Now Reading
IMoses Mabhida inesibunge emaqenjini nakubalandeli
Dark Light

IMoses Mabhida inesibunge emaqenjini nakubalandeli

nguSabelo Maphumulo

Sezibe ziningi izinkulumo ezigxeka iPremier Soccer League (PSL), ukuthi iletha imidlalo emikhulu eMoses Mabhida Stadium eThekwini. Kule midlalo kubalwa neyamanqamu, yize abantu abaqhamuka kwezinye izifundazwe bengakufuni lokho kodwa iqiniso lithi yonke imidlalo esingathwa kule nkundla iba impumelelo.  

Ngaphandle kokuthi uma kunemidlalo le nkundla igcwala phama, ngenxa yothando olukubalandeli kodwa iqiniso ukuthi nabaphathi bayo okubalwa uVusi Mazibuko bayakwazi ukuyikhangisa. 

Ngeledlule kuqopheke umlando le nkundla ivula isitolo esidayiswa imifaniswano yeqembu  AmaZulu FC, okuyikhaya lawo. Lento eyenziwe AmaZulu FC ijwayele ukuba ibonakale emaqenjini amakhulu emhlabeni uma ngingabala ambalwa, iFC Barcelona neReal Madrid okungamaqembu aseSpain anazo izitolo ezidayisa imifaniswano yawo khona ezinkundleni zawo okuyiSantiago Bernabeu neCamp Nou. 

Ukuba khona kwalesi sito sekuzokwenza abalandeli boSuthu, bengagcini ngokuba beze enkundleni ngoba bezobuka imidlalo kodwa bazoza bezothenga izimpahla zalo leli qembu. 

Eminyakeni emibili edlule izwe belivaliwe ngenxa yokhuvethe, kwaphoqeleka ukuba kungabe kusavunyelwa ukuba abalandeli bengene ezinkundleni. Kuthe ekuqaleni konyaka bavunyelwa kodwa kwathiwa kuzongena abalujovele ukhuvethe. Kodwa kusukela iqalile isizini kungena noma ubani. Ngingasho ukuthi iMoses Mabhida Stadium iyona esenza kahle kusukela isimo sibuyele kwesijwayelekile. 

Kwenzeka ukuthi emdlalweni weRoyal AM ne-Orlando Pirates abalandeli bagcwalisa inkundla phama. Kuthe ezinsukwini ezintathu ezilandelayo kwaba oweRichards Bay FC neKaizer Chiefs nalapho amathikithiki athengwa wonke. Umjaho omkhulu wamiComrades Marathon emasontweni edlule yaphelela khona. Wonke umuntu wayebutheleke khona efuna ukuyobona ukuthi obani abazogcina bewuqedile umjaho.

See Also

Emasontweni azayo kuyo le nkundla kuzodlala imidlalo eyandulela owamanqamu eMTN 8 emibili, lapho kuzotholana khona AmaZulu FC neKaizer Chiefs emlenzeni emibili. IChiefs iqome ukuthi idlalise umdlalo wayo ekhaya kule nkundla ngenxa yokuthi kuzobe kukhona umcimbi kaJustin Bierber. 

Kujwayelekile vele ukuthi imidlalo yayo yasekhaya iyidlalele kuyo lenkundla. Ngeke ngamangala uma umdlalo wamanqamu  udlalelwe kuyona lenkundla, abaxhasi balo mqhudelwano lokho bazokwenza ngaphandle kokungabaza lokho ngoba bayazi ukuthi amathikithiki ayothengwa njengamakhekhe ashisayo. 

IRoyal AM nayo izosebenzisa imidlalo yayo yeCaf Confederation Cup, khona eMoses Mabhida. Ababhekelele lenkundla kumele bazishayele elikhulu ihlombe.

Scroll To Top