Now Reading
Impelasonto izocacisa kwabasalayo nabagodukayo eQatar
Dark Light

Impelasonto izocacisa kwabasalayo nabagodukayo eQatar

Ngokujwayelekile izwe elisuke lisingethe imidlalo yeNdebe yoMhlaba kuba yilo eliqala ngomdlalo wokuvula. Kuzokhumbuleka ukuthi nangesikhathi ikuleli ngonyaka we-2010, iBafana Bafana yavula ngomdlalo neMexico. NaseQatar kube ngesifanayo ngeSonto ivula nge-Ecuador. Amaqembu angama-32 ayingxenye yale midlalo ahlukaniswe ngamaqoqo ayi-8.

Eqoqweni ngalinye kunamaqembu amane. Eqoqweni iqembu lidlala kanye nelinye, kuthi lawo anamaphuzu amaningi adlulele esigabeni esilandelayo samaqembu ayi -16. Kule mpelasonto amanye amaqembu azobe esedlala imidlalo yesibili, okunganika isithombe sokuthi ayaqhubeka yini nokuhlala eQatar noma ayodlela amaholidi emakhaya. Usuku nosuku kube nemidlalo emine kube kuqale izinsuku zomkhumukajezi. Usuku okungeke kube khona imidlalo ngalo umhla ziti-7 kuZibandlela. 

Umphumela wakuleli sonto ucacise ngokusobala ukuthi alikho iqembu okungathi lithwelwe ngeqoma ngoba wonke azimisele. Ukushaywa kwethemba le-Afrika iSenegal iguqiswa iNetherlands kwenze aphela amathemba ngokuthi awase Afrika angafika kweyamanqamu.

Kusasa ngoMgqibelo i-Argentina izotholana phezulu neMexico. Uma ezika Lionel Messi zikhala ngaphansi kuyosho ukuliwasha ijezi, lokho okungabeka emathubeni amahle okuthi iSaudi Arabia idlulele phambili. Kungenzeka iqembu lesibili elingadlulela phambili kuleli qoqo kube iPoland noma yona iMexico. Omunye umdlalo obhekiwe namuhla ophakathi kwezikhondlakhondla zamazwe i-England ne-USA.

See Also

Uma iNgilandi iphumelela namuhla okuyinto elindelekile kuyobe kusho ukuthi iyodlala namaqembu aseqoqweni u-A okungaba iQatar, iNetherlands, iSenegal okanye iEcuador. Uma iwina iqoqo uB izobhekana neqembu elilandelayo zizine kuZibandlela. Uma kuya ngokwabahlaziyi namaphanta ebholeni, babona emdlalweni wamaquarter final kuzoba iFrance neEngland, kodwa iBrazil nePortugal babona kungamaqembu azokhubeka ngaphambi kweyandulela eyamanqamu.

Scroll To Top