Amasi abekwe elangeni kweyeMTN8 ngempelasonto
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UGumede uthi kulokhu nakanjani bafuna ukwenza lokho okwacelwa uSihlalo ekuqaleni kwesizini okungukunqoba izindondo
Ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023 uMengameli wa-AmaZulu FC uSandile Zungu wabiza idlanzana lezintatheli, nalapho amemezela ukuthi leli qembu lisayinise uGeorge Maluleka. Kukhona konke ayekukhuluma okwabe elokhu ekubalule njalo, ukuthi leli qembu kumele kule sizini nakanjani linqobe inkomishi eyodwa. Kule mpelasonto Usuthu luzodlala umdlalo womlenze wokuqala wowandulela owamanqamu neKaizer Chiefs eFNB Stadium, eGoli.
ElaboHlanga likhulume noMbongeni “Shoes” Gumede, othe eqala ekhuluma wathi bafuna ukuthi nakanjani benze lokhu okwacelwa uZungu ngasekuqaleni kwesizini (okuwumnqobela isicoco). “Okokuqala amalungiselelo alo mdlalo ahamba kahle, imimoya kusukela kubadlali kuya kubaqeqeshi mihle kakhulu. Ukuqala siye kodlala eGoli ngikubona kusivuna, siyazi ukuthi yini esifuna ukuyenza sazi ukuthi sibuya lapha ekhaya esiwombeni sesibili sesoqedela umsebenzi wethu. Emashalofini lapho kuhlala khona izindebe zeqembu akukholutho, sifuna ukuliqeda leloshobolo. UZungu iyona into asicela yona ngesikhathi kuqala isizini, sidinga ukunqoba imidlalo emithathu nje sikwenze lokho. Kodwa esibheke kukhona manje umdlalo wakule mpelasonto, eminye sizobhekena nayo mese kufike isikhathi sayo,” kusho uGumede. UGumede oneminyaka yobudala engama-29, ujoyine leli qembu ngonyaka wezi-2016. Umlando uveza ukuthi ezikaBrandon Truter, zagcina ukunqoba inkomishi ngonyaka we-1992 nokwabe kuyi-Coca Cola Cup.
Emasontweni edlule kuke kwavela ukuthi abadlali abasayizwa indaba kaTruter, ephawula ngalokho uGumede uthe: “Ngiqala nokukuzwa lokho mfowethu, izindaba ezingekho lezo. Umoya eqenjini uwodwa, sizimisele ukwenza kahle. Sinezinhloso eziningi ezinhle siyiqembu” usho kanje. Ubalule ukuthi okunye okuyisifiso sabo ukubuyela ukuyodlala emdlalweni yeCAF Champions League, badlalile kuyo emva kokuqeda endaweni yesibili kulogi yeDStv Premiership ngesizini yowezi-2021/22.
UGumede kule sizini usedlale imidlalo eyisishiyagalombili kweyeDStv Premiership, washaya igoli elilodwa, wadlala owodwa weMTN 8. “Engizifisela khona kule sizini ukudlala imidlalo eminingi, ngilekelele iqembu. Okungangijabulisa kakhulu ukubizelwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana, nokuyiphupho lanoma imuphi umdlali ukumela izwe lakhe”
Useke waligqoka ijezi lesezwe emaqenjini amancane. Imilenze yoSuthu neChiefs kubukeka izoba nzima njengoba bekulambele ukunqoba le nkomishi. IChiefs eminyakeni ibizithathela izinkomishi, kodwa manje sekuphele iminyaka eyi-7 yagcina.
Abadlali okulindeleke ukuthi begqame kulo mdlalo boSuthu uGabadinho Mhango, uGeorge Maluleka noDumisani Zuma abaseke bagijima kuyona iChiefs. Eqenjini leChiefs khona kulindeleke ukuthi uKeagan Dolly, u-Ashley Du Preez, uKgaogelo Sekgota noBonfils Caleb Bimenyimana ovalele amagoli amabili emdlalweni wokugcina leli qembu libhekene neSupersport United koweDStv Premiership.
Umlenze wesibili uzoba mhla zingama-23 kuMfumfu eMoses Mabhida Stadium. Omunye umdlalo owandulela owamanqamu ngophakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns. Umlenze wokuqala uzoba kusasa ngoMgqibelo e-Orlando Stadium, eGoli, owesibili ubanjelwe eLoftus Versfeld, ePitoli zingama-22 kuMfumfu.
Okuzogqama kakhulu kulo mdlalo, ukubonakala okokuqala kwezinduku ezintsha zePirates, okuwuNdabakayithethwa Ndlondlo noKermit Erasmus abathulwe ileli qembu ngeledlule kungalindelekile. UNdlondlo ubegijima kwiMarumo Gallants u-Erasmus yena obuya kwesibili kwiPirates ubesemabhukwini eSundowns. ISundowns izobeka amathemba ayo kuThemba “Mshishi” Zwane, uPeter Shalulile no-Andile Jali.