Amaqembu akhipha ilaka ngobugebengu obudla lubi bokumbiwa kwezimayini ngokungemthetho



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Iminwe ikhomba uhulumeni ngokungabi nenqubomgomo eqondile nokuntengantenga komthetho ezweni
Emuva kwesikhathi eside iqembu elibusayo lide lithalalisa ekubhekaneni ngqo nesihlava esibikwa nsukuzaphuma sokumbiwa kwezimayini ngokungekho emthethweni, ekugcineni livule inkundla ukuba kudingidwe lesi simo esingagcini nje kuphela ngokukhahlameza umnotho wezwe kepha sishiya nezidumbu phansi.
Lo mkhuba wokumbiwa kwezimayini usabalele nezwe lonke kodwa uvame kakhulu ezimayini esezavalwa okwabe kungezegolide eGauteng. Ezinye zezimayini zindala sezavalwa. Abenza lokhu sebethiwa ngelokuthi ngo”Zama zama” ngoba bathi basuke bezama impilo encono ngokudela konke bangene emigodini engudukathole eseyavalwa. Kuvamisile ukuthi abangena kule migodi kube ngabokufika abaqhamuka emazweni angomakhelwane.
Inkulumompikiswano ngokumbiwa kwezimayini okungekho emthethweni ivulwe ilungu lePhalamende likaKhongolose uMnu uMikateko Mahlaule. Endlalela inkulumo yakhe uMahlaule uthe iNingizimu Afrika ilahlekelwa izigidigidi ezevile kwezine ngonyaka ngenxa yokumbiwa kwezimayini okungekho emthethweni. Uthi lokhu kube nomthelela ekwakhiweni kwesiphehli sikagesi iMedupi neKusile.
Kukhona ukukhuluma okuthi uKhongolose kufana nokuthi uthela amanzi emhlane wedada ngokuvula inkundla ekutheni kudingidwe lolu daba ngoba nguHulumeni oholwayiwo obonakala uthambisa isandla ekuphumeni nasekungeneni kwabokufika ezweni, ekubeni kuyibo okuvela ukuthi baningi abatholakala ezigamekweni zokumba ngokungemthetho ezimayini.
Ukuphawula kweDA
UMnu uJames Lorimer uthi izigameko zokumbiwa ezingekho emthethweni zihamba okomlilo wequbula. Uthi muva nje sekwande nobugebengu njengoba kubonakele muva nje eKrugersdorp. ULorimer uthi ukwanda kwalezi zigameko kudalwa kakhulu ukungabikhona kwenqubomgomo eqondile eyengameli ezokumbiwa. Uthi lokhu kugcina kudla izigidigidi ngoba kugcina sekukapakele nakweminye imikhakha njengokwebiwa kwekhopha namakhebuli nenye ingqalasizinda. Leli qembu liphakamise ukuthi labo abatholakala bemba ezimayini ngokungemthetho babhekane nengalo yomthetho, futhi kusungulwe nethimba elikhethekile lamaphoyisa elizobhekana ngqo nalobu bugebengu obuhleliwe “Ubugebengu basezimayini yibhizinisi elikhulu. Isamba semali sisho ukuthi izigebengu zingathola ukukhokhelwa okukhulu, zisekele izikhulu, abasebenzi basezimayini, izimantshi, abashushisi namaphoyisa ukuze kwenzeke lokho.
Ukuphawula kwe-ACDP
Ukudlwengulwa kwabesifazane abayisishiyagalombili endaweni yokulahlwa kwemfucuza emayini yaseKrugersdorp ngoNtulikazi sekwenze kwavela okuningi ngezimayini ezingekho emthethweni eNingizimu Afrika. ILungu lePhalamende laleli qembu uMnu uWayne Thring uphinde waveza okutholwe yi-Institute of Security Studies elinganisela ukuthi abavukuzi abangekho emthethweni abayizi-30 000 bakhiqiza igolide lenani lezigidigidi ezingama-R40 njalo ngonyaka.
“Lokho ngaphandle kwezinye izimbiwa eziyigugu, le mikhiqizo ithengiswa e-United Arab Emirates (UAE) naseSwitzerland, ngakho-ke lokhu kwenza izimayini ezingekho emthethweni zibe ibhizinisi elikhulu elenza inzuzo. Ukudlwengulwa kwabesifazane abayisishiyagalombili endaweni yokulahla udoti emayini iWest Village, nokuboshwa kwabavukuzi abangekho emthethweni ukutholakala nezibhamu ezineziqhumane nezingekho emthethweni kanye nokwephula umthetho wokufika kwabokufika ovezwe phambili iqiniso elisobala, kusho uThring.
Ukuphawula kwe-ATM
UMnu uVuyo Zungula uthi ukumba izimayini ngokungemthetho kudalwa yimingcele evulekile. “Iqiniso ukuthi iningi labavukuzi abangekho emthethweni akusibona abaseNingizimu Afrika. Izibhamu ezishaqiwe azibhalisiwe eNingizimu Afrika, kanti neziqhumane ezisetshenziswa ezimayini ezingekho emthethweni zishushumbiswa zisuka emazweni angomakhelwane. Ngakho-ke, izimayini ezingekho emthethweni kanye nobunye ubugebengu budalwa yimingcele evulekile kanye nokuphathwa kabi kwabantu abavela kwamanye amazwe eNingizimu Afrika. Izimayini ezingekho emthethweni, izibhamu, izidakamizwa kanye nokushushumbiswa kwabantu, ukuntshontshwa kwezimoto ezithwala imali ngokwezinga elikhulu kuwumphumela wokufika kwabantu kwamanye amazwe ngokungemthetho kanye nokwehluleka kukahulumeni ukuphatha abantu abavela kwamanye amazwe. Uhulumeni kumele abe wuhulumeni onakekelayo futhi alalele ukukhala kwabantu. “
Ukuphawula kwePAC
UMnu uMzwanele Nyontsho uthi izindawo zokulahla izimayini seziphenduke izindawo eziyingozi emiphakathini. Unxuse uhulumeni ukuthi angenelele. “IPAC ihlaba ikhwelo lokuthi iqembu elibusayo libhekisise inkinga yoZama Zama. Izindawo esizibiza ngokuthi yizindawo zokulahla imigodi ezimayini ziyingozi njengoba zibe nomthelela omubi emiphakathini ezizungezile. Icala leli, sibone ngoJulayi ukuthi abesifazane abasebasha abayisishiyagalombili badlwengulwa kanjani. INingizimu Afrika isivele iyikomkhulu lokudlwengula. Siphinde sabona ukuthi abavukuzi abangekho emthethweni babhajwa kanjani ngaphansi komhlaba bese beshona bemba imvuthu yezinsiza zethu. Lokhu kungaphezu kwamandla,” kusho uNyontsho.
Ukuphawula kwe-EFF
UNks uPhiwaba Madokwe usole uhulumeni ngokwehluleka ukubhekana nezimayini ezingekho emthethweni. “Iqiniso ukuthi uma kufanele sibe nengxoxo eqotho mayelana nezimayini ezingekho emthethweni eNingizimu Afrika futhi sineqiniso mayelana nokubhekana nakho, kufanele sihlele ingxoxo ngendlela efanele futhi senze iminyango efanele iziphendulele. Kufanele sixoxe ngokwehluleka kukahulumeni ukubhekana nezenzo zokumbiwa kwezimayini ezingekho emthethweni kanye namacala ahambisana nawo aqhubeke ebhebhethekisa abantu bakithi ukuze kuvikelwe inzuzo kanye namaqembu obugebengu.”
Ukuphawula kweNFP
UMnu u-Ahmed Shaik-Emam, uthe kubekwe phambili ukusebenzisana phakathi kwezakhamizi zakuleli kanye nabokufika ezenzweni zokumba ngokungemthetho. “Ukuvakasha kweKomidi lePortfolio kanye neKomidi Lezamandla Nezezimayini bathole ukuthi kuningi ukusebenzisana phakathi kwezakhamuzi zendawo kanye nabantu bangaphandle. Siphinde sanikezwa isithangami nabeSouth African Police Services kanye namalungu omphakathi abonakala eboshiwe, kodwa okubaluleke kakhulu ukuqaphela sihlalo ukuthi kulezimayini ezingekho emthethweni ezenzekayo, kunabantu abanethonya elikhulu ngemuva kwalokhu. Sesizwile ngisho nongoti bezimayini ukuthi bekukhona izimoto ezibizayo esizibonile kule ndawo futhi ngicabanga ukuthi laba bavukuzi abangekho emthethweni esibathola lapho basuke besetshenziswa yilabo bantu abanethonya elikhulu, ngakho-ke ibhizinisi layo elikhulu,” kwengeza. U-Ahmed Shaik- Emam.
Ukuphawula kweGOOD Party
USotswebhu waleli qembu uMnu uBrett Herron, uthi iNingizimu Afrika kufanele ivikele impahla yayo esele njengoba sekuphele amashumi eminyaka yancipha. “Izimayini kade zaba yinsika yomnotho waseNingizimu Afrika ngenzuzo enkulu eyenziwa ngenxa yabasebenzi abaxhashazwayo nabacindezelwe. Nakuba umnikelo wemboni esemthethweni kuGDP wehlile, usalokhu uyingxenye ebalulekile yomnotho namuhla. Njengoba izinto zokusetshenziswa zinciphile phakathi namashumi eminyaka emphakathini osonakaliswe ukungalingani okungalawuleki, kubalulekile ukuthi sivikele izimpahla zethu ezisele futhi siqinisekise ukuthi lapho zixhashazwa, izinzuzo zitholwa izakhamuzi ezithobela umthetho kunezigebengu ezihlanganyela emaqenjini obugebengu.”
Ukuphawula kwe-IFP
UMnu uMkhulekho Hlengwa uthi ukuphela kwendlela yokunqanda ukumbiwa kwezimayini ngokungemthetho wukubona ukuzibandakanya kwezinhlaka ezahlukene kanye nomphakathi ekulweni nalolu hlelo.
“Izigameko ezifana nesase-Emalahleni (eMpumalanga) lapho abavukuzi abangekho emthethweni bebesebenza endaweni yeThungela Resources Khwezela Colliery Komdraai base bedala ukuchitheka kwamanzi anobuthi angcolise amanzi emiphakathini eseduze, zizoba nomthelela omubi emiphakathini yokumba ngokungemthetho, osomabhizinisi nezikhulu zikahulumeni,” kusho uMkhulekho.