Now Reading
UMntungwa uthi usekulungele ukubuyela eringini
Dark Light

UMntungwa uthi usekulungele ukubuyela eringini


Ubhoboka ngobuhlungu nobunzima adlule kube emuva kokushona kukazakwabo empini yokugcina


Ezinyangeni ezintathu ezedlule isibhakela saseNingizimu Afrika saba sematheni emhlabeni jikelele ngesikhathi kuquleka uSimiso “Gandaganda” Buthelezi eringini kwase kuthi emva kwezinsuku ezimbili wadlula emhlabeni. Lesi sigameko senzeka eGreyville Convention Centre eThekwini sashiya abantu bebambe ongezansi. 

Empini yakhe okwaba ngeyokugcina uButhelezi wayebanga ibhande le-WBF Lightweight noSiphesihle Mntungwa. Kwakukhona ukuthi uButhelezi angagcina eyinqobile impi, kodwa kwathi kusekuhle kwabonakala ngaye esefulathela waya ekhoneni ilapho afike washaya izibhakela emoyeni. 

Wonke umuntu wathuka, unompempe wabe esethatha isinqumo sokuthi anike uMntungwa ibhande. Emva kwalezo zimpi ezazihlelwe iStarline Boxing Promotions, kwasuka umsindo ezinkundleni zokuxhumana abantu benemba ngamagama uMntungwa bethi ubemhambelile uButhelezi. 

UMntungwa ngeSonto eledlule ubonakalile eGreyville Convention Centre, ezimpini ebeziqhathwe iSiyethaba Boxing Promotions. Bekungokokuqala ukuthi abe khona kusukela kwenzeka isigameko ngomhla zinhlanu kuNhlangulana nonyaka. 

Ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Kube imizuzwana enzima kumina ukungena kwami eGreyville Convention Centre, ngoba ukugcina kwami ukuba lapha kwaba usuku engingasoze ngalukhohlwa empilweni yami. Bengidinga ukuthi ngizidele, ngibe nesibindi ngifike ezimpini ukukhombisa ukuthi kwabe kungeyona inhloso yami okwenzeka kuGandaganda. Ngaphambi kokungena eringini naye sasayina isivumelwano sokuthi sizongena sobabili eringini, lokhu okwenzeka kuyena kwakungenzeka kumina. Kwakungesona neze isifiso sami, mina ngangifuna ukunqoba ibhande kuphela hayi ukuthatha umphefumulo wakhe” kusho uMntungwa osebenzisa isandla sokudla.

Lo somankomane oneminyaka yobudala engama-27 udabuka eCato Ridge, esigodini kwaXimba waqala amankomane ngonyaka wezi-2012 elwa kuma-amesha kuthe ngowezi-2015 wabe esengena kwesikhokhelwayo. 

Impi yakhe yokuqala esibhakeleni esikhokhelwayo wayilwa noMhlengi Ndlovu. 

Ezimpini ezili-10 asezilwile usahlulwe kweyodwa lapho ashaywa khona uPhumelele Sobahle ngonyaka wezi-2019.

“Kube izinyanga ezinzima kakhulu ngibonga odokotela akade bengiluleka ngokomqondo nokuthathe amasonto cishe ayisikhombisa. Kwangiphatha kabi ukuthi ngithukwe ngalendlela, kwaze kwangenza ngigcine ngiphuma ezinkundleni zokuxhumana. Okunye engazitshela khona ukuthi abantu kakade bayohlala benemibono yabo emihle noma emibi. Ngibabonga bobabili, laba ababengibeka amabala bangikhulisa kuthi labo ababengeseka bona bangitshengisa ukuthi bayangithanda ngisho ezikhathini ezinzima” kubeka yena.  

See Also

Uthe okubuhlungu ubeqala ukugqama kodwa usezogqama ngokuthi kube khona umuntu odlula emhlabeni.  Yize wayefisa ukuyofihla uButhelezi kodwa ngenxa yokusabela ukuphepha kwakhe  akayanga, kunalokho wamhlonipha ngebhande leli leWBF Lightweight nathe wayemvalelisa njengesosha elafela emsebenzini walo.

Ebuzwa ngobudlelwano bakhe noButhelezi uthe: “Sasikhuluma naye kakhulu, ngikhuluma nje ngoLwezi eCity Hall, eMgungundlovu ezimpini zeMvelo Boxing Promotions ngaya ukuyomeseka. Ngisho umqeqeshi wakhe uSkeleton siyazwana kakhulu naye NgeSonto njengoba bengiseGreyville, ngikhulumile nosomankomane abasesitebeleni  esasiziqeqesha kuso noButhelezi ngibakhuthaza futhi ngabatshela ukuthi  angiyena lomuntu abantu ababekhuluma bethi nginguyena”.  

Mayelana nempi azoyilwa maduze, uthe usalinde ukuzwa kubaqeqeshi bakhe kodwa kukhona akholwa ukuthi kuzohlangana maduze avikele ibhande lakhe. 

“Ngiyacela ukuba oPhromotha bangiqhathe, njengoba ngiqalile ukuziqeqesha ngifuna ukubuyela eringini. Isibhakela impilo yami, senza ngikwazi ukubeka isinkwa etafuleni ekhaya. Umdlalo engiwuthanda ngenhliziyo yami yonke” kuphetha uMntungwa.

Scroll To Top