Ukulibeka enethini kuseyinkinga kuBafana – Broos
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usabona isaqhubeka inkinga yeminyaka kuleli yokungabibikho umgadli ongalibheki ipali.
Lo mqeqeshi usho lokhu ngaphambi komdlalo wobungani weBafana Bafana ne-Algeria abazotholana kuwona kusasa.
Ngaphambi kwalo mdlalo iBafana Bafana ngoLwesine odlule idlale owobungani ne-Andorra nalapho yayekela inqwaba yamathuba, yagcina ishaya igoli elilodwa.
“Ekhempini sinoKhanyisa Mayo no-Iqraam Rayners abashaya amagoli kwiPSL, kodwa ibhola lamazwe ngamazwe lingaphezulu kakhulu. Lapha ebholeni laseNingizimu Afrika sesibhekane nenkinga yokuba nomgadli ongalibheki ipali iminyaka.
Uyabona uMayo unamagoli aysii-8 noRayners unayisi-8 noma ngaphezulu, kodwa sizobona ngoLwesibili ngoba uzodlala” kusho uBroos.
UMayo udlalile kowe-Andorra kodwa akukho okutheni akwenzile, kwazise uhlezi eyiphela endlebeni ezitobheni uma edlala kuCape Town City.
Bobabili labagadli kuke kwakhala ngabo ngesikhathi se-African Cup of Nations (Afcon), ukuthi kungani engababizanga uBroos.
“Kumele sibone okwamanje kukhona abagadli abathathu abangekho, u-Evidence Makgopa, uLebo Mothiba noLyle Foster – ngakho kunezinto okumele sizilindele. Ngethemba ukuthi bobathathu, kodwa mhlawumbe hhayi uMothiba uMakgopa noFoster bazobe sebelungile ngoNhlangulana. Ngoba sizobe sinemidlalo ebalulekile kakhulu, sakhombisa kwi-Afcon ukuthi amagoli siyawasha kodwa ngoLwesine asenzanga kahle” kubeka uBroos.
Ngomdlalo wakusasa uthe kuzoba nezinguquko azozenza ngoba i-Algeria iyizwe alihloniphayo elinabadlali abasezingeni.
Ngeledlule abadlali okukhona uTeboho Mokoena, uThemba Zwane, u-Aubrey Modiba, uGrant Kekana noRonwen Williams bonke labadlali kulindeleke baqale kusasa.

