Now Reading
Ukwanda kwamaqembu kuzoshubisa umbango kuBlind Cricket
Dark Light

Ukwanda kwamaqembu kuzoshubisa umbango kuBlind Cricket

U-Asanda Isaacs Bidla onguMengameli weBlind Cricket South Africa, ubona uzoshuba umbango weBlind Cricket South Africa T20 wezifundazwe wakulonyaka.

Lo mqhudelwano ozobanjelwa eThekwini, uzoqala ngeSonto uze usongwe mhla ziyisithupha kuMfumfu. UBidla ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Owakulonyaka umqhudelwano uzohluka kakhulu kuneminye, okwenza ngisho lokho ingoba baningi abadlali abenze kahle baze babizelwa eqenjini lesizwe. Lokho kuchaza ukuthi liningi ikhono elizogqama kulo mqhudelwano. Okunye ukuthi ngiwabonile wonke amaqemvu ezilungiselela, indlela azilungiselele ngayo ikhombisile ukuthi kuzoshuba kakhulu” kusho uBidla.

Ubalule ukuthi amaqembu okuyiwo awabhekile ukuthi engenza izimanga kulo mqhudelwano, iNortherns, iKwaZulu-Natal esingethe umqhudelwano, iBoland neCentral Gauteng Lions aphinde abe ngumdlali kanti futhi iyona evikela Isicoco njengoba iwunqobile lo mqhudelwano nyakenye eGoli.

“Okunye engikubona kuzoshubisa lo mqhudelwano, ukuthi amaqembu andile bekujwayele ukuthi abe yisikhombisa okanye abe yisithupha kulo nyaka azobe eyi-9. Lokho kuchaza ukuthi ayi umbango uzoba mukhulu kakhulu” kubeka uBidla.

Amanye amaqembu ayingxenye yalo mqhudelwano waminyaka yonke, iLimpompo Novus, iFree State, iWestern Province, iBorder Lions neNorth West.

Izinkundla ezizosetshenziswa iCommons 1 neCommons 2 okuyizinkundla eziseWestville Boys High, iDanville Park, iDurban North College, iKingsmead, iKingsmead Oval neTills Crescent Sport Ground.

See Also

Ngokusho kukaBidla uthi ihlanga lesibili leli enguMengameli. Uthe kukhona aziqhenyayo ngakho ukuthi kusukela efikile usekushintshile kulo mdlalo. “Ngifike lo mdlalo udlala izifundazwe eziyisithupha, kodwa manje usudlalwa izifundazwe eziyisishiyagalolunye. Okusho ukuthi sesiwufakile lo mdlalo kuzona zonke izifundazwe. Lokho kuyajabulisa muningi umsebenzi esizimisele ukuthi siwenze ukukhulisa lo mdlalo. Njengoba usingethwe eThekwini, kuzoba nomkhulu umehluko ngoba abaxhasi abakhulu bawo okuyiHollywoodbets bazinze kuso lesi sifundazwe. Bazobona ukuthi imali abayikhiphayo abayilahli, mhlambe bazofuna ukwenza okukhulu ukuqhubekela phambili” usho kanje.

Uphinde wabalula ukuthi abafuni ukuthi lo mdlalo kukhulunywe ngawo ngoba kuno mqhudelwano okanje, kodwa funakale kukhulunywe ngawo kuwona wonke amagumbi omhlaba. “Okunye esifuna ukukwenza ukuthi lo mdlalo, udlalwe amaqembu kuzona zonke izifundazwe kube namaligi, udlalwe ezikoleni, nakumakolishi. Baningi abantu abangaboni abazithandayo ezemidlalo, sifuna ukubafundisa ngalo” kubeka uBidla.

Scroll To Top