Now Reading
Kuphunze “umlenze” wesibili wokutapa eMarianhill
Dark Light

Kuphunze “umlenze” wesibili wokutapa eMarianhill

Amaphoyisa asevule idokodo lophenyo emva kokutholakala kwesidumbu sowesilisa oneminyaka engama-45, emagcekeni endawo egcina utshwala eMarianhill ngoMsombuluko ebusuku.

Okhulumela amaPhoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseMarianhill avule idokodo kulandela ukuthola isidumbu sowesilisa emagcekeni endawo egcina utshwala.

UMbele uthe basola ukuthi lona wesilisa ubeyingxenye yabantu abagasele kulendawo beyotapa utshwala. Uthe bayasola ukuthi umufi unyathelwe ngabanye abantu ngesikhathi ababezotapa bebalekela amaphoyisa.

Ngokusho kukaMbele utshwala obekulendawo ebingenelwa yizakhamizi bese bonakele.
Uthe amaphoyisa akwazile ukusheshe abahlakaze abantu abebezama ukuzotapa utshwala. Izigameko zokutapa eMarianhill nasePinetown kuqale ukukhulunywa ngazo ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko ebusuku. Iningi labantu lizwakalise intukuthelo ngalezi zigameko zakamuva zokutapa.

UMnu uSandile Jingela uthe “kanti abantu banjani ngathi bewubona umonakalo ukuthi unjani emva kwezigameko zokutapa zokuqala kodwa basafuna ukuqhubezela phambili nokutapa.”
UNks uZodwa Ngubane uthe “kumele baboshwe bajeziswe kanzima abantu abazobanjwa benza amacala okutapa.”

Lokhu bese kuyimizamo yesibili yokutapa njengoba isimo kade sesithanda ukudamba kulandela insakavukela yezigameko zokutapa ezenzeke ngenyanga edlule kulandela ukugwetshwa kobenguMengameli wakuleli uMnu uJacob Zuma.

See Also

UMbele uthe baningi abantu ababoshiwe eMarianhill nasePinetown emva kwemizamo yakamuva yokutapa. Uthe amaphoyisa asiqaphe ngelokhozi isimo kulezi zindawo kulandela lezi zigameko.

Amaphoyisa ayisukumele ngokushesha imibiko yezigameko zokuzama ukutapa eMarianhill nasePinetown kulandela ukugxekwa kanzima ngokuhudula izinyawo ngesikhathi kade kunezigameko zokutapa zokuqala ezihlasele izingxenye eziningi zaKwaZulu-Natal nezaseGauteng ngenyanga edlule.

Scroll To Top