UNgwezi ubalula osekuzuziwe eMhlathuze



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ukufika kokhuvethe eminyakeni emibili edlule kwehlisa umnotho ezweni njengoba kwaphela ngamanye amabhizinisi, amanye avalwa isikhashana. Isikhumulo sesindiza saseMhlathuze naso kwaphoqeleka ukuba sivalwe.
Emva kwezinyanga ezingama-20 savalwa, kusukela ngoMsombuluko sizoqala futhi ukusebenza. Lokhu kuqinisekiswe iMeya yoMkhandlu, uMnu uXolani Ngwezi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngasekwenzile kusukela aqokelwa kulesi sikhundla.
“UMhlathuze ungezinye zezindawo ezinothile KwaZulu-Natal, ukhuvethe lasishaya kakhulu ngikholwa ukuthi ukuvulwa kwalesi sikhumulo sezindiza kuzoguqula izinto eziningi. Sesizokwazi ukuthi samukele izivakashi eziqhamuka ezindaweni ezihlukene. Ngomhla zili-19 kwephezulu nakanjani sizovulwa ngokusemthethweni” kusho uNgwezi.
Ukuvulwakwaso kuhambisana nokulunga kwenkundla iMhlathuze Sports Complex, okuyikhaya leRichards Bay FC egijima kuDStv Premiership.
IMeya ithe inkundla phambilini ibimumatha abantu abayizinkulungwane eziyi-6 manje isizomumatha abayizinkulungwane eziyi-9.
Njengamanje iRichards Bay FC isebenzisa iKing Zwelithini Stadium eMlaza. Konkunye okubalwe uNgwezi ukuthi bavulelwe amacala emaphoyiseni abasebenzi bakaMasipala abasolwa ngokubhubhudla izigidi ezilinganiselwa kwezili-18 okwabe kungeyamathenda amabili yokwakhiwa kwesithabathaba somuzi weMeya neyokwakhiwa kwenkundla yezemidlalo.
UMkhandlu uthe womabili amacala aphenywa wuphiko lwamaphoyisa olulwa nenkohlakalo.
“Emva kokuvela kobufakazi umkhandlu ube usuvula icala emaphoyiseni. Sifuna ukubona abasolekayo bethathelwe izinyathelo.”
Uthe ngesikhathi bengena kulo mkhandlu obuphethwe yi-ANC, bafice inqwaba yenkohlakalo okungangokuba kukhona abasebenzi asebemisiwe. Umkhandlu usanda kuthatha isinqumo sokuwudayisa umuzi kulandela izikhalo ngokwakhiwa kwawo.
UNgwezi uthe baphinde bathola ubufakazi bokubhubhudlwa kwemali ekwakhiweni kwenkundla iSikhaleni Fitness Centre. Le nkundla yakhiwa ngezigaba, enye imali yayo iqhamuka eMnyangweni wezeMidlalo.
UNgwezi uthe basanda kuthola ubufakazi bokubhubhudlwa kwengxenye yezigidi ezili-16 wokugcina ofakwe ekwakhiweni kwale nkundla.