Now Reading
UNgiba uthi akumthenanga amandla ukungabuyi negolide
Dark Light

UNgiba uthi akumthenanga amandla ukungabuyi negolide

“UKUNGABUYI kwami nendondo yegolide akungithenanga neze amandla. Kunalokho kuyangigqugquzela ukuthi ngisebenze kakhulu ukuze ngifeze amaphupho ami, okuwukuthi nginqobele iNingizimu Afrika izindondo zegolide.”

Lawa ngamazwi kasomankomane osemncane uSiza Ngiba obemele iNingizimu Afrika eBotswana ngeledlule, emqhudelwaneni wabangaphansi kweminyaka engama-20 obizwa ngokuthi iRegion 5 Youth Games.

UNgiba ozinze eClermont nolwa ngaphansi kwesisindo esingama-52 kg ukwaze ukuthi abuye nendondo yesiliva kulo mqhudelwano.

Eqhuba ekhuluma neBayede uthe: “Ukuthola kwami isiliva kusho kukhulu, lolu hambo lube yimpumelelo kakhulu kumina. Ngithanda ukubonga umndeni wami, abaqeqeshi kanye nabalandeli abahlezi bengiseka. Ngabe ngenze iphutha uma ngingakhohlwa iBoxing South Africa okuyiyo eyenze sahamba kahle,” kubeka uNgiba ofunda e-Overport High School.

Lo somankomane ubengeyedwa ukumela elakuleli kulo mqhudelwano, ubehambe noSakhile Hlatshwayo kanye noPhilile Ndelu.

USakhile olwa esisindweni esingama-60 kg ukwaze ukuthi abuye nendondo yethusi, kwathi uPhilile olwa esisindweni esingama-75 kg wabuya nendondo yegolide.

Ekhuluma ngezifiso zakhe uNgiba uthe: “Ngiyafisa ukubalwa neqembu elizomela iNingizimu Afrika kumaCommonwealth Games, ngibuye nendondo yegolide. Eminyakeni ezayo ngiyafisa ukuthi uma ngingena eringini ngithole ukuhlonishwa njengosomankomane engizifelayo ngendlela abenza ngayo o-Errol Spence Jr noRoy Jones baphesheya kwezilwandle, kuleli ngifisa ukuhlonishwa njengoThabiso Mchunu noMoruti Mthalane,” kusho uNgiba.

INingizimu Afrika ibiqhudelana namazwe ali-15 alapha e-Africa, obekukhona iLesotho, iZimbabwe, iNamibia, iLesotho namanye.

See Also

UNgiba esesonga ithe imshaya ngaphakathi indlela uPhilile enza ngayo: “Ukubuya nendondo yegolide kukaPhilile kuyinto esijabulisa kakhulu, siyaziqhenya kakhulu ngaye. Ngiyafisa ukuthi aqhubeke nokusebenza kanzima, noma kuthiwa kunzima kanjani angapheli amandla ngoba eminyakeni ezayo angingabazi ukuthi uzoliphakamisa ifulegi lalapha eNingizimu Afrika,” kusonga uNgiba.

Umqeqeshi kaNgiba ophinde ahlobane naye uSfiso Ngiba uthe uyaziqhenya kakhulu ngaye.

“Ngiyaziqhenya kakhulu ngokwenziwe uSiza kokuthi asibuyele nendondo yesiliva. Yize besifisa ukuthi abuye neyegolide, kodwa kuyasigculisa abuye nakho. Ngizimisele ukuthi ngenze ngakho konke ukuthi ngimsize afeze amaphupho akhe, amanye awo okungukuthi amele indondo yegolide kumaCommonwealth Games. Ngalowo nyaka ngiyokwenza ngakho konke ukuthi uzicija ngokwanele futhi usesimeni esanele,” kubeka uSfiso Ngiba.

Scroll To Top