Kungekudala iNjampela ingase izitholele ikhaya elisha eHlalankosi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IMeya yaKwaNongoma uMangaqa Mncwango ithe kuyajabulisa ukuthi iqembu likanobhutshuzwayo elidabuka khona eligijima ku-ABC Motsepe League iNjampela FC imidlalo yayo kungenzeka ukuthi selizoyidlalela khona kwaNongoma.
INjampela FC ezoqala isizini yesithathu igijima ku-ABC Motsepe League, imidlalo yayo yeligi iyidlalela ePrince Mangosuthu Stadium, Olundi nokwenza kube buqamama kubalandeli.
“Kuyangithokozisa ukuthi ikhona inkundla ezosetshenziswa iqembu lalapha elikhulu uma lidlala imidlalo yeligi. IMona Sport Ground yize laba abahlola izinkundla bengakayihloli kodwa ngikholelwa ukuthi isezingeni, ayikho into engenayo, kunezindlu zokushintsha, indawo yabalandeli, ibiyelwe notshani bakhona busesimeni” kusho Mncwango.
IMona Sport Ground ngoLwesihlanu owedlule ibihanjelwe uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, u-Amanda Bani-Mapena ngesikhathi kusayinwa isivumelwano sezemidlalo yezikole phakathi koMnyango wezeMidlalo nowezeMfundo eyisiSekeko.
UMphathiswa uyincome kakhulu le nkundla, wathi isesimeni esihle. Eqhuba uMncwango uthe: “Yize isabelomali sincane kodwa siyaqinisekisa ukuthi iqembu iNjampela FC sizoyilekelela ngekudingayo. Siyafisa ukuthiinyukele esigabeni esiphezulu ngelinye ilanga” usho kanje.
Ngesizini edlule iNjampela iqede endaweni yesithathu.
ElaboHlanga liphinde lakhuluma noVusi Buthelezi ongumsunguli wayo.
“Kuyangijabulisa nami ukuthi kungenzeka sigijime imidlalo yasekhaya eMona Sport Ground. Leli qembu ilona kuphela elikhona kwaNongoma ngalokho abantu kumele balisekele ukuze likhuphuke nalo ngelinye ilanga, ukwesekwa lizokuthola uma lidlala lapho elidabuka khona” kusho uButhelezi.
Elesithathu leli qembu kwaNongoma eseligijima ku-ABC Motsepe League, amanye iHighlanders ne-One Touch.
Ebuzwa ngezifiso zeqembu kule sizini uButhelezi uthe: “Lona unyaka esifake ngawo ISILO esibayeni lapha kwaNongoma, kungakuhleke iqembu lakhona kube ukuthi limela isifundazwe kweyokuhlunga bese linyukela kuMotsepe League Foundation. Kule sizini sizimisele ukwenza kahle kakhulu, kunakuqala” usho kanje.
Kule mpelasonto leli qembu lizogijimisana neMtuba All Stars FC kowokuhlungela ukungena kumqhudelwano iNedbank Cup. Lo mdlalo uzodlalelwa ePrince Mangosuthu Stadium, komunye umdlalo wesibili kuzoba oweStone Breakers neMidlands Wanderers FC nawo ozodlalelwa enkundleni efanayo.
Kulindeleke ukuthi libe lodwa iqembu elizoqhubekela phambili, lilwelwa ukuzibekela indawo koweNedbank Cup Last 32.
Ephawula ngamalungiselelo okuqala kwesizini uButhelezi uthe: “Iqembu liqale ukuziqeqesha ngoNtulikazi, konke kuhamba kahle kakhulu, sikwazile ukuthola abadlali eqenjini elisiphakelayo iVJ Stars ukwandisa isibalo eqenjini. Ngikholwa ukuthi abadlali esinabo sebenaso isipiliyoni sakuleligi ngalokho ngiqonde ukuthi ngeke sibe nenkinga siyazi ukuthi sizobhekana nani” usho kanje.