Now Reading
Ugwetshwe imnyaka eli-15 uShabalala kwelama-Amigos
Dark Light

Ugwetshwe imnyaka eli-15 uShabalala kwelama-Amigos

Kwaba yicala elanyakazisa izwe, nesifundazwe iKwaZulu-Natal ngoba labe lithinta amagama osopolitiki, osomabhizinisi nezikhulu eziphezulu kuHulumeni wesifundazwe. Leli cala lethiwa ngokuthi ngelama-“Amigos” lenzeka phakathi konyaka we-2004 kuya kowezi-2007.  

Izolo kugwetshwe iminyaka eli-15 uSipho Shabalala ngecala lenkohlakalo, ukukhwabanisa, ukushintshashintshana ngemali nokuphula uMthetho iPublic Finance Management Act. Leli cala lalithinta ukuthengwa kwemishini yokukhuculula amanzi ukuze kube khona abathola intshontsho. 

UShabalala owayengungqondongqondo nguye owayexhumana nosomabhizinisi wase-Uruguay uGastov Savoi nenkampani Intaka Investment. 

See Also

Ngokobufakazi basenkantolo uShabalala waze wathatha uhambo oluya eBrazil eyozibonela le mishini. Ngaleso sikhathi uMphathiswa Wezempilo kwakunguDkt uZweli Mkhize. Ebufakazini baseNkantolo kuthiwa ekubuyeni kwakhe eBrazil wabhalela uMphathiswa ephakamisa ukuthi imali yokuthenga le mishini kumele ifakwe esikhwameni sokulwa nendlala. 

Scroll To Top