Now Reading
UMntwana wethula umsebenzi wokungenisa iNgonyama eSibayeni
Dark Light

UMntwana wethula umsebenzi wokungenisa iNgonyama eSibayeni


Kunqume iNdlunkulu kaZulu ukuthi kube nomcimbi wokungenisa ISILO eSibayeni.


Munye kuphela umcimbi onjalo engake ngawubona wenzeka lapha eNdlunkulu, cishe ngowe-1954 kungeniswa iNkosi yakwaKhethomthandayo iNgonyama uCyprian Nyangayezizwe Bhekuzulu kaSolomon kaDinuzulu.  Ngaphandle kwalowo umuzi wakwaButhelezi, oBaba nomuthi kaSomadaka (Isizwe sakwaButhelezi) bangenisa nami esibayeni KwaPhindangene.

ISILO uBhusha wangeniswa esibayeni sakwaDlamahlahla, iSigodlo seSilo iNgonyama uSolomon kaDinuzulu esasinguyise ayekhulele kuso.

ISILO saKwaKhangelamankengane, iNgonyama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu akazange angeniswe eSibayeni.

Ukungena kweNgonyama yakwaKhethomthandayo, iNgonyama uBhekuzulu kwakungeyona into efana nokubekwa kwakhe eSihlalweni soBukhosi.  Wabekwa emuva kophenyo lombango olwase luqediwe kwaNongoma.  Kwakungowe-1948 ISILO uBhekuzulu enikezwa izincwadi ezazivela kuHulumeni ukuthi useSihlalweni soBukhosi.  Wangeniswa eSibayeni asekade abekwa, njengoba ngishilo ngonyaka we-1954.

Kufanele kucaciswe lokhu ngoba abantu sebekhuluma sengathi ukungena kweSILO eSibayeni KwaDlamahlahla kwakuyilanga lokubekwa kwaso eSihlalweni.

Njengoba ngizobeka engikukhumbulayo kancane okwenzeka ngalolo suku KwaDlamahlahla. ISILO uBhekuzulu sasiqimbe ngesingenhla kuphela, sembathiswe isiphuku noma isikhumba. Sidondolozela ngomkhonto ngasekudleni kwawo.  Sisuka elawini esasilala kulo KwaDlamahlahla.  Abambalwa eNdlunkulu, njengaBantwana oyise nabakweminye imizi besingungile ISILO. Kwasekuhutshwa ihubo leSILO uCetshwayo ‘Uzithulele’ sekuhanjwa naso ISILO kusukwa endlini sekuyiwa eSibayeni.  Kwakungeyibo bonke aBantwana ababelapho ngalolo suku ababehamba neSILO kuyiwa eSibayeni. Abanye babeseSibayeni nengxenye yebutho. ISILO sangena sebesilinde khona ngaphambili eSibayeni.

Engikukhumbulayo kwasekubikwa-ke kwabakhona nakwasebalele ukuthi njengoba ISILO esizala ISILO sakhothama ngowe-1933, kuzobikwa-ke ukuthi indawo yeSILO uyise isithathwe yiyona indodana yeSILO uMaphumzana, uCyprian Nyangayezizwe Bhekuzulu.

Kushiwo ukuthi yilanga ethulwa ngalo kwabasekhona nakwabangasekho ukuthi nguye oseSihlalweni sikayise, esimzalayo kanye nawo onke aMakhosi amndulelayo.

Lokho kwenziwa ngabadala oyise noma oyisemkhulu, ingungwe yibo bonke laba abangene nayo baseNdlunkulu eSibayeni.

Kuhutshwa wona amahubo amakhulu aMakhosi; afana nawo Uzithulele, Khethani Amagwala eleLembe; Bayaziphangisa layo futhi iNgonyama yasoNdini, iNkosi uCetshwayo kaMpande. 

EleNgonyama nalo yasoNdini iNgonyama uCetshwayo kaMpande, namanye afana noWadla, Ezamahole Waziholela, nakayisemkhulu, iNgonyama yasoSuthu uDinuzulu kaCetshwayo afana noSasengena KwaNongoma, naweSILO esimzalayo iNgonyama uMaphumzana uSolomon kaDinuzulu nawamanye aMakhosi angaphambili afana neleLembe, iNgonyama uShaka kaSenzangakhona esengilishilo.

Izinyosi ziqhubeke nomthandazo okungukubonga aMakhosi.

Akubanga kuningi okolunye uhlobo eSibayeni ngoba kwakungesilo ijadu, lo ngumthandazo ngowesiko likaZulu.

Kuhle kucace ukuthi noma iSibaya sakwaKhangelamankengane sisikhulu, asikhulelwa khona ukuthi kungangena bonke abeze kulo msebenzi, nezibukeli abafanele babe ngaphandle kweSibaya. Akubo abeNkosi aBantwana, akusibo bonke abayingxenye yakho konke okwenziwayo ngaphandle kokuhlabelela wona amahubo.

Kulo mcimbi wokungenisa lesi SILO eSibayeni sengathi kungabe sekwenziwa izilokotho ezingenziwa ngabaseNdlunkulu ngenhlokomo, belandela ukufunda izilokotho eziyobe seziqoshwe phansi.  Kusekuba ngaMakhosi nawo ngenhlokomo, ukuqinisekisa ukuseseka ISILO emsebenzini waso omkhulu wokuhola isizwe sakwaZulu nokusethembisa ukwethembeka kuso.

See Also

Kungaya ngokuthi kuqalwe masinyane yini ukuba kungase kwenziwe izilokotho ngamanye amathimba esizwe, nesizwe sonke kanye kanye ukusiqinisekisa ukusisekela ISILO emsebenzini waso omkhulu wokuhola uZulu.  Nokuqinisekisa ukusinika ukwethembeka kwesizwe sonke.

ESibayeni akukho kuhlabelela okunye ngaphandle kwalokhu esengikuchazile, okwenziwa ngeminye imicimbi yokuzijabulisa nje, yokwejaja.

Uma kuqalwe ngesikhathi kungabonakala noma kuphunyelwa ngaphandle kweSibaya, lapha-ke kujatshulwa ngokujaja okunenhlokomo njengeSiphithiphithi nokunye, kuye ngokuthi isikhathi sithini ngoba kungakuhle abantu badle kusakhanya futhi bahambe kusakhanya.

Asazi noma kuyoba khona yini isiteji ngaphandle kwesibaya lapho abanandisayo bangaba nethuba lokuba banandise.  Kodwa usuku olunjengalolu akumangalisi ukuba yimpi yeSILO ikakhulu, iButho eliphambili, nabaseNdlunkulu.

Seziningi-ke izindlela okunandiswa ngazo ngale minyaka, nokho wusuku lokujabula okunesizotha nenhlonipho.

Njengoba ngenkathi kwenziwa imisebenzi yenzeka lena yokungenisa ISILO eSibayeni, yayenzeka kungakabibikho amaqembu ezombusazwe/mbangazwe.  Kuyacelwa ukuba kungeze kwagqokwa nencane into yemifaniswano yobuqembu.  Yilanga leli lapha isizwe seNgonyama siviyonye, sigcizelela khona ubunye bukaZulu, nokuzimisela kwesizwe ukuqhuba phambili inhlonipho nobumbano lwesizwe sikaZulu.

Njengoba kusebusika ilanga selishesha lishone, ngakho kuyokwenzeka kumele kubekufushane ukuze abantu bahlakazeke lingakashoni ngoba nezingozi ziba ziningi ebusuku kunasemini ilanga lingakashoni.

Scroll To Top