UKhongolose obhukwini lwamazondo, amatulo nomgolo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
- Umkhokha owaqala eminyakeni eyedlule uyaqhubeka
- Indaba ingezikhundla nomgudu wenkece
NgoLwesithathu esiphuma kuwo bekuqopheka imiyaka eli-14 uKhongolose neNingizimu Afrika babikelwa nguMengameli uThabo Mvuyelwa Mbeki ukuthi useshiya phansi isikhundla sokuhola izwe.
Lokhu uMzizi wakumemezela bukhoma ngesikhathi lapho imindeni eminingi ibukele ithelevishini nokwenza isimemezelo sakhe sifinyelele kuzinkulungwane zabantu kuleli.
UMbeki engemali wabe engathandwa yiwo wonke umuntu ngakho isinqumo sakhe sahlukanisa izwe phakathi ekutheni bekufanele noma uthathe mawala.
Ngakolunye uhlangothi lesi simo sabeka injolozela enhlanganweni yakhe i-African National Congress (ANC). Kuzingqapheli nabahlaziyi kwaba sobala ukuthi lesi kwabe kuyisahluko esisha kule nhlangano endala kunazo zonke ezaboHlanga e-Afrika neyabe inesipiliyoni sokubhekana nezingqinamba zangaphakathi kuyo yonke leminyaka eyedlule.
Okwagqama kusinqumo sikaMzizi wukuthi zabe sezimhlehlele izikhuni kwabo, kanti futhi sekwande namazondo ayevele esemdudula, ngamafuphi wadudulwa ngabathile abamnika ithuba lokuba azisulele yena. Ukube lokhu akakwenzanga kwabe kusobala ukuthi babezomxosha ngandlela thile. Lomkhokha waqhubeka cishe kuzo zonke izinhlaka zeqembu njengoba kwenzinye izindawo lapho kukhona onguNdunankulu noma imeya kepha engeyena usihlalo kwase kwaziwa ukuthi izinsuku zakhe sezincane noma ngabe ubenza kahle kanjani.
Lapha kwaqala amatulo okumbulana ibheshu ngenhloso yokunindana nokukhiphana ezikhundleni. Zanda nezinsolo zokuthi ekududulaneni amalungu nabaholi beqembu basebenzisa izinhlaka zikahulumeni ezibhekele ubulungiswa. Okwalandela nokwafana nalokho okwehlela uMzizi kwaba wukwesula kukaMengameli uZuma naye okwabe sekusobala ukuthi ziyamdudula ezakwabo.
Akukho ukungabaza ekutheni lezi zigameko zombili zaveza ukubola ngaphakathi kuKhongolose nokuyinto engahle yenze umlando wayo omude ushabalale noma ube nechashaza.
Sekwaba yinto eyamukelekile
Udaba lokuklwebhana nokuthinteka kwamalungu ezenzweni zenkohlakalo selaze laphoqa iqembu ukuba libe nohlaka olubhekelele ukuqondiswa kobugwegwe olubizwa nge Integrity Committee. Khona lapho sekwaze kwabekwa nemigomo ethi osebekwe icala zinkantolo kuyomele ehle esikhundleni.
Ngisho imiqulu yalo leli qembu kanjalo nemibiko ifakazela ubukhona bomdlavuza odla iqembu. Konke kukhomba umgolo ngoba nabaxabanayo akungoba beyizitha noma bazana abanye baxabana bengazani inqobo nje uma lo omunye emi nabanye kuvinjwe umgudu wenkece nengcebo.
Lokhu okwengame uKhongolose akubukeki kuzoshabalala njengoba imikhonto ivele isicijile kubhekwe emhlanganweni omkhulu wokukhetha ubuholi obusha.
Asevele aseqalile amatulo aqhutshwa yiwo amazondo nomgolo wezikhundla nomgudu wenkece nengcebo.