UThikazi uzibonakalise efika kuRoyal AM
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umangaze abaningi njengoba kuthe efika kodwa wafaka amagoli iqembu lakhe libhekene namaqembu amakhulu aseSoweto
Ubashiya bengayifisi indaba abadlali abadala kuPSL uMfundo Langa Thikazi ongumdlali osemncane oyibamba ezinhlangothini phambili kuRoyal AM.
Ungomunye wabadlali okubukeka ikusasa lakhe liqhakazile. Lo mdlali odabuka KwaMashu, kusukela eqalile ukugijima kuDStv Premiership wenza ezibukwayo.
Ngesizini yakhe yokuqala uthe efika nje wakwazi ukuthi ashaye amagoli ebhekene namaqembu aseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
ElaboHlanga likhulume noMhlengi Nxele ongumsunguli weMagic Future Stars Academy okuyiyo eyakhiqiza uThikazi oteketiswa ngelika “Mfana kaGogo”.
Ngokusho kukaNxele ophinde abe isekela likathishanhloko eDr J.L. Dube High School, leli qembu lasungulwa ngonyaka wezi-2014 lisungulwa abafundi ababefunda khona eDr J.L Dube.
Ebuzwa ngemigilingwane egilwa uThikazi uthe: “Hhayi akungithusi neze, ngoba into akhule simbona eyenza. Kuncane lokhu asakwenzile thina sazi okukhulu ngaye. Ngingasho ngaphandle kokusaba ukuthi usafihle induku emqubeni, usazokwenza okukhulu usazozakhela igama” usho kanje. Kule sizini usedlale imidlalo emihlanu wavalela phakathi amagoli amabili.
IMagic Future Stars Academy ino-U10, U11, U12, U13, U15, U17 no-U19. U/19 udlala KwaMashu Local Football Association (LFA) kuPremier uphinde udlale neligi yezikole zaKwamashu. Kanti bonke laba abanye badlala kuDBN Central.
Leli qembu lasungulwa uSfiso Zungu noSiyabonga “Magic” Mthembu. Njengamanje liqeqeshwa uSkhumbuzo Gumede, uMzwandile Gumede noNkawu. Bese liba noCebo Ngcamu oyiMeneja.
“Inhloso yokusungulwa kwalo yingoba kwabonakala isidingo emva kokuthi iDr John Dube High School yaba nomgqigqo omuhle ebholeni lezikole kodwa bonke abadlali bayo bengadlali ndawo ngenxa yokuntula amaqembu KwaMashu. Ngeke ngaqamba amanga kule minyaka izifiso zethu zifezekile kakhulu ngoba izingane ezijimayo sezikhule kakhulu ubuningi bazo. Saqala sijimisa izingane ezingama-40 manje sezili-150” usho kanje.
IMagic Future Stars ezinyangeni ezedlule kwala kancane ukuthi imele iKwaZulu-Natal kowe-Engen U/19, njengoba yahlulwa kowamanqamu. Idlalile iHollywoodbets U/15, DCLFA Easter Tournament, iPinetown Super Cup, Inkunzi, iDurban international, iKasi Lami, iMetro cup namanye. Omunye umdlali oqhamuka kuleli qembu, uLangalakhe Mhlongo yena oyibamba kwiRichards Bay FC nayo egijima kuDStv Premiership.
Uthe uNxele kuyamjabulisa kakhulu ukuphumelela kwalabadlali, ufisa ukuthi benze kahle, bashintshe isimo sasemakubo bese beqeda nenkolelo embi ethi abadlali baKwamashu bangoskhotheni.
Abanye abadlali abaphuma kuleli qembu nguSphephelo Majola oqokwe njengomdlali ovelele eqenjini la-AmaZulu FC kuDStv Diski Challenge, uPhilani Sithebe noSabelo Jiyane beRoyal AM kwi-DDC.
Iqembu liphila ngoxhaso oluphuma kubazali ukufeza idingo, isibhalise njenge-Non Profit Organisation (NPO). Laqalwa lilekelwa iBaningi Bafana Contruction, manje isekelelwa iMe & U Contractors ebaxhasa ngokuthi bekwazi ukufika ezinkundleni nezinto zangaphakathi.
Abanye uMasipala weTheku neNCL Lotto. Kodwa uxhaso olukhulu uNxele ukubalulile ukuthi luqhamuka kubazali.”Sizosungula indlela yokuthi sihlangane nezikole eziseduze, ukuthi silekelelane kwezemidlalo.
Okuyimbangela yalokho ukuthi akuwona wonke umuntu ozophumelela ngemfundo, ezemidlalo nazo ziyaphumelelisana” kubeka uNxele.