UMessi usengumdlali wePSG ngokugcwele



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Sekuphelile ukuqagela ukuthi uLionel Messi uzobe egijimaphi kusizini ya-2021/22. Lo mdlali sekuvele ukuthi usayine inkontileka yeminyaka emibili neqembu laseFrance iParis Saint-Germain (PSG).
Lo mdlali ushiye izinkumbi zabalandeli zikhala ememezela ukuthi ushiya iqembu akade esedlale kulona impilo yakhe yonke iFC Barcelona. Ngisho izintatheli imbala bezikhala ngesikhathi ekhuluma ngokushiya kwakhe, naye uMessi ukhale kakhulu.
Eqenjini laseFrance uMessi uzojoyina abadlali abanamagama amakhulu, okubalwa u-Angel di Maria, uKylian Mbappe, uMarco Veratti, uNeymar Jnr okade efisa ukuthi lo mdlali (uMessi) ajoyine iPSG.
UMessi oneminyaka yobudala engama-34 ubesedlale iminyaka engama-22 egijima kuFC Barcelona, abaphathi baleli qembu elibukeka linezinkinga bebelokhu bezama ukutmunxenxa ukuthi angalishiyi leli qembu kodwa wagcina elishiyile. Umdlali osesele kubadlali abadala eqenjini iFC Barcelona uGerard Pique.
UMessi ukujabulelile ukuthi uzophinde ahlangane noMessi anqobe naye izindebe ezimbili zeSpanish La Liga, iCopa del Rey kathathu nomqhudelwano i-UEFA Champions League kanye. Uzophinde ahlangane noSergio Ramos obekuReal Madrdi, la badlali bekwaziwa ukuthi uma amaqembu abo etholene bebeba inkukhu nempaka.
URamos esontweni eledule wakusho kwagcwala umlomo ukuthi angakujabulela ukugijima nalo mdlali eqenjini elilodwa, ngoba ugijimile noCristiano “CR7” Ronaldo iminyaka eminingi.