Now Reading
I-ATM kubonakala kuseyiyona ephambili ekuvikeleni uMkhwebane olakeni lwepolitiki
Dark Light

I-ATM kubonakala kuseyiyona ephambili ekuvikeleni uMkhwebane olakeni lwepolitiki

Umholi we-African Transformation Movement (ATM), uVuyolwethu Zungula, uthe kunenhloso yokuhlasela uMvikeli woMphakathi osamisiwe u-Advocate Busisiwe Mkhwebane. 

Lokhu kuphakathi kwenqubo yephalamende yeSigaba sama-194 okubheka ukufaneleka koMvikeli Womphakathi osamisiwe isikhundla i-ATM ingelinye lamaqembu amathathu aphikisayo afuna ukumbona uMkhwebane ebuyela ehhovisi lakhe. 

“Lokhu akuhlangene nekhono loMvikeli woMphakathi, kodwa kuwukuziphindiselela, inzondo yomuntu siqu ku-Advocate Mkhwebane. Uma ubheka ukusebenza kwehhovisi loMvikeli woMphakathi ngaphansi kobuholi buka-advocate uMkhwebane, okokuqala, unguMvikeli woMphakathi wokuqala ukuthola amathola imiphumela emihle evela kuMncwaningi-Mabhuku, ngisho nehhovisi likamengameli, neminye iminyango yehluleka ukuthola umbiko ohlanzekile. Okwesibili, useqede imibiko eminingi ukwedlula noma yimuphi omunye uMvikeli woMphakathi,” kusho uZungula. 

Ngesonto eledlule, uMkhwebane ufake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape sokuthi uqiniswe ngokushesha umyalelo ohoxise ukumiswa kwakhe nguMengameli uRamaphosa.

UMkhwebane usiphikisile isicelo sikaMvikeli woMphakathi osabambile, uNksz Kholeka Gcaleka, sokuthi angenelele esicelweni sakhe sokuthi abuyele emsebenzini. 

INkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngoLwesihlanu ilalele isicelo esiphuthumayo sokuthi inkantolo isebenzise isinqumo sayo esikhishwe ngoLwesihlanu olwedlule esihoxisa ukumiswa kukaMkhwebane. Obemele uMkhwebane, u-Advocate Dali Mpofu uthe ibamba loMvikeli woMphakathi liyashayisana ngokuthi lizoyeka ukusebenza kulesi sikhundla uma uMkhwebane ebuya. 

UGcaleka wafaka isicelo sokungenelela ecaleni ukuze alethe amaqiniso ayiqiniso ngehhovisi loMvikeli woMphakathi, ngemuva kokungacaci kahle kukaMkhwebane. 

Omele uGcaleka, uTimothy Bruinders, uthe iBamba loMvikeli woMphakathi linentshisekelo eqondile nelikhulu kulolu daba futhi kumele livunyelwe ukuthi lingenelele.

See Also

Isinqumo sigodliwe

Khonamanjalo, isinqumo sisagodliwe esicelweni esiphuthumayo esifakwe uMkhwebane sokuthi avunyelwe abuyele emsebenzini ngokushesha. Lokhu kungemuva kokuthi iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ikuchithile ukumiswa kwakhe nguMengameli ngoJuni. 

UMkhwebane ufuna ukuphinde avunyelwe abuyele emsebenzini yize efake isicelo sokudlulisa icala eNkantolo yoMthethosisekelo.

Scroll To Top