Now Reading
UNtshalintshali uchithwe qede wanunuselwa ngesasePhalamende
Dark Light

UNtshalintshali uchithwe qede wanunuselwa ngesasePhalamende

Amathemba okuthi kungenzeka ahole umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi obenguNobhala Jikelele weCosatu uMnu uBheki Ntshalintshali ashabalele ngesikhathi ekhala ngaphansi okhethweni. 

UNtshalintshali obesethathwa njengenjini nengcithabuchopho kule nyunyana wathatha izintambo ngonyaka wezi-2015 ngesikhathi kuxoshwa uMnu uZwelinzima Vavi. 

Kuhluleke ngisho uMengameli weCosatu uNks uZingisa Losi esembiza “ngenqolobane”, kodwa izithunywa zakhuluma okwehlukile. Akazange aphakanyiswe ngisho nangelilodwa igatsha ezinyunyaneni ezili-16 ezingaphansi kweCosatu. Isikhundla sakhe sithathwe imbangi enkulu yakhe uMnu uSolly Phetoe. 

ICosatu izame ukumnunusela ngokuthi athenjiswe ukuyobamba iqhaza kuhulumeni, kepha wakhombisa ukungayizwisisi kahle leyo. Lena kube yingqungquthela egubuzelwe ngokuningi njengoba kuthe ngasekuqaleni kwayo izithunywa zachitha uNgqongqoshe Wezamandla uMnu uGwede Mantashe obekumele athule umyalezo nezilokotho zeqembu elibusayo. Ubehambele le ngqungquthela ngokwesikhundla sakhe sokuba uSihlalo kaKhongolose. 

Ngaphambi kokuqala inkulumo yakhe izithunywa ziqale ingoma zimcela ukuba aphume aphele ngoba uhulumeni ayingxenye yawo wehlulekile ukuhlangabezana nezimfuno zabasebenzi. 

UHulumeni uphakamisa ukuthi abasebenzi bakahulumeni banyuselwe amaholo ngamapheseli amathathu, bona abakubona njengenhlamba. Kuze kwaphoqeleka ukuthi ingqungquthela ihlabe ikhefu ngesikhathi kuphelezelwa uMantashe ekhishwa esteji. 

Ukuhhanyezwa kwakhe kubonakale njengezinkomba zokuthi isikhathi sakhe kwezepolitiki sekungenzeka sifike esiphethweni emuva kwengqungquthela ye-ANC ngoZibandlela, ikakhulukazi uma uMnu uRamaphosa engalitholi ihlandla lesibili. 

UMantashe ungomunye wabayisithupha abaphambili ebuholini be-ANC owaziwa njengodla ngankezonye noRamaphosa. Ngaphandle kwamaholo abakhala ngawo abasebenzi bakahulumeni, okunye osekumdalele amazinyo abushelelezi ukwehluleka ukuqhamuka nezixazululo enkingeni kagesi ezweni. 

Selokhu ethathe izintambo uMantashe usolwa ngokubamba eyeka okungangokuba kuyinamuhla, uhlelo oluqondile loMnyango wakhe ngamandla kagesi alwaziwa.

Scroll To Top