Ukunyuka kwentengo kushiye abalimi bencumile



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Abalimi bakamoba bahleka bodwa ngenxa yokunyuka kwentengo kashukela ebizwa ngeRecoverable Value Price yafinyelela ezi-R5196.13 ngethani. Lena yintengo abagayi bomoba abayikhokhela abalimi bomoba.
Eminyakeni embalwa eyedlule abalimi babesenkingeni enkulu njengoba intengo yayehle kakhulu. Ngesizini yomoba ya 2018/19 abalimi abaningi bazithola bekweleta abagayi bakashukela esikhundleni sokuthola imali abajwayele ukuyithola ekupheleni kwesizini. Intengo ekwavalwa ngayo leya sizini kwaba izi-R3571.41 ngethani lomoba. Lokhu kwadalwa ngukuthi abagayi bakhokhela abalimi ngomoba wabo besusela entengweni eyisilinganiso sokuthi kuleyo sizini izoba yimalini.
Ngokohlelo, uma kuphele isizini kuphuma isimemezelo sentengo sokugcina. Uma lesi simemezelo siqhamuka nentengo ephansi kunaleyo esetshenziswe abagayi ukukhokhela abalimi kuleyo sizini, lowo mehluko uba yisikweletu ekufanele sithathwe emalini ezoya kumlimi. Uma lo mehluko ungaphezulu kwemali ekufanele iye kumlimi, kusho ukuthi umlimi ukweleta umgayi.
Izinhlangano eziningi ezifaka abagayi nabalimi zanxenxa uHulumeni ukuthi angenelele embonini njengoba kwakubonakala ukuthi le mboni enomthelela ezimpilweni zabantu abevile esigidini iyafadalala. Kwehla intengo nje vele le mboni yayisingaphansi kwengcindezi yokungena kukashukela oqhamuka ngaphandle kanye nentela kashukela eyafakelwa ukwehlisa umthamo kashukela ekudleni naseziphuzweni ngenxa yokuthi izazi zezempilo zikhala ngomthelela omubi kashukela empilweni yomuntu.
INingizimu Afrika kulinganiselwa ukuthi ingenisa ushukela oqhamuka ngaphandle ongamathani aayizi-563 005. Lokhu kunomthelela omubi kakhulu njengoba cishe imboni yaseNingizimu Afrika ilahlekelwa imali eyizi-R4 000 ngethani likashukela oqhamuka ngaphandle. Ngesizini yezi-2019/20 ilinganiselwa ezigidigidini ezi-R2 imali elahlekele imboni yaseNingizimu Afrika ngenxa yalokhu.
Ukungenelela kukaHulumeni enxenxwa yizinhlangano ezifane neSouth African Farmers Development Association neSouth African Canegrowers Association kwaholela ekutheni abalimi bathole ukuxhaswa ngengxenye yemali yokuthuthwa komoba nochatha entengweni kamoba iRVP.
Kusukela ngesizini yezi-2018/19 intengo kashukela ibilokhu inyuke njalo:
- ngeyezi-2019/20 – izi-R4 220.58 ngethani
- ngeyezi-2020/21 – izi-R5030.39 ngethani
- NgoNhlaba 2021 – izi-R5196.13
Lezi zibalo zikhomba ukuthi kusukela ngonyaka wezi-2018 le ntengo inyuke nge-R1625.
Luyini uhlelo lokukhokhelwa kukamoba olubizwa ngeRV Cane Payment System (RVCPS)?
Kusukela ngonyaka wezi-2000 abalimi bakamoba eNingizimu Afrika bakhokhelwa ngeRVCPS. Lokhu kwavunyelwana ngakho embonini ukususa indlela yokukhokha ngokukashukela (surcrose) otholakala emobeni, okuyindlela eyayisetshenziswa kusukela ngowe-1926.
Inhloso yokufudukela kule ndlela yokukhokha kwakuwukugqugquzela abalimi ukuthi bakhiqize umoba oyikhwalithi, ngokwandisa okungushukela ogongolweni lomoba kunalokho okungeshukela.
Le ndlela yeRVCPS yamukela ukuthi akukhona konke okusashukela emobeni okungaba wushukela ekugcineni. Inani likashukela elitholakala emobeni alincikile kuphela kulokho okusashukela kepha nakulokho okungeshukela kanye nefayiba. Iphesenti leRVCPS livame ukusukela kumaphesenti ayi-9 kuya kumaphesenti ali-14 uma kubhekwa isizini yonke. Njengakuwo wonke amazwe, ushukela yiwona mkhiqizo omningi otholakala ekugayweni komoba. Lokhu kutholakala ngokuthi kugaywe umoba omningi emshinini.
Umoba omningi utshalwa abalimi abazimele. Ngakhoke imboni kashukela eNingizimu Afrika isebenza ngokubambisana, lapho imali etholakala ngokudayisa ushukela nemolasisi ezweni nangaphandle yabelwa abalimi nabakhiqizi bakashukela ngendlela ekuthiwa yiDivision of Proceeds Ration.
Ekuqaleni lesi sabiwo sasenziwa ngabalimi nabakhiqizi bakashukela ngokwezindleko isizini ngayinye. Kodwa ngesizini yowe-1994/95 kwethulwa iDivision of Proceeds Ration, eyaphinde yabuyekezwa ngesizini yezi-2003/2004. Kwenzeka lokhu nje kulindeleke ukuthi nonyaka umkhiqizo kashukela unyuke uyofinyelela emathanini angama-73 ngehakele ngenxa yesimo sezulu esaziwa nge El Nina. Lokhu kushiwo yiGEOGLAM.
Lesi simo sezulu saziwa ngokuletha imvula eningi eningizimu ne-Afrika. Phezu kwalokhu abakhiqizi bakashukela sebefake abalimi ngaphansi kwengcindezi yokuqinisekisa ikhwalithi yomoba, lapha singabala ukwehla ngamalunga amabili ngenzansi kwethophisi uma kugawulwa umoba. Lokhu bakwenza ngoba lawo malunga awabi nawo ushukela. Ushukela utholakala mana sezansi nogongolo lomoba.
Ngokwezibalo zeSouth African Sugar Association, imboni kashukela yenza inzuzo elinganiselwa ezigidigidini ezili-R14 ngonyaka, iqashe ngqo abantu abayizinkulungwane ezingama-85, yakhe amathuba omsebenzi ayizinkulungwane ezingama-350.
Abalimi abancane babalelwa ezinkulungawaneni ezingama-20, abakhulu bona bangaphezulu kwenkulungwane. Imishini yokugaya umoba ili-14.