Now Reading
Ukudonsa ejele kwamcijela ukuba ngusomankomane uChili
Dark Light

Ukudonsa ejele kwamcijela ukuba ngusomankomane uChili


Uthi wahlangana nabangani abangalungile wagcina esegqekeza imizi waphenduka neginsa wajeziswa 


Ukugwetshwa iminyaka eyishumi ejele ngamacala ahlukahlukene obugebengu kwamvula amehlo njengoba namuhla esengumshayisibhakela onekusasa eliqhakazile nowaziwayo KwaZulu-Natal uSifiso Chili. 

Le nsizwa ekhulele eGingindlovu idlule ezimweni ezihlukene zempilo okwagcina ngokuthi isiphetho sayo kube yijele. 

Ekhuluma nelaboHlanga uthe wazihlanganisa neqembu labangani abangalungile begqekeza imizi, futhi bengamaginsa. 

“Ngaboshwa ngonyaka wezi-2010. Ngagwetshwa iminyaka eli-10  kodwa ngenxa yokuziphatha kahle ngahlaliswa iminyaka eyisishiyagalombili. Ngangiboshwe eQalakabusha Correctional Centre eMpangeni,” kusho uChili oteketiswa ngelika“Skhondla”. 

Uthi isibhakela wasiqala khona ezikhindini eboshiwe. Eqhuba uthe abaqeqeshi abanamava babebavakashela ejele bebatshela ngempilo engcono. Uthi yilapho wagqugquzeleka khona ukuthi ngelinye ilanga ufuna ukuba ngumshayisibhakela. 

“Ngifuna ukusebenzisa isibhakela njengethikithi lami lokuphila impilo ehloniphekile. Ngelinye ilanga ngizimisele ukuthi ngibe umpetha wesibhakela eNingizimu Afrika” kubeka uChili. 

Uthi akasenabo abazali, sekunguyena onakekela umfowabo omncane nabashana bakhe.  Kule mpelasonto uChili uzobe eseringini empini ezobe ibhula amazolo  lapho ezobe ebhekene noJasdle Kayembe waseDemocratic Republic Congo (DRC) kwezoba imizuliswano  emine kwiSuper Middleweight.  

Lezi zimpi ezibhekwe ngabomvu zizoba ngeSonto ehholo eMooi River, ziqhathwa i-Uhuru Boxing Promotions ngokuhlanganyela neHlula Dladla Boxing Promotions.  Impi yosuku izoba  phakathi kukaSiboniso “Tiger” Gonya waseMtubatuba ozobhekana nomngani wakhe omkhulu uTholumusa “ Mfundisi” Ngema waseMpangeni abazobanga ibhande le KZN  Junior Featherweight elingaphethwe muntu.

Ezinye izimpi ezikhona ngekaLindelani Sibisi noMthobisi Mthembu yeJunior Lightweight, ekaMxolisi Majozi no-Andile Majozi abazolwa kwiunior Feather. 

See Also

USibisi noZuma bazobe belwa okokuqala esigabeni esikhokhelayo. Abaconsi phansi kubantu bakulesi sifundazwe ngenxa yesibhakela esinenkosi phakathi abasishaye kuma-amisha. 

USibisi ulwe izimpi ezingama-30 kulesi sigaba esingakhokheli kwathi uZuma walwa ezingama-29. Kuzona zonke bebeshaya kwasani oluphambi kwabo.  Bobabili baqeqeshwa uMtuseni Dube ojimisa eSibongile Boxing Family edume ngokuthi iseMgodini. 

Lesi sitebela esesikhiqizele iHlula Dladla Boxing Promotions, siphinde sakhipha noPhiwokuhle “Ben” Mnguni oqophe umlando ngokuba owokuqala ukuba ibhokisa lesifazane ukunqoba indondo yethusi kumaCommonwealth Games abeseBirmingham, e-England.  

Kuyo le jimi uDube uphinde acije uSanele Mhlungu ozolwa noDumsani Majozi kwiFlyweight. Okwenza lezi zimpi  zibhekwe ngabomvu ukuthi nakuDube kuzobe kungokokuqala ema ekhoneni lezimpi ezikhokhelayo.  Ompetha abukela kubo uChili bakuleli ngu-Elijah “Tap Tap” Makhathini, uDingaan “Rose of Soweto” kanye noThobela Jacob “Baby Jake” Matlala. Uphinde abheke izihlabani zaseMelika uMike Tyson noDave Hale.

Scroll To Top