Now Reading
Ukubekezela kuze nezithelo kuShenge osebizelwe kuBafana Bafana
Dark Light

Ukubekezela kuze nezithelo kuShenge osebizelwe kuBafana Bafana

Unozinti weTS Galaxy ubonga umqeqeshi waleli qembu uSead Ramovic ngokumnika ithuba lokuzibonakalisa. UMelusi Buthelezi ubebanga nabanye ozakwabo abathathu ezintini kodwa uRamovic wamnika ithuba emdlalweni omkhulu okwabe kungowokuqala wakhe bebhekene neKaizer Chiefs koweNedbank Cup, sekungumlando ukuthi ezikaTim Sukazi yizo ezanqoba ngegoli elilodwa eqandeni. 

Kuyimanje uButhelezi useqenjini leBafana Bafana elizodlala imidlalo emibili yobungani neSiera Leone neBotswana, ubanga indawo noVeli Mothwa wa-AmaZulu FC  noRonwen Williams weMamelodi Sundowns. “Ngibonga kakhulu ithuba uRamovic anginikeza lona, ukubekezela kwami kwangisiza ngoba omunye umuntu wayezobona ukuthi akalitholi ithuba futhi ungunozinti wesine okhona eqenjini ahambe eyozama inhlanhla kwezinye izindawo. Namhlanje imina ongonombolo-1 eqenjini” kubeka uButhelezi. Kule sizini usevimbe imidlalo eyi-8 ungenelwe amagoli amathathu kuphela.

 “Isifiso sami ukuthi okungenani abeli-15 bakuphela isizini, ngiyazi kungengenzeka kodwa ngifuna kube nemidlalo eyishumi lapho ngingangenelwanga khona igolo emidlalweni. Lokho kobe kusho lukhulu kumina kuyisizini yami yokuqala kwiDStv Premiership”.

Ngokubizwa kwakhe kwiBafana Bafana ubeka kanje: “Akungithusanga ukubizelwa kwami eqenjini lesizwe, indlela ekuqale ngayo isizini ngidlale kahle kakhulu bekumele ngibe omunye wonozinti abaseqenjini lesizwe. Kuzongikhulisa kakhulu, ngizofunda lukhulu ngiphinde nginyukelwe okukhulu ukuzithemba”. Ingcindezi inkulu kuyena njengoba onozinti bangaphambilini baKwaZulu-Natal, benza kahle eqenjini lesizwe njengomufi uSenzo “Nzori” Meyiwa noBrilliant Khuzwayo. “Ngiyazi ukuthi ingcindezi ikhona, benza kahle kakhulu ngezikhathi zabo. Isikhathi sami manje sokuthi ngiqhakaze, iminyaka yami iyangivumela ukuthi ngihlale isikhathi eside ngizibonakalise” usho kanje. 

See Also

Ngaphambi kokuthi uHugo Broos amemezele isikwati, emasontweni edlule uRamovic wakubalula ukuthi uButhelezi kumfanele ukubizelwa eqenjini lesizwe. “Kule sizini uyena nozinti osenze kahle kakhulu kumfanele ukubizwa. Ngiyaziqhenya kakhulu ngaye, ngoba uzimisele lamagoli asamngenelile kwaba amaphutha wonke umuntu uyalenza iphutha” kusho uRamovic. Selilonke iqembu leBafana Bafana lithakwe kanje: NgoNhlolanja lo mdlali waseNquthu wagwazwa bebanjwa inkunzi nomfowabo.

  • Onozinti: uRonwen Williams (Mamelodi Sundowns), uVeli Mothwa (AmaZulu FC) noMelusi Buthelezi (TS Galaxy)
  • Abasemumva: uNyiko Mobbie (Sekhukhune United), uTerrence Mashego, uRushine de Reuck, u-Aubrey Modiba noKhuliso Mudau (beMamelodi Sundowns), uThibang Phete (Al Bataeh, United Arab Emirates), uNkosinathi Sibisi no-Innocent Maela (be-Orlando Pirates)
  • Esiswini: uSibongiseni Mthethwa (Stellenbosch FC), uGoodman Mosele (Orlando Pirates), uSphephelo Sithole (Belenenses, Portugal), uTeboho Mokoena (Mamelodi Sundowns) noLuke le Roux (Varbergs BoIS, Sweden)
  • Abagadli: uKhanyisa Mayo (Cape Town City), uLyle Foster (KVC Westerlo, Belgium), uThemba Zwane (Mamelodi Sundowns), uZakhele Lepasa (Orlando Pirates), uMihlali Mayambela (Aris Limassol, Cyprus), uPule Mmodi (Golden Arrows) noKgaogelo Sekgota (Kaizer Chiefs)
Scroll To Top