UMgabadeli ufuna ukusebenza kusakhanya



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weqembu laKwaZulu-Natal iRichards Bay FC uPitso Dladla uthi kubalulekile ukuthi beqoqe amaphuzu kusakhanya.
Leli qembu elifike ekuqaleni kwesizini kwiDstv Premiership selidlale imidlalo eyisikhombisa lakwazi ukuthi liqoqe amaphuzu ali-13. Linqobe emine, ladlala ngokulingana kowodwa, lahlulwa kwemibili.
“Kusasekuseni kakhulu, iligi indlela eqale ngayo iyatshengisa ukuthi kusazoba nzima. Ngalokho ingakho sihlezi sikhuluma inkulumo ethi asiwaqoqe amaphuzu aqoqekayo manje kusakhanya. Lokho kosisiza ezikhathini ezinzima. Uma uzobheka asinayo into ethi kumele sidlale kahle ekhaya kuphela cha, noma kuthiwa sidlala ekuhambeni siyakulwela ukuthi sithole amaphuzu. Lokhu sikwenzile emdlalweni yethu emibili edlule sidlala neStellenbosch kanye neRoyal AM” kusho uDladla.
IRichards Bay FC izothola ikhefu lezinsuku njengoba iyoze idlale mhla zili-18 kwephezulu.
Uthe uDladla lizobasiza kakhulu leli khefu. “Leli khefu lifike kahle kakhulu kuthina, emdlalweni yethu edlule sibonile ukuthi sibe namaphutha manje ngalezinsuku sizobe silungisa lapho esingenzanga kahle khona. Emdlalweni yethu besikhanda amathuba singawasebenzisi, into ekumele impela siyilungise ngoba kuze unqobe kunobhutshuzwayo udinga ukushaya igoli okanye amagoli. Uma siyaphambili asingeni ebhokisini, nokwenza izitha zingabi nayo ingcindezi. Nasemumva uma kushawa amabhola aphezulu sinokuthwala kanzima enye into esizosebenza ukuyilungisa kulesikhashana”.
Uqhube wathi: “Ngaphandle kwendlela yokudlala, kuzokwenza abadlali laba abalimele kancane bekwazi ukululama. Nabadlali bethu bekwazi ukuphumula njengoba besidlala imidlalo kulandelana” kusho uDladla.
Leli qembu likaJomo Biyela liqale isizini ngaphandle kwabadlali ababili abamqoka uSphamandla Mtolo obengukaputeni, noSakhile Hlongwa okunguye owadlala indima ukuthi likhuphukele kuDStv Premiership ngokuvalela amagoli amaningi ngesizini edlule.
Ebuzwa uDladla ukuthi ngabe bayalulama yini labadlali uthe: “Eyi ukuqala isizini ngaphandle kwabadlali akubanga into emnandi neze, ukulinyalelwa umdlali njengomqeqeshi kuhlezi kuzokuphatha kabi. Okujabulisayo ukuthi uHlongwa useqalile uyaziqeqesha neqembu kodwa naye kusazothatha isikhathi ukuze ezoba sesimeni sokudlala, uMtolo yena kusakubi impela. Siyafisa bebuye labadlali ngoba inhloso yethu sifuna ukuba nesikwati esiningi, siphathwe ikhanda lokuthi ubani okumele siqale ngaye” kubeka uDladla.