Now Reading
Kubalulekile ukuthi uzibambe ziqine zisuka amadaka kuPremier League
Dark Light

Kubalulekile ukuthi uzibambe ziqine zisuka amadaka kuPremier League

Eminyakeni edlule iqembu lase-England eligijima ku-English Premier League (EPL), iLiverpool FC ingelinye lamaqembu elilinyuse kakhulu izinga okuze kwadala ukuthi wonke amaqembu uma ezobhakana nayo abeza kuyona ethukile.

Okuwubufakazi kwalokho ikwaze ukuthi eminyakeni emihlanu idlale kowamanqamu  kumqhudelwano omkhulu i-UEFA Champions League. Ihlulwe kabili ngesizini yangowezi-2017/18 iReal Madrid, nangesizini edlule ihlulwe yiyo iLos Blancos (iReal Madrid).

Ngesizini yangowezi-2018/19 yakwazi ukuthi iwunqobe lo mqhudelwano, ngesikhathi yehlula iTottenham Hotspur ngamabili eqandeni.

Leli qembu elineminyaka eli-130 lasungulwa ngonyaka wezi-2019/20 lanqoba i-EPL. Kwenzeka lokho nje kwase kuphele iminyaka engama-30 kwagcina ukuthi inqobe lesicoco siligi.

Abaqeqeshi, abadlali bebesho ukuthi iLiverpool FC iyona qembu elikhulu emhlabeni ngenhla yendlela edlala ngayo.  Indlela eqale ngayo isizini ka-2022/23, ibukeka ingeyinhle neze. Ngiyazi enkundleni kusuke kudlala abadlali abali-11, kodwa ukuhamba kukaSadio Mane ongowokudabuka eSenegal ngikubona kunomthelela omkhulu ekungenzeni kahle kwaleli qembu eliqeqeshwa uJurgen Klopp. UMane ushiye esedlale amasizini ayi-6, ngeke kwaphikwa ukuthi uyena obeyisithenjwa ebambisene noMohamed Salah wase-Egypt. Ushiya nje ubesedlale imidlalo eli-190 wavalela phakathi amagoli angama-90.

ILiverpool FC kusazoyithatha isikhathi ukudlala ngaphandle kwaleskhwishikhwishi esiwuMane. Emdlalweni emithathu eyidlalile ikukhombisile lokho ukuthi izoba nesizini enzima.

Emidlalweni emithathu eyidlalile, ihlulwe iManchester United nayo ebhedelwa izinto. Yabe isidlala ngokulingana neFulham engomakoti kanye neCrystal Palace.

Akukhona ukuthi angibaboni bezowahlohla amagoli uDarwin Nunez, uLuis Diaz, uRoberto Firmino noSalah kodwa isikhala sikaMane sisazoba khona. Kuyafana nokwenzeka  kuReal Madrid kumasizini edlule ngesikhathi ishiywa uCristiano “CR7” Ronaldo, kumasizini adlule kwathatha isikhathi ukuthi ibuyele esimeni sayo.

See Also

Iqiniso ukuthi kuPremier League, kumele ithi iqala isizini ube wenza kahle makungenjalo uyolandela ngemumva koze kuphele iligi. IMan City ngiyibona kuyiyo esazoqhubeka nokukhonya kule ligi yamaNgisi.

I-Arsenal FC neChelsea FC ngibona kuyiwo amaqembu azofaka ingcindezi enkulu kule sizini. IMan United yona inengcindezi enkulu yokuthi kumele yenze kahle, ijabulise abalandeli bayo asebephenduke ihlaya.

Kukhona konke ngithi iLiverpool FC izomkhumbula uMane, okuyimanje osevalele phakathi amagoli amathathu eqenjini laseGermany iBayern Munich. Angingabazi ukuthi usazoqhubeka nokushaya amagoli.

Scroll To Top