Owamanqamu e-Afcon usivezele izinhlaka eziningi ngonobhutshuzwayo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqhudelwano i-African Cup of Nations (AFCON) ebibanjelwe eCameroon kuliqiniso ukuthi iqala ibingathembisi ukuba ingaphela isimnandi kangaka.
Emidlalweni yamaqoqo sibonile amaqembu amaningi enqoba ngoqhwasha bamaphenathi. Kodwa usuyophela lo mqhudelwano ushube kakhulu, sibona amazwe amancane ekhipha amakhulu.
Siyibongele iSenegal ukuthi igcine ikwazile ukunqoba lo mqhudelwano iguqisa i-Egypt kowamanqamu, sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni ophele zibambene ngeqamda nhlangothi zombili.
Kulo mqhudelwano ziningi izinto ezingihlabe umxhwele, nengicabanga ukuthi baningi abantu abangakufunda kukhona.
Ezinye zalezi zinto ukubekezela kwenhlangano ephethe unobhutshuzwayo waseSenegal, ukuthi ugcine u-Alio Cisse. Lo mqeqeshi uqashwe ngonyaka wezi-2015 ukuba aqeqeshe iqembu lesizwe saseSenegal, kuliqiniso ukuthi eqashwa izinto azimhambelanga kahle. Kodwa lokho akuyithenanga amandla inhlangano ephethe ibhola kuleliya lizwe igcine mhlambe isimxosha. Buka namhlanje uzifake emlandweni wokusiza iSenegal ukuthi inqobe lo mqhudelwano okokuqala. Khona amazwe athe uma ephuma kulo mqhudelwano akuphelanga izinsuku ezingakanani axosha abaqeqeshi, lokho kuchaza ukuthi uma lelo lizwe lihlulwe emqhudelwanweni othize lizoxosha umqeqeshi waleso sikhathi. IGermany iqeqeshwe umqeqeshi oyedwa iminyaka eli-15 lowo nguJoachim Low kule minyaka usize leli lizwe ukuba linqobe iNdebe YoMhlaba naye waqala efa induku.
UCisse ngonyaka wezi-2002 wayeyingxenye yeqembu leSenegal elalidlala umdlalo wamanqamu, sekungumlando ukuthi bahlulwa kulowo mdlalo washweba iphenathi. Emdlalweni engama-92 engumqeqeshi, unqobe engama-56, wahlulwa kweli-13 wadlala ngokulingana kwengama-23. Ngonyaka wezi-2019 naleli qembu wahlulwa kowanqamu wayo i-Afcon njengoba esewunqoba kulo nyaka.
Okunye engikufundile ukuthi amazwe awafunde ukuthi aqeqeshwe abaqeqeshi bakulawo mazwe, lapha eNingizimu Afrika kufuze ingabe siqeqeshwa umqeqeshi walapha ekhaya oseke wadlala eqenjini lesizwe olwaziyo usiko lalapha. Kusizani ukuqasha abaqeqeshi bangaphandle ozofika ezosifundisa isitayela sokudlala sasezweni lakhe okuba nzima abadlali bakuleli ukuba basifunde. Thina lapha sazi ibhola lomjiko, asiyazi le nto ekuthiwa iTiki Taka labelungu abasiqhamukela nayo bafike badle imali bejike behambe. Yize i-Egypt ihluliwe kodwa inqwaba yabadlali bakhona badlala kuligi yakhona e-Egypt okusho ukuthi iningi labo liyazana.
Into eyenziwe umgadli weSenegal uSadio Mane ingichaze kakhulu, yokuthi ngesikhathi bedlala owandulela owamanqamu wakhokhela abalandeli abangama-50 ukuba beze eCameroon bezobaseka. Kuthe sebedlala owamanqamu wakhokhela abangaphezulu kwabali-100.
Lokhu kukutshela ukuthi lo muntu uyalifela izwe lakhe, le nto esingayiboni yenzeka kubadlali bakuleli. Abanye babo bahlulwa ngisho ukwenza imiqhudelwano lapho abaqhamuka khona.
Abadlali bakuleli abafunde ukubeka phambili izwe labo, bengajabuleli nje ukubizwa eqenjini lesizwe kodwa bengalilweli uma besenkundleni.
Okokugcina nje ngithanda ukuncoma uVictor Gomes obengunompempe kowamanqamu, uwuphathe kahle umdlalo. Akabanga nakho ukuthi ngoba kukhona uMohamed Salah noma uMane enkundleni, okanye kukhona izigidi zabalandeli athuke izanya agcine esethatha izinqumo ezizoqhatha umdlalo.
Esinye seziwombe sizibonile uGomes ephethe impempe nekhadi eliphuzu efuna ukukunika uSalah, ekhombisa ukuthi akudlalise yena ngoba engathi ukhuluma kakhulu.
Yize iNingizimu Afrika ibingekho kulo mqhudelwano kodwa uliphakamisile ifulegi lakuleli benoZakhele Siwela obeyisekela nompepe kuwona owamanqamu.