Now Reading
Wehlele ngezansi uhulumeni ngemibandela yama-R350 kodwa…
Dark Light

Wehlele ngezansi uhulumeni ngemibandela yama-R350 kodwa…

Emuva kwezikhalo nosizi lokuntuleka kwemisebenzi olugubuzele iNingizimu Afrika, kubukeka kungathi kuzwelile kuHulumeni njengoba kuleli sonto ehlele ngezansi wamemezela ukususa omunye wemibandela kwabahola imali yesibonelelo sama-R350. Lo mbandela ubuthi abahola lesi sibonelelo kumele bavuselele isicelo sabo njalo emuva kwezinyanga ezintathu, okubonakale kushiya ngaphandle izigidi ezingakwazanga ukuvuselela abanye bakhahlelwa ngaphandle uhlelo lakwaSouth African Social Security Agency (Sassa). 

Kubantu abangaphezulu kwezigidi ezili-10 abebehola lesi sibonelelo ngesikhathi siqala, isibalo sehlile safinyelela kwabayizigidi ezine nengxenye. Ukuhoxiswa kwalo mbandela kusho ukuthi abantu akusadingi ukuba bavuselele izicelo zabo, kodwa uma isicelo sesiphasisiwe usengahola kuze kube uNdasa wangonyaka ozayo okungumnqamulajuqu wokuvalwa kwesibonelelo. Kuze kube yimanje kunezicelo zabantu abadingayo eziduvile ngenxa yokuthi kuthiwa abazange bazivuselele ngasekuqaleni. 

Esitatimendeni esikhishwe abakwaSassa bathe, “Ukucutshungulwa kwezicelo zikaNtulikazi kube nokubambezeleka okukhulu ngenxa yokuthi abebefake izicelo abazange bazivuselele ngesikhathi begcina ukuhola ngoMbasa.” Ukukhishwa kwalo mbandela kwamukelwe abaningi abahola isibonelelo njengoMnu uMuziwakhe Ndawonde wakwaNyuswa ngaphandle kwaseHillcrest. 

Utshele elaboHlanga ukuthi uyokholwa sekwenzeka ngoba sekukaningi bebanjiswa udonga, kokunye batshelwe izinto zijike zingenzeki. 

See Also

UNdawonde oziphilisa ngokuma kwelinye lamagaraji eHillcrest acele amatoho uthi kuye ama-R350 asho lukhulu ngoba uyakwazi ukucosha izinto ezincane noma ugcina uphelele lapho ngoba namatoho kuyenzeka kuphele isonto engaqhamuki. 

Uthe uHulumeni ubonile ukuthi wenza iphutha ngoba ekugcineni uma sekuyiwa okhethweni siyobakhumbuza ngalezi zinto njengoba kwenzekile okhethweni loHulumeni Bezindawo. KwaSassa banxuse abahola isibonelelo ukuba bathumele ama-akhawunti abo asemabhange aqondile ngoba lokho kuba ngesinye sezizathu ezidala ukubambezeleka kokukhokhelwa kwabo.

Scroll To Top