Nakuba izimo zivuna iDowns kodwa iGallants izolwela ukuvikela isicoco


Kuphela amaphupho emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup kusasa ngelesi-6 ebusuku eRoyal Bafokeng Stadium, eNorth West phakathi kweMamelodi Sundowns neMarumo Gallants.
Okuzokwenza lo mdlalo uhlabahlose:
Irekhodi likaDan Malesela kuNedbank Cup:
Yize iMamelodi Sundowns ibhubhisa kwasani ebhekana nayo kulezi zinsuku kodwa kuzomele igawule ibheke emdlalweni wakusasa. Phela uMalesela akaqali ukuba kulesi simo. Ngowezi-2019, akekho owayemnike ithuba ngesikhathi esacija iTS Galaxy FC. Wayebhekene neKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium wafika wayibhincisela nxanye. Wayiqumba phansi ngo-1/0 wakhala wemuka nesicoco. IGalaxy yaqopha umlando iba yiqembu lokuqala emlandweni webhola e-Afrika ukuphakamisa isicoco seNedbank Cup isadlala esigabeni esiphansi. Namanje uMalesela abamnike ithuba. ISundowns iyona ethwelwe ngeqoma.
ISundowns ibheke izicoco ezintathu ngesizini eyodwa:
Selokhu kwagcina nge-Orlando Pirates ngowezi-2010/11, ukuthi iqembu lihlabane ngezicoco ezintathu ngesizini eyodwa eNingizimu Afrika. EZimnyama zakhala zemuka nesicoco seMTN8, eseTelkom Knockout nese-Absa Premiership. Kusukela lapho alikho elinye iqembu eselake lazuza into ifana nale. Kule sizini, iSundowns ivele isinqobe isicoco seMTN8 eyithathe yehlula iCape Town City eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. NgoMsombuluko iphakamise isicoco seligi ngokusemthethweni eChatsworth Stadium, eThekwini. Kusasa izobe ithungatha isicoco sayo sesithathu kule sizini.
IMarumo Gallants ibheke ukuvikela isicoco sayo:
Selokhu lo mqhudelwano uqale ukuxhaswa ngabakwaNedbank lilodwa kuphela iqembu aselake lavika lenkomishi ngempumelelo. ISuperSport United iwunqobe amahlandla amabili elandelana ngowezi-2016 nangowezi-2017. Ngesizini edlule iGallants ithele othulini iChippa United ngo-1/0. Kusasa izobe ibheke ukusivikela lesi sicoco bese ihlomula ngesamba sezigidi eziyisi-R7.
Indlela yeMarumo Gallants ebheke kowamanqamu:
kuLast 32:
iMarumo Gallants 2-0 iSantos
kuLast 16:
iMarumo Gallants 1 (5) – 1 (4) i-Orlando Pirates
kuQuarter-final:
iMarumo Gallants 1-0 iBaroka FC
kuSemi-final:
iTshakhuma 0-1 iMarumo Gallants
Indlela yeMamelodi Sundowns ebheke kowamanqamu:
kuLast 32:
iRichards Bay FC 0-4 iMamelodi Sundowns
kuLast 16:
iMamelodi Sundowns 6-0 iMathathai
kuQuarter-final:
iMamelodi Sundowns 5-0 iSummerfield Dynamos
iSemi-final:
iRoyal AM 1-2 iMamelodi Sundowns
Irekhodi leSundowns emlandweni weNedbank Cup, iyinqobe ngowe-1986, ngowe-1998, ngowezi-2008, ngowezi-2015 nangowezi-2020.
Irekhodi leMarumo Gallants emlandweni weNedbank Cup, ibe ngompetha ngesizini edlule.
Abadlali abangase baqale umdlalo kuSundowns:
Ezintini:
uDenis Onyango
Emuva:
uKhuliso Mudau, uLyle Lakay, uBrian Onyango noGrant Kekana.
Esiswini:
u-Andile Jali, uThemba Zwane, uSiphelele Mkhulise, uGaston Sirino noSurprise Ralani.
Phambili:
uPeter Shalulile.
Abadlali abangase baqale umdlalo kuMarumo Gallants:
Ezintini:
uKing Ndlovu
Emuva:
uTshepo Gumede, uLehlohonolo Nonyane, uThato Khiba, noMabotje
Esiswini:
uNdabayithethwa Ndlondlo, uCelimpilo Ngema, uMiguel Timm, uKatlego Otladisa noJoseph Malongoane.
Phambili:
uSede Junior Dion
Abadlali ababhekiwe
uNdlondlo noJali
Bobabili laba badlali bayizinjini zamaqembu abo. UJali uhlakaza iminyakazo yezitha bese ephakela ozakwabo ngesinono. Ngakolunye uhlangothi uNdlondlo nguyena owakha aphinde avalele enethini amagoli amqoka kuGallants. Ozoba sefomini osukwini angase anqobele ezakhe umdlalo.
uNonyane noShalulile
Kuyo yonke imiqhudelwano uShalulile usehlohle amagoli angama-29. Wonke amehlo azobe ethe njo kuyena ekutheni aqhubeke nale fomu. UNonyane uzobe ebhekene nomthwalo wokuvala uShalulile.
uMudau no-Otladisa
UMudau ukhonze ukushoshela phambili kodwa kulokhu uhlalelwe ngumsebenzi wokuvala u-Otladisa onejubane nemijiko eya phambili.
UDan Malesela ocija iGallants
“Asinalo uvalo. Iningi labadlali abalapha eqenjini bebekhona ngesizini edlule iqembu linqoba le ndebe. Ngakho akekho umdlalo ozothuka. Nami sengike ngayinqoba le ndebe phambilini. Konke lokhu kuzokwenza singathuki. Siyakwazi okumele sikwenze ukuze sinqobe. Angeke sihlale emuva. Leyo akuyona indlela yami yokudlala. Sizohlasela zisuka. Sifuna ukuphumelela. Siyaqonda nesitha sifuna ukunqoba. Yingakho kungeke kube lula. Sizolwa umdlalo uqala uze uyophela.”
uGordon Igesund owayecija iSundowns
“Kubhekene amaqembu amabili adlala ibhola elidla utshani. ISundowns iya kulo mdlalo ihambela phezulu. Isanda kunqoba isicoco seligi. Ngaphandle kwalokho sebekwenze usiko ukuphumelela kweyamanqamu. Isipiliyoni sizoba ngukhiye kubona. Bagaqele isicoco sabo sesithathu. UDan angeke avume kalula kodwa iSundowns ngiyayinika lo mdlalo.”