UMntwana wayenesandla engabalambisi abantu


UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
INgonyama uSolomon kuthiwa yaphuma nayo izwa isahho sokubongela kukaMandlakazi. ISilo siphuma nje lapha siyabuza ukuthi ubani lona odlala kube sengathi kubongelwa iNkosi.
Yafica ukuthi kugiya uMntwanomkhulu wakwaMandlakazi. Nayo bathi yema yabukela, ihleka, ichazekile yiqhawe lensizwa. Ngithi akakho ngisho noyedwa ezinganeni zakhe eyamfuzayo ngobunsizwa. Nguyena owayefuze iNkosi uZibhebhu kaMaphitha.
Ukuba wayengekho wayezolithatha uMntwana uBhova izwe lakwaMandlakazi alibuyisele oSuthu. Wayevuka ekuseni ayohlala eduze kwesibaya, efuna ukubona abantu abegulayo, ababingelele, ababuze ukuthi baliqhamukisaphi baphikelele kuliphi.
Uma njalo ezwa ukuthi baqhamuka kude, bese ebangenisa abanikeze ukudla. lsijingi sasihlala sigcwele amabhodwe athi ubekele izihambi ezizokwedlula zilambile. Kwesinye isikhathi ubethumela amadoda esitolo athi awayothenga izinkwa noshukela. Kothi uma sebebuye nakho athi akwenzelwe abantu bakayise badle bangalambi”.
Kwakuthi noma eye kwaNongoma ehamba namadoda, into yokuqala nje ayenzela ibandla ahamba nalo wayengena esitolo athenge izinkwa noshukela.
Besethi kumlungu akalethe indishi kwenziwe umbhubhudlo badle abantu bakayise. Kothi uma kuqhamuka intombi yedlula lapho behlezi khona, ayibize athi; “Woza lapha ntombi “ asho ayinikeze isinkwa athi; “Dlana lapha usinikwa uMntwana wakwaMandlakazi “ Kwakungadingeki uMntwana ukuba aze akwazi ukuthi ungubani ukuze akuphe ukudla, inqobo nje uma usuqhamukile uyadla.
Okunye aziswa ngakho kakhulu ukuthi kwakuliphisi elikhulu, elalifuze uMagasa alamshiya. Uthi uNotshwadi, kwake kwathi ngelinye ilanga wahamba wayozingela naye ngaphansi kweSiyendle.
UMntwana washaya amanxala ayisishiyagalombili egijima elandelana ngesikhathi esisodwa. Awa elakanyana, elinye liwela phezu kwelinye. Wayengadubuli ngesibhamu, wayeshaya kube sengathi uthunga ngenaliti.
Kwathi ngelinye ilanga ezingela kwaMafunwase, phansi kweZiyendle wabona umkhome, asho angabe esabuza agadle ngengebe yakhe kudume amawa. Awuhlabe ngenhlamvu qede umkhome, uze usuvutha kuye.
UMntwana naye awuqonde ngqo, kothi uma isilwane sithi siyamjuqa, agwinje aphambane nasa asho asiphinde ngalo uh lamvu asithele phansi. Yilapho uNotshwadi athi khona: “Uqili phambana nomkhome, Phansi kwaMafunwase”
Sekuthi ngelinye ilanga uMntwanomkhulu uBhova wakwaSokesimbone oSuthu, wamema inqina yayozingela lena kwaSekane. Kule nqina kwabulawa ibhubesi, wasethi uMntwana uBhova ngelakhe.
Kwabe uzithintele kuMntwana uMagadavu, wathi ngeke kwenzeke lokho, asuke lena oSuthu bese ethatha ibhubesi lapha kwaMandlakazi. Wathi imbube izothathwa nguye.
Kwala noma uNdunankulu uMhubulwana kaSikhizane Buthelezi, esemncenga ethi;
Ndabezitha ibhubesi alinikwe ummemi wenqina. Bathi wedlula wakuchitha lokho, uMntwana uMagadavu. Bathi wathukuthela manje uMntwanomkhulu uBhova, wathi; “Uma ungafuni nalo Zulu, ngizongena ehlathini” Bathi waphendula uMntwana uMagadavu wathi; “Ngena Zulu, ngizokukhipha”.
lzinduna naBantwana bakhuza ubunqayinqayi nhlangothi zombili bezama ukwehlisa ulaka. Kuthe lapha izinduna zithi uMntwana uMshiyeni uyiNkosi. Waphendula uMntwana uMagadavu wathi; “Akayona iNkosi, lapha kukwaMandlakazi. Ungubambela wasoSuthu. Nami ngingubambela wakwaMandlakazi” Ngalenkathi wayesemi ngonyawo ngaphezu kwalo ibhubesi. Bathi uMntwana uMagadavu wayesebhonga kuhle okwenkunzi yengonyama, isibhamu sakhe esesibambe ngezandla zombili.
Kwacacela noma ubani owayelapho ukuthi sekonakele, kungahle kuvuke okudala ibambane khona lapho ehlathini, impi yoSuthu noMandlakazi. Bamncenga aBantwana, uMntwana uMagadavu waze wagcina esethambile. Wathi esuka waselidikila ibhubesi ethi kulungile akalithathe kodwa angathi ngimnike ngoba yena emkhulu kunami. UMntwana uMagadavu wasekhuza isaga ngaso leso sikhathi esithi:
“lmbube yethu
Sayithatha nje
Sayidikila. X 2
Wo! Sayidikila!
Sayidikila!
Wo! Sayidikila!
Sayidikila!”.
Kwakuthi uma ehlezi nebandla ezenamele nje, ebusa, abesethi;
“Bumnandi ubukhosi, buphuma ngeziqu zoboya, nangezinzipho” Esho oweNkosi abantu kusengabantu, inhlonipho isabuzwa kubo. Kungasenjenganamuhla lapho abantu bakwaZulu sebechapha iNkosi yabo ngezinhlamba, bayikhombe nangeminwe emehlweni”.
Ihubo loMntwana uMagadavu
Konj’uMagadavu anga-sitha-thela-bamhlophe
lnko-si a-yisinike
Ehlanze-ni lezinyathi
Uyesa-ba uyesabu uPhindicala
Konj’iNdlabhu ingasibizela-mhlophe
INko-si ayisinike
Ehlanzeni lezinyathi
Uyesa-ba uyesaba nang’ uPhindicala