Now Reading
Abesifazane abathole ukwesekwa okulinganayo njengabesilisa kwezemidlalo
Dark Light

Abesifazane abathole ukwesekwa okulinganayo njengabesilisa kwezemidlalo

Ukusongwa kwenyanga yabesifazane esiphuma kuyo kuyongena emlandweni ngokuningi okwenzekile esikhathini esifushane ukuqhakambisa iqhaza labo. 

Sibonile amaqembu ahlukene ezepolitiki enza izithangami zabesifazane abadala nabancane kwaphinde kwaba nomgubho omkhulu eRichmond, KwaZulu-Natal lapho kwakhuluma khona uMengameli uCyril Ramaphosa. Kungakuhle ukuthi kungagcini nje ngokuthi basekwe ngenyanga yabo kuphela,  kodwa  sibone imikhankaso iqhubeka nangale kukaNcwaba. 

Ngiyafisa ukukugcizelela ukuthi ukube kuya ngami ngabe indlela abesekwa ngayo kumele ilingane  nendlela okwesekwa ngayo abesilisa. 

Enkundleni kuyalinganwa, imizuzu edlalwayo iyalingana. Akukho okuhlukile okuthiwa yingoba okwabantu besilisa noma abesifazane. 

Basuke beqinisile uma bethi uma ufuna into yakho iphumelele ubobeka umuntu wesifazane phambili. Ukwesekwa kwabesifazane kugqame ngoNtulikazi ngesikhathi iqembu lesizwe likanobhutshuzwayo iBanyana Banyana lidla umhlanganiso kumqhudelwano omkhulu e-Afrika, i-African Women Cup of Nations  (AWCN) eyabe iseMorocco. Lokhu kwenza iBanyana Banyana yazibekela indawo kweyoMhlaba.

Okwaba kuhle  kakhulu ukuthi banikezwe amabhonasi aconsisa amathe. Akugcinanga lapho, baphinde bathola ukwesekwa ezifundazweni zabo benikwezwa imali elinganiselwa ezinkulungwaneni ezili-R100 umuntu ngamunye. 

Ngikholwa ukuthi kusukela manje inhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli, iSouth African Football Association (SAFA), lokho konyusa izinga likanobhutshuzwayo kuleli sibe nabadlali abaningi abazogijima phesheya kwezilwandle. Singagcini lapho sikwazi ukuncintisana namaqembu ahamba phambili emhlabeni.

Ngeledlule iBoxing South Africa  (BSA) yenze into engakaze yenzeka emlandweni iba nomkhankaso othathe isonto lonke ukweseka abesifazane kwezamankomane. Lo mcimbi yize ubuhlelwe iBSA, kodwa phambili bekukhona abesifazane okunguZandile Malinga weStarline Boxing Promotions, uMbali Zantsi weShowtime Boxing Promotions, uNomvelo Magcaba-Shezi weMvelo Boxing Promotions. 

See Also

Kuphinde kwahlonishwa intokazi eqophe umlando ngokuba owesifazane walapha eNingizimu Afrika wokuqala ukuthola indondo kumaCommonwealth Games, lowo nguPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni. Uma kungaqhutshekwa nokusekwa ezamankomane emazingeni aphansi, singaba noPhiwokuhle abaningi abazosinqobela izindondo emiqhudelwaneni emikhulu.

Kumele iNingizimu Afrika iqale namuhla ukweseka izintokazi ezizosimela kwiNdebe YoMhlaba yomnqakiswano ngonyaka ozayo. Zingasekwa sekuthiwa iSpar Proteas iyona enqoba lo mqhudelwano ozobanjelwa eCape Town. 

Nakukhilikithi iNingizimu Afrika, yenza kahle njengoba emhlabeni koweT20 International ikeliswe endaweni yesithupha, kweye-One Day International (ODI) ikleliswe endaweni yesithathu. Kunabadlali ababalwa nabali-10 emhlabeni bakuleli, lapho kukhona uLaura Wolvaardt osendaweni yesine kwababhethayo. 

Kwabaphonsa amabhola, uShabnim Ismail ukweyesine, u-Ayabonga Khakha ukweyesithupha kuthi uMaprizanne Kapp abe sendaweni ye-10. Angisho ukuthi akusekwe leminxa yemidlalo engenhla kuphela kodwa, yonke ukuze ezemidlalo zabesifazane zizothuthuka lapha eNingizimu Afrika.

Scroll To Top