Now Reading
Iya ngokushuba eyokubulalana kwabavukuzi abangekho emthethweni
Dark Light

Iya ngokushuba eyokubulalana kwabavukuzi abangekho emthethweni

Umphakathi waseNew Canada eGoli usovalweni kulandela ukutholwa kwezidumbu  zabantu abayi-6, okuthiwa bebengabavukuzi abangekho emthethweni. Ukuvela kwalezi zindaba kuthiwa kubukeka kuzoqhubeza umsindo kuleya ndawo ophakathi koZama Zama.

Umphakathi uthi sekuphele iminyaka eminingi bebona abesilisa belwela indawo kanti ingxabano ivame ukungapheli ngaphandle kokuchitheka kwegazi. Ngokombiko kuvela ukuthi lezi zidumbu zitholwe zinamanxeba okugwazwa ezinye kungathi zinamanxeba esibhamu.

Zitholakale eduze kwendawo yokulahla udoti eBosmont ngase-New Canada, kodwa bezisondelene kakhulu nemizi. 

Ilunga lomphakathi lidalule ukuthi miningi iminyaka kwenzeka lokhu. “Bayalwa babulalane. Sinovalo lokuthi kuzogcina kuthinteka abantu abangenacala. Omunye wezisulu ubaleke wangena egcekeni lomuntu ngesikhathi edutshulwa washona khona lapho. Ezinye izidumbu ezinhlanu zitholwe zisabalele esigangeni” kusho lona wesilisa igama lakhe eligodliwe.

Izakhamizi ezithuthumelayo zithi zisabela impilo yazo kanti sezicela amaphoyisa ukuthi angenelele axoshe abavukuzi endaweni yabo.

See Also

Okhulumela amaphoyisa eGauteng uLt Colonel uMavela Masondo (osesithombeni) ukuqinisekisile ukuthi kutholwe izidumbu eziyisithupha kule ndawo. “Amaphoyisa alunywe indlebe ngezidumbu ebezidindilize esigangeni eduze nothelawayeka uN1 eBosmont ngaseNew Canada. Amaphoyisa adlulele endaweni yesigameko kwathi esesesha endaweni, kwatholakala izidumbu eziyisithupha zinamanxeba okudutshulwa abanye benamanxeba okugazwa” kusho uMasondo.

UMasondo uthe imbangela yokudubula ayikaqinisekiswa okwamanje nakuba abashonile kusolwa ukuthi babengabavukuzi abangekho emthethweni. Ube eseqinisekisa ukuthi amaphoyisa azoqhubeka nokulandelela lolu daba, oselubikwe izikhathi eziningana.

Scroll To Top