besunduzana nosigaxamabhande uLieutenant-Colonel uJohannes Venter ngoMbasa wezi-2018 emzileni obheke emalibeni aseFourways lapho kwakuyobekwa khona endlini yokugcina uMadikizela Mandela.
Izolo iNkantolo yeMantshi eRandburgh inqume ukuthi laba baholi abanacala yase ibakhipha phambili. INkantolo ithe noma isenzo sabo sabonakala njengesiphambana nomthetho uma usibuka okokuqala, kodwa babezivikela.
IMantshi uLieland Poonsamy utshele inkantolo ukuthi, “INkantolo ithole ukuthi incazelo yabasolwa iyezwakala futhi iyiqiniso, ngakho ke abasolwa babengenazo izinhloso zokushaya iphoyisa, uma sibheka ubufakazi.”
Kusuka kwaqala icala laba baholi bebeliphika. Ebufakazini bakhe uVenter wathi uMalema noNdlozi bamsunduza kabuhlungu ngendlela yokuthi wahluleka ngisho ukuzimela.
Ividiyo eyayikhombisa lokhu yasabalala ezinkundleni zokuxhumana. Laba babemi kwelokuthi empeleni uVenter nguye owayemi endleleni yabo engafuni ukuba bangene ngaphakathi emathuneni, ngakho ke konke okwakwenzeka babezivikela.
Isicelo esafakwa abameli babo ngoNhlangulana ukuba leli cala lisuswe ohlwini lwamacala sachithwa. Ngaphambi kokubekwa amacala i-Afriforum yabhalela iNational Prosecuting Authoprity (NPA) ifuna kuqhutshekwe naleli cala.
NgoNhlangulana uMalema watshela inkantolo ukuthi loluya suku uyolukhohlwa efile ngoba lwaba ngolunzima kakhulu empilweni yakhe.
Wakhuluma kanje, “Ngathinteka kakhulu. Ngakhulela kwipolitiki ngoba ngazibandakanya nayo ngisemncane kakhulu. Abantu abanjengoMama uMadikizela Mandela abangikhulisa. Ngangisondelene kakhulu naye, ngakho angikaze ngikucabange ukuthi ngangingavinjwa ukuthi ngiyombeka endlini yakhe yokugcina. Ngaphandle kwenkantolo abalandeli be-EFF bebecula izingoma zomzabalazo bejabulela ukudedelwa kwabaholi babo.
UMalema wayengakufihli ukuthi nakuba esephumile ku-ANC kodwa unokuxhumana okukhulu noMadikizela-Mandela. Nangesikhathi esexoshiwe uMadikizela-Mandela ungomunye wabaholi iowayemvakashela emnxenxa ukuba abuyeke kuKhongolose kodwa wamchitha.
Ngaphandle kwasenkantolo abalandeli babo bathe ekugcineni igama labaholi babo ligezekile ngoba kwase kubekeke sengathi yibo ababephehla udweshu futhi bedudula iphoyisa. Abanye bathe ukube kwakungumholi welinye iqembu, lolu daba ngabe kudala lanyathelwa ngezinyawo, kodwa ngoba uMalema kuze kwadingeka ukuba kuphele iminyaka emine egqigqa enkantolo.
Ngesikhathi sokuloba lapha i-Afriforum ebingapheli enkantolo uma kuhleli leli cala ayizange iphawule.

