Now Reading
Abanayo ingcindezi yokunqoba eyoMhlaba
Dark Light

Abanayo ingcindezi yokunqoba eyoMhlaba

USihle Ngubane ongowomunye wabadlali abazomela iNingizimu Afrika kumqhudelwano weHockey iMen’s FIH Hockey World Cup, uthi abanayo ingcindezi engako yokuthi banqobe lo mqhudelwano.

Lo mqhudelwano ozodlala okwe-15 uzoqala namuhla ngoLwesihlanu, ubanjelwe e-India.

“Okwamanje sibheke ukuthi senze kahle emdlalweni yamaqoqo. Ngeke sizibheke ekutheni singawunqoba lo mqhudelwano singakadlali nowodwa umdlalo. Into okumele sizixake ngayo i-Argentina lena esizovula nayo kweyamaqoqo, kanye nalawa amanye amaqembu esinawo eqoqweni” kusho uNgubane ekhuluma nelaboHlanga ekhona e-India. 

Ubalule ukuthi babesekhempini izinsuku eziyisithupha ukuzilungiselela lo mqhudelwano, amalungiselelo ahambe kahle.

Ebuzwa ukuthi kutheni kuyena ebona igama lakhe kwabazomela iNingizimu Afrika kweyoMhlaba uthe: “Isikhathi lesi ekade ngasilindela, bengisebenza kanzima ukuthi nami ngisho ukuthi ngake ngayimela iNingizimu Afrika kweyoMhlaba. Ngikholwa ukuthi angenzelelwanga kepha bekumele kube nje, kusukela ngimncane bengisebenza kanzima futhi ngizimesele kulo mdlalo” kubeka uNgubane. 

Umdlalo wokuvula weNingizimu Afrika uzoba ngehora lokuqala emini eKaliga Stadium. 

Ubizelwa kweyoMhlaba nje uNgubane unyaka wezi-2022 ube unyaka omuhle kakhulu kuyena kwazise kuningi akuzuzile. 

Ngasekupheleni konyaka uNgubane ube yingxenye yeqembu lesizwe elinqobe umqhudelwano wamazwe iFIH Nations Cup, nokumqhudelwano owawubanjelwe eNorth West University (NWU), ePotchefstroom.

Ukuqopha lo mlando kweNingizimu Afrika kwayenza yakwazi ukuthi izibekele indawo kwi-FIH Pro League okuyiligi enkulu emhlabeni yalo mdlalo. Kwi-FIH Pro League  amazwe adlala khona i-Argentina, iBelgium, i-England, iFrance, iGermany, i-India, iNetherlands, iSpain neNingizimu Afrika.

“Unyaka odlule kube unyaka oyimpumelelo kakhulu kumina, ngoba ngidlale okokuqala eqenjini lesizwe. Kuthe kusenjalo nganqoba i-Afcon eyabe iseGhana nalo iqembu lesizwe, ngathola ithuba lokuthi ngidlale e-Argentina. Emva kwalokho ngathola indondo yesiliva kumqhudelwano we-University Sport South Africa (USSA) neqembu le-University of Pretoria (Tuks) lapho engifunda khona. Ngiphinde nganqoba indondo yegolide koweVarsity Cup neTuks, ngaba ukaputeni eqenjini lesizwe  labaneminyaka bangaphansi kweminyaka engama-21 sidlala neMalaysia ngaqokwa njengomdlali wosuku. Nakhu manje sengiqophe umlando neqembu elinqobe iFHI Nations Cup. Nonyaka ngithole izindondo zegolide ezine” kusho uNgubane.

INingizimu Afrika kweyoMhlaba iseqoqweni A, ine-Australia iyona eyingozi njengoba kwedlule yaphuma endaweni yesithathu ngonyaka wezi-2018 kanti iyona esawunqobe kaningi lo mqhudelwano kathathu, i-Argentina neFrance.

Imidlalo yamaqoqo yeNingizimu Afrika:

See Also

  • Namuhla ine-Argentina ngele-13:00.
  • Mhla zili-16 ibhekane neFrance ngele-17:00.
  • Mhla zinama-20 idlale ne-Australi ngele-15:00.

Iqoqo B

  • Belgium (evikela isicoco), iGermany, iSouth Korea neJapan

Iqoqo C

  • INertherland, iNew Zealand, iMalaysia neChile

Iqoqo D

  • India, I-England, iSpain neWales.

Izinkundla ezizosebenza:

  • Ikalinga Stadium neBirsa Munda International Stadium.
Scroll To Top