Inhlansi iyalokoza kwezamankomane kuleli
UXimba uyintatheli yezemidlalo nezobuciko.
Unyaka odlule awubanga muhle esibhakeleni saseNingizimu Afrika. Lokhu kufakazelwa ngukuthi izwe liqede unyaka odlule seligabe ngoMoruti Mthalane kuphela ophethe isicoco senhlangano ehlonishwayo emhlabeni. Ungumpetha we-IBF kuFlyweight.
BekunguMthalane noZolani Tete abebeyizithandwa ezweni njengoba uTete yena ubengumpetha weWBO esisindweni seBantamweight. Leli nxele laseMdantsane e-Eastern Cape lilahlekelwe ileli bhande ngokuxetshulwa nguJohn Riel Casimero wasePhillipines ngomzuliswano wesithathu e-England ngoLwezi nyakenye. Phakathi kwezizathu ezenze unyaka utsheke ukungami kahle emnothweni ezweni okuphoqe abagqugquzeli bezimpi bangakwazi ukuletha osomankomane bezinga eliphezulu ukuzozwana amandla nabakuleli.
Lokhu kwenze abagqugquzeli bakhalela ekuqhatheni izimpi zezicoco zezinhlangano ezingenkulu kakhulu njengoba abanye beqhathe izimpi zamabhande anjengaweWBF.
Kukhulunywa nje kunompetha abathathu abaphethe amabhande e-IBO. Labo ngoGideon Buthelezi oshaya kwasani kuJunior Bantamweight, uKevin Lerena oyiCruiserweight kanye noNkosinathi “Mabere” Joyi okhonya kuStrawweight.
Ukuba ngompetha be-IBO kubasondeza eduze kokulwela amabhande ezinhlangano ezinkulu ezifana neWBC,
iWBO neWBA. Njengoba kuqala unyaka kunethemba lokuthi ukujabula kuzoba khona ezweni uma osomankomane abanjengoMthalane, uThabiso “The Rock” Mchunu, u-Azinga Fuzile noThulani Mbenge benezimpi ezimqoka.
UMthalane ubheke ukuhlubana noGiemel Magrano wasePhilippines okleliswe endaweni yokuqala ezilinganisweni ze-IBF noma alwe impi ehlanganisa amabhande amabili. Ubheke ukududulana nompetha weWBA u-Artem Dalakian wase-Azerbaijan noma umpetha weWBO uKosei Tanaka waseJapan.. UMchunu, obese kucatshangwa ukuthi sekuphelile ngaye, usethubeni lokulwela isicoco seWBC kuCruiserweight. Ubuya ekushayeni into ecokeme ebukisa ngenkakha yaseRussia uDenis Lebedev ngoZibandlela. Leli yithuba lesibili kulo somankomane waseCato Ridge kodwa ozinze eGoli ngenxa yokuzama iphalishi. Eminyakeni emine edlule wehlulwa ekugcineni u-Ilunga “Junior” Makabu empini yokuhlungela leli bhande empini eyayise- ICC eThekwini.
Leli bhande leWBC liyivela kancane kubashayisibhakela bakuleli njengoba bebabili kuphela abasakwazile ukuliphatha. Labo ngoThulani “Sugarboy” Malinga, owalithatha ngamaphuzu kuNigel “Dark Destroyer” Benn e-England ngowe-1995. Kwalandela uDingaan “Rose of Soweto” Thobela owajikela esiswini njengotshwala engqimuza ngomzuliswano wokugcina uGlen Catley empini eyayiseBrakpan eGoli ngowezi-2000. USimphiwe Konkco uzamile ukulandela ezinyathelweni zoMalinga noThobela kodwa wahlulwa ngamaphuzu uWanheng Menayothi eThailand ngasekupheleni konyaka.
UMbenge, obalwa nosomankomane abanekusasa eliqhakazile esigabeni seWelterweight, unethuba lokulungisa amaphutha uma esephinde exhimfana noSebastian Formella maduze. UMbenge wephucwa ibhande le-IBO nokube yimpi yokuqala ukuthi ahlulwe kuyo.
Noma ngabe kuthiwa isikhalo sabo siyachithwa, uFuzile kumele avuke azithathe. Leli nxele eliyithemba lakuleli ngenxa yekhono lalo langqimuzwa kabuhlungu uShavkat Rakhimov waseRussia empini yokuhlungela ibhande le-IBF Junior Lightweight. Ngaphambi kokuthi abhekiswe phezulu izinyawo ngomzuliswano wesi-8, uFuzile wayehamba phambili ngamaphuzu. Njengamanje kulindelwe isinqumo se-IBF sokuthi silalelwa nini isikhalo sokuthi ikhempu kaRakhmov yasebenzisa izikhuthazimzimba kule mpi.
Ohlangothini lwaseKZN, abagqugquzeli abanjengoNomvelo Magcaba, uZandile
Malinga, uThulani Magudulela neTap Tap Boxing Promotions babukeka befuna ukubhukula kunakuqala. Ngonyaka odlule ibe mine imiqhudelwano kulesi sifundazwe kanti kukhiqizwe umpetha weWBF u-Ayanda Mthembu onqobe emqhudelwaneni obukwaNongoma.
UMagcaba neTap Tap Boxing Promotions basembhidlangweni yokuvundulula ikhono nokunika labo asebethembisa ithuba lokuzifaka ezilinganisweni zikazwelonke. UMalinga uhlela umqhudelwano ozoba nezicoco zeWBF eDundee ngenyanga ezayo.