Now Reading
Uyisithebe esiphethe anonileyo
Dark Light

Uyisithebe esiphethe anonileyo


Udosi lokuqopha umlando oweNkosi lwamutinyela ngonyaka we-1968 okwathi  ukuqala kwakhe ukusebenza neSILO esidala kwamsiza


Iqiniso elibhekene noZulu naboHlanga yikuthi baya bencipha abantu abazi umlando. Lokhu akukho nje emindenini kepha ngisho eNdlunkulu kaZulu le nhlekelele ikhona kanjalo nakubo uBukhosi jikelele. Kungalesi sizathu igama loMntwana uBhekizizwe Zeblon kaNqama liletha ukumamatheka kwabaningi abangabathandi bomlando kaZulu. 

UMntwana ungumbhali ongabizwa njengobhala umlando weNdlunkulu kaZulu ngenxa yolwazi lwakhe ngomlando cishe wezindlu zonke zaseNdlunkulu kaZulu. Emibhalweni yakhe kakufihli ukuthi yize kokunye ake ayozimbela yena mathupha umlando lona kepha ulwazi lwakhe lwakhuliswa kakhulu ngabadala lapha eNdlunkulu. Khona lapho uma ukhuluma naye yize esekuleminyaka akuyo yobudala siyezwakala isifiso sokulalela ngisho nabancane inqobo nje uma beza nokusha okungafundisa isizwe. 

Udosi lokuqopha umlando lwamutinyela oweNkosi ngonyaka we-1968 okwathi ukuqala kwakhe ukusebenza neSILO esidala ngowe-1982 kwamulekelela kakhulu ekuqondeni ngokujulile amasiko kaZulu. Okunye okwamuweza yikuthi ngonyaka we-1986 aqokwe njengoSihlalo wabaNtwana beziNdlu zonke zoBukhosi bukaZulu. Wabuya waba yilungu loMkhandlu Omkhulu weSILO (King’s Council), wabuye wakhethwa ukuba abe nguSihlalo wabaNtwana beNdlu yakwaMandlakazi. Yonke lemisebenzi yenza waba sethubeni eliyingqayizivele lokuba athole okulikhethelo emlandweni nangenawo umona njengoba eqhubeka kuze kube yinamuhla ekwabela labo abafisa ukuba nolwazi.

Okumangazayo kokunye kudumaze futhi kufake ugqozi yilapho esexoxa khona ngobunzima ahlangabezana nakho ekushicileleni lomlando oyinqaba kutholwa. Uma esho lokhu akukholakali ngoba kubukeka kwenza umqondo ukuthi onjengaye nonolwazi olungaka afukulwe kuthi ulwazi lwakhe lulondolozelwe izizukulwane. Phakathi kwemisebenzi aseyibhalile kungabalwa lena; Isilulu sikaZulu okuyizibongo zaMakhosi azalwa eNdlunkulu. Umliba weSILO uZwelithini, iZindlovukazi zoBukhosi bukaZulu, UMntwana uZibhebhu kaMaphitha, Amahubo kaZulu, Amasiko akwaZulu, Indlendla kaZulu kanye noMomongo kaZulu.

Muva nje uMntwana wenze umsebenzi omangalisayo ngesikhathi ehola izinsizwa ezabe zakha isibaya eNdlovini nayilapho ngomhla zingama-20 kwephezulu ISILO esizongena kuso.  Echazela ElaboHlanga ukuthi lokhu kwenzeka kanjani uMntwana wathi: ABantwana bendlu yoMntwana uMaphitha kaSojiyisa weSILO uJama, abakhe endaweni yaseNkunzana bangicela ukuba ngizobelekelela bakhe isibaya eSigodlweni KwaKhangelamankengane. Ngacelwa umuzi woMntwana u-Aaron weNdlu yoMntwana uFokothi kaMaphitha okuyiwona ophethe indawo yaseNkunzana lapha okwakhe khona iSigodlo saKwaKhangelamankengane. UMntwana u-Aaron nguyena owayeyinduna yaseNkunzana owayesanda kwedlula emhlabeni ngesifo sokhuvethe, endulela ISILO uZwelithini ayesiphathele lendawo yaseNkunzana. UMntwana uSimon weNdlu kaFokothi kaMaphitha, uMntwana uDlokolo kaMdakadaka weNdlu kaHlomuza kaMaphitha, uMntwana uShonovu kaGexezile weNdlu kaHhayiyana kaMaphitha, kanye noMntwana uHerbert waseMfanele.  Bathi bacela ukuba ngibasize ekwakhiweni kwesibaya eNdlovini ngoba ISILO sesibekiwe phakathi kwabo. UMntwana waKwaPhindangene wathi mhlazana, uMntwana uBhekintinta, iNkosi yakwaMandlakazi, aBantwana nezinduna bezokhala kukhothame iNdlovukazi wabeka wathi; “Ndabezitha lo muzi weSILO wakhiwa kulendawo ngoba kwenzelwa ukuphepha kwawo ukuba ube sezandleni zakho”

See Also

Waqhuba oweNkosi wathi: “Kwathi uma ISILO uMisuzulu siphuma naBantwana siyogubha uMkhosi WoMhlanga eNgwavuma mina ngangiphuma naBantwana baseNkunzana siyogawula izingodo zokwakha isibaya eNdlovini. Kwathi ngomhla lulu-1 kuMandulo wezi-2021 sangena ehlathini saqala ukugawula.” Lo msebenzi ngokungangabazisi kwenza uMntwana angabi nje kuphela ngumbhali womlando kepha naye qobo uba ngumlando ngoba ngaphandle kwalomsebenzi kukhulu okunye akwenze neSILO esidala ekuvuseleleni ulwazi ngemikhosi kaZulu. Omunye nje elingesale igama loMntwana nguMkhosi woMhlanga namuhla osudume umhlaba wonke.

Kwingosi yakhe yamasonto onke kwelaboHlanga uMntwana uhlale eveza okusha nokwenza abafundi babe nentshisekelo yokwazi konke. Cishe masonto onke akwenzeki uma ebhalile zingangeni izingcingo ezifisa ukuxhumana noMntwana noma ukuthola amabhuku aqukethe umsebenzi awubhalileyo. Lokhu kusho inxano abantu abanalo ngomlando wabo kuthi khona lapho kusikhumbuze ukubaluleka kwabanjengo Mntwana uBhekizizwe ekuqopheni umlando oyiwo noyohlomisa izizukulwane.  

Isithebe sakhe sibukeka sizoqhubeka nokuphatha anonileyo njengoba engxoxweni nelaboHlanga ukuvezile ukuthi kahleli kepha uhlanganisa umlando wezindlu zakoMkhulu nakholwa yikuthi kuyoba ngumnikelo omkhulu kuzizukulwane ezizayo zaseNdlunkulu nasesizweni jikelele.

  • ISigqiki yingosi entsha yelaboHlanga nekhuluma ngabaholi boHlanga abavela emikhakha eyehlukene yempilo. Iyatholakala nakusizindalwebu naku podcast.
Scroll To Top