Now Reading
Uthi sekusele anqobe ibhande lomhlaba uSmash
Dark Light

Uthi sekusele anqobe ibhande lomhlaba uSmash

USimangele “Smash” Hadebe uthi uzimisele ukunqoba ibhande le-World Boxing Council (WBC) Silver Flyweight, empini okulindeleke ukuthi ibe ngoNcwaba.

Le ntokazi eyazalelwa eLimpopo kodwa esizinze kwaThema eGoli, isho lokhu ngesikhathi inqoba indodo ye-Female Boxer of the Year. Ubebanga noBukiwe Nonina noHedda Wolmarans. Umcimbi anqobe kuwo ubukade uhlelwe iBoxing South Africa (BSA)

“Ukunqoba kwami akuyona into encane neze. Kungikhuthazile ukuthi ngiye empini ezoba ngenyanga ezayo nentokazi yaseMexico, nginokukhulu ukuzithemba. Iphupho lami ukuthi ngiphathe ibhande loMhlaba, ngeke ngiliyeke leli thuba selizilethile” kusho uSimangele.

Le ntokazi yaqala ukulwa ngonyaka wezi-2016 nalapho yalwa khona noMellisa Miller empini eyaphela kungekho onqobile. Kanti impi yokugcina eyilwile ibe ngoNhlaba, ibhekene noPhannaluk Kongsang waseThailand. 

“Ukunqoba lo mkomelo ngiphinde ngikuthathe njengokuvulela intsha yabesifazane indlela yokuthi nayo inganqoba ingazibona ilapho engikhona. Lokhu kutshengisa ukuthi nathi bantu besifazane, sinawo amandla okuthi singakwenza okwenziwa abesilisa. Angakafiki lapho engifisa ukuba khona, kuningi engisafisa ukukwenza ngiphephelezise ifulegi lalapha eNingizimu Afrika phezulu”kusho uSimangele. 

Le ntokazi iphinde yabalula ukuthi ibonga uNkulunkulu, nokusebenza kwayo ngokuzimisela. 

See Also

Ibuzwa ukuthi ingathini kuMnyango weZemidlalo kazwelonke ukuthi uzame ukulekelela lo mdlalo, ongakutholi ukuxhaswa ngokwanele ithe: “Into endala ukunganakwa kwalo mdlalo, siyacela kuMnyango WeZemidlalo ulekelele ngalokho okuncane, kungenza omukhulu umehluko. Kubuhlungu ukuthi eminye iminxa yemidlalo iyakutholwa ukwesekwa, kodwa lapha kulo mdlalo esiwuthandayo kuyagqoza” kubeka uSimangele. 

Okunye okuvezwe ilentokazi ukuthi kunzima ukuthola ngisho uxhaso olulodwa. 

Abanye abanqobile kuBSA Awards:

  • Male Boxer of The Year: uSivenathi Nontshinga.
  • Promoter of The Year: Ayanda Matiti-Xaba Promotions. 
  • KO of the Year: Wandile Ngxeke no-Athenkosi Ndongeni
  • Ring Announcer of the Year: Sipho Mashego
  • Male Prospect of The Year: Donjuan van Heerden
  • Female Prospect: Monalisa Takane
  • Match Maker of The Year: Abbey Mnisi
  • Manager of The Year: Damien Durandt
  • Trainer of The Year: Khangelani Jack
Scroll To Top