Impumelelo yamaBhokobhoko izodlula ebunzimeni



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kubukeka kuzoba nzima ukuthi amaBhokobhoko abuyisele izinduku emqhudelwaneni iRugby Championship, kusasa ngele-11:45 e-Allianz Stadium. Ngeledlule adlale ne-Australia, e-Adelaide Stadium kwanqoba i-Australia ngamaphuzu angama-27 kwali-17. Okuzokwenza athwale kanzima amaBhokobhoko kulo mdlalo, ukuthi azoya kuwona ngaphandle kwabadlali abayizithenjwa uHandre Pollard noLukhanyo AM. Laba badlali kuphoqeleke ukuthi babuyele emaqenjini abo beyolulamela khona.
Abanye abadlali abalimele kumaBhokobhoko uPieter-Steph du Toit kanye no-Elton Jantjies, kodwa okuhlukile ngabo laba ukuthi bazoqhubeka nokusala eqenjini balulame kuze kuphele iRugby Championship yakulonyaka. UDu Toit ulimele edolweni kanti uJantjies yena ulimele esandleni. Amazwe adlala iRugby Championship, amaBhokobhoko, i-Australia, i-Argentina neNew Zealand.
Umqeqeshi wamaBhokobhoko uJacques Nienaber uthe: “Kuhlale kuyishwa ukulahlekelwa abadlali abamqoka esikwatini kodwa lokhu kuvulela abanye abadlali ithuba lokuthi bangenele baveze abangakwenza kulezo zikhundla,
Sesinabadlali abangama-32 ekhempini, u-Elton okulindeleke ukuthi alulame azodlala ne-Argentina kanti nabadlali abanjengo-Andre (Esterhuizen) Jesse (Kriel), noFrans (Steyn) bayakwazi ukudlala maphakathi. Sikholwa ukuthi sinabadlali abanele. Besivele sihlele ukunikeza inqwaba yabadlali abasesikwatini sethu amathuba ngoba sibheke kwiNdebe yoMhlaba ngakho-ke sizosebenzisa leli thuba ukuhlola ukuthi isikwati sethu siqine kangakanani,” kusho uNienaber.
I-Argentina iyona ezihola phambili ngamaphuzu ayi-9 emva kwemidlalo emithathu ilingana ne-Australia. INew Zealand ihlezi endaweni yesithathu ngamaphuzu amahlanu, kuthi amaBhokobhoko kube yiwo ayivale ezansi ngamaphuzu amane.
AmaBhokobhoko ahlulwe kabili iNew Zealand ngamaphuzu angama-35 kwangama-23, aphinde ahlulwa ngamaphuzu angama-25 kwali-17 i-Australia. Anqobe umdlalo owodwa ehlula iNew Zealand emdlalweni wokuqala ngamaphuzu angama-26 kwali-10.
I-Australia inqobe kabili ihlula i-Argentina ngamaphuzu angama-41 kwangama-26 yaphinde yahlula amaBhokobhoko. Ihlulwe i-Argentina kumlenze wokuqala ngamaphuzu angama-48 kwali-17.
Imidlalo yamaBhokobhoko elandelayo azoyidlala ne-Argentina kabili, ngomhla zili-17 kwephezulu e-Estadio Jose Amaititani kuthi owokugcina uzoba mhla zingama-24 eKings Park Stadium.