Now Reading
Uzibekele isikhathi sokungena ohlwini lwalabo abenza kahle
Dark Light

Uzibekele isikhathi sokungena ohlwini lwalabo abenza kahle


Uthando lokushaya isibhakela lwamngena esemncane futhi usazi kahle ngoba wangena eringini esakhula


Ufisa kuphele iminyaka emihlanu esebalwa nophromotha abahlonishwayo kuleli uHlula “Mholi Wami” Dladla weHlula Dladla Boxing Promotions.

Lesi sitebele sasungulwa ngonyaka wezi-2020 kodwa sathulwa ngokusemthethweni kulo nyaka kubukeka sifike kwezwakala kwezamankomane. 

Ekhuluma nelaboHlanga uDladla ngothando analo ngalo mdlalo uthe: “Ekukhuleni kwami ngikhule nginothando olukhulu lwezamankomane, ngoba ngonyaka we-1996 ngaze ngawudlala lo mdlalo kodwa ngenxa yomzimba wami ngawushiya phansi. Ingakho ngonyaka wezi-2020 ngaqoma ukuthi angisungule isitebela sami, ngizokweseka intsha enothando kulo mdlalo” usho kanje.

UDladla ufike nesitayela esingajwayelekile. Usayinise amabhokisa abevutha esigabeni sama-amesha, lapho kubalwa uLindelani Sibisi, uMxolisi Zuma noSanele Mhlungu. 

Lamabhokisa awaphoxanga emasontweni edlule kade eqala ukulwa esibhakeleni esikhokhelayo, kumqhudelwano owawuhlelwe yiHlula Dladla Boxing Promotions ne-Uhuru Promotions kowabe useMooi River.

USibisi waginqa uMthobisi Mthembu ngomzuliswano wesibili kweye-Junior Lightweight. UZuma wahlula u-Andile Majozi kweye-Junior Featherweight, uMhlungu yena wadlala ngokulingana noDumisani Majozi kwe-Junior Bantamweight.

Abanye osomankomane abangaphansi kweHlula Dlala Promotions uGcina Makhoba ozobe elwa ngempelasonto ezayo ezimpini ezihlelwe iMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi eMgungundlovu eCity Hall. Kube intokazi uBathabile Ziqubu.

UMakhoba uphethe ibhande le-WBF Junior Bantamweight alinqoba ngonyaka wezi-2020 eshaya uMusawenkosi Ndwandwe, ngakubo eDundee. Kuzoba wokwesibili elivikela. Okukuqala ulivikele kuThulani Gumede amshaye ngomcacamezelo womlalisaphansi kwebiseThekwini nyakenye. Empini ezobe iseCity Hall uzovikela ibhande lakhe kuNdwandwe okuzoba impindamshaye ukunqoba kwakhe uMakhoba  iHlula Dladla Boxing Promotions izobe isimzamela impi yeWBF World ngonyaka ozayo.

“Asigcini ngokuba nalaba osomankomane kuphela kodwa, nakuma-amesha kukhona esibabhekelelayo. Lapho ngibala noPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni osanda kuqopha umlando eba owesifazane wokuqala ukubuya nendondo KumaCommonwealth Games akade engoNcwaba e-England. Inhloso enkulu ukuthuthuthukisa lo mdlalo, enginothando lawo. Ngaphandle kothando lawo, iningi intsha enekholo elicashile ingakho sifuna ukuyiveza, sisebenzisana nezindawo okukhona i-Escourt, iDundee kanye neMooi-River. Emvakwalokho sizobe sesisabalala iNingizimu Afrika yonke” kusho uDladla.

See Also

Njengoba uPhiwokuhle ebehambe futhi eyomela iNingizimu Afrika kwi-African Boxing Men and Women Championships esongwe ngeSonto wayethole ihamba idlane yezinkulungwane eziyi-5 zamaRandi. Enikezwa iMeya kaMasipala iMpofana, uMaureen Magubane.

Osomankomane abanye baziqeqesha eSibongile Boxing Gym eDundee kuthi abanye baziqeqeshe eBrintville Gym eMooi River.

Okwavela ngokwenziwa uDladla nokuwukhona okukhuthaza amabhokisa akhe ukuthi elisuke lenze kahle lihlomula ngenkece emva kwempi, nokuyinto leyo engajwayelekile.

“Ngonyaka ozayo sifuna ukuqhatha ibhande loMhlaba. Umuntu okunguye esifuna ukumfaka eringini uThabiso Mchunu. Sisezingxoxweni naye, ngikholwa ukuthi kuzoya njengesifiso sethu. Impela sifuna ukuzakhela igama kulo mdlalo, sifuna ukubalwa nophromotha abahamba phambili lapha eNingizimu Afrika” kubeka uDladla.

Scroll To Top