Inkulu indaba inamanzi kuMasipala iTshwane



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle uthi ucabanga ukuthatha umzila wezomthetho ukuze uphoqe umasipala waseTshwane ukuthi uhlinzeke ngamanzi ahlanzekile aphuzwayo kubahlali baseHammanskraal, ePitoli. Umnyango uthi kuncane kakhulu okube khona uma ingekho inqubekelaphambili mayelana nomsebenzi waseRooiwal Waste Water Treatment works.
Amanzi yilungelo lomuntu eliyisisekelo elinqatshelwe abantu abaningi abahlala eHammanskraal. Futhi ukunqanyulwa kwakamuva kukasonkontileka oqokelwe isigaba sokuqala sokuthuthukiswa kanye nokulungiswa kabusha kwemisebenzi yokuhlanza Amanzi Angcolile eRooiwal kubangele ukubambezeleka okwengeziwe.
Kubahlali abafana noThabo Mthethwa alisekho ithemba ngokulunga kwalesimo. “Angicabangi ukuthi le nkinga izophela maduze ngoba sekunesikhathi eside yabakhona futhi kubukeka sengathi igxambukela kwezepolitiki.”
Amabhizinisi nawo athwele kanzima kule nkinga. “Amanzi ancishisiwe emini kanti nezinga liyakhuphuka kusukela ngehora le-10 ebusuku kuze kuse. Ibackup system nayo ayikwazi ukufaka ingcindezi ngezinsuku lapho amanzi engekho nhlobo,” kusho umnikazi wecarwash, uKarabo Maluleka.
Ngakolunye uhlangothi, kuyithuba lokuguqula inkinga ibe into enenzuzo.