Now Reading
Kumele anyuse izinga amaqembu adlala ku-ABC Motsepe
Dark Light

Kumele anyuse izinga amaqembu adlala ku-ABC Motsepe

Kunenkulumo ehlezi ikhulumywa, ihumusheka kanje: “Isifundazwe iKwaZulu-Natal, isona sifundazwe esiphethe inqwaba yabadlali bakanobhutshuzwayo abanekhono eliyisimanga”. 

Le nkulumo ihlezi ishiwo, abahlaziyi bakanobhutshuzwayo, izinkakha, kanye nabaqeqeshi abaningi abahlonishwayo ebholeni lalapha eNingizimu Afrika. Yize le nkulumo iyiqiniso kodwa, eminyakeni edlule lokhu bekubukeka engathi akulona iqiniso. 

Okwenza ngisho lokho ingoba amaqembu akulesi sifundazwe abengenzi neze kahle okubalwa iDStv Premiership  neGladAfrica Championship.  Kodwa ngesizini edlule kubuye ithemba ngesikhathi kunyukela esigabeni esiphezulu iRichards Bay FC isuka kwiGladAfrica Championship esibizwa ngeMotsepe League Foundation. 

Lokho kwenze kwaqopheka umlando wokuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal sibe namaqembu amahlanu adlala kuDStv Premiership, lapho kubalwa iRoyal AM, AmaZulu FC, iLamontville Golden Arrows, iMaritzburg United nayo iRichards Bay FC. 

Ngalokho ngibona ukuthi kufaka ingcindezi enkulu emaqenjini akhona ukuthi kumele ehlezi enza kahle emdlalweni yawo. Kuphinde kufake ingcindezi emaqenjini agijima ku-ABC Motsepe League kuso lesi sifundazwe ukuthi enyukele kuMotsepe League Foundation.  

Iqembu elagcina linyukele esigabeni esikhokhelwayo uThongathi FC okwabe kungunyaka wezi-2016/17 ngaphambi kwalapho kwabe kugcine iReal Kings ngesizini yangowezi-2015/16. 

Kumele impela amaqembu adlala kulesi sigaba se-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal anyuse izinga, lokho kobe kufakazela lokho okushiwoyo ngalesi sifundazwe ukuthi singesihamba phambili ngokuba nabadlali abanekhono elimangalisayo. 

Kula masizini adlule lifike libhacaze iqembu elisuke limele iKwaZulu-Natal kowokuhlungela ukungena kwiMotsepe Foundation Championship, liphume kusadlalwa owamaqoqo. 

See Also

Ngesizini edlule iSummerfield Dynamos yabe ithwele ngeqola ukuthi ingenza kangcono yafike yabhacaza.  Njengoba kusele amasonto ngaphambi kokuqala kweligi amaqembu wonke kumele azi ukuthi aphezu kwenkulu ingcindezi okwenza kahle. 

Lelo okuyilo elonqoba isifundazwe,  komele lisekwe ukuze lifike lenze kahle kweyokuhlungela isizini ka-2023/24. Ngokubuka imidlalo eqhubekayo yokuhlungela ukungena kwiNedbank Cup, ngibona iNjampela FC yakaNongoma, iGWP Friends yaseThekwini, uMsinga United waseMsinga, iMilford FC yaseKing Cetshwayo kungamaqembu angenza kahle kule sizini. 

Kuyimanje lilodwa iqembu elimele isifundazwe iKwaZulu-Natal kuMotsepe Foundation Championship okuwuThongathi FC, okuhle ukuthi nalo luyiqale kahle isizini nangendlela elidlala ngaphansi bokuholi bukaSimo Dladla kubukeka luzoba nesizini enhle. 

KuDStv Premiership nakhona iRichards Bay FC, iRoyal AM, i-Arrows na-AmaZulu FC bayiqale kahle isizini.  Iqembu okusabheda kulona iMaritzburg United.

Scroll To Top