IKomidi lePhalamende lizocubungula isicelo esingoRamaphosa



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ikomidi lePhalamende likaSection 194 lithi lizoxhumana ngokuhamba kwesikhathi mayelana nesicelo sokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa avele phambi kwalo. Ikomiti liphenya ukuthi ukulungele yini ukuphatha uMvikeli woMphakathi osamisiwe uBusisiwe Mkhwebane.
Ummeleli wakhe wezomthetho uDali Mpofu, ukuqinisekisile ukuthi usebhalele ikomiti ukuthi Liphoqe uMengameli uRamaphosa ukuthi avele kuleli komiti.
Eminye yemibiko kaMkhwebane eke yagqama ngesikhathi kuqhubeka uphenyo ePhalamende umbiko wakhe ngomkhankaso weCR17, lapho uMkhwebane athola khona ukuthi uMengameli udukise iPhalamende mayelana nomkhankaso wakhe wokhetho lwe-African National Congress.
Nokho iNkantolo yoMthethosisekelo ithole ukuthi uRamaphosa akazange alidukise iphalamende nokuthi uMvikeli woMphakathi akanalo igunya lokuphenya ukhetho lwangaphakathi kwamaqembu.
UMpofu uphinde wachitha isikhathi efunda isinqumo esincane esabhalwa ngowayeyiNhloko yamaJaji uMogoeng Mogoeng, lapho athola khona ukuthi uMkhwebane wayengenacala lobudedengu obukhulu noma wenza kabi ngophenyo lweCIEX.
UMpofu ugcizelele ukuthi kunezinqumo ezincane ezibalulekile (minority judgments), waphinde waqinisekisa ukuthi ithimba labameli bakaMkhwebane lifuna uMengameli avele phambi kwekomiti.
“Okwamanje ngabe seniyitholile incwadi evela kithina mhla ziyisi-8 kanti lokho kuwusuku olwandulela iholidi, mayelana nesicelo esisenza kini sokuthi nithathe izinyathelo ezifanele zokubizela uMengameli Cyril Ramaphosa, uma kunikezwe umbiko. sagcina ukunikeza, ukuthi usenqabile isimemo sokuvela ngokuzithandela.USihlalo wekomiti, uQubudile Dyantyi, akakaphenduli ngokusemthethweni kulesi sicelo, kanye nesinye isicelo sokuthi kubizwe ofakazi ababili ababeyizikhulu zakwaSARS u-Ivan Pillay noJohan van Loggerenberg.
“Ezinye izindaba oziphakamisile ikakhulukazi ezimbili zokuqala ngiyazinaka lezo. Sizolinda zombili lezi zincwadi bese sinikeza impendulo ngazo zombili lezo zinkinga,” kusho uDyantyi.
Kuzofakaza owayengumphenyi
Khonamanjalo, owayengumphenyi ehhovisi loMvikeli woMphakathi u-Advocate Livhuwani Tshiwalule, ufakaze mayelana nokuhlanganiswa kombiko we-CIEX.
UTshiwalule ushiye ehhovisi loMvikeli woMphakathi ngo-2017, wathi kube nezinguquko ezinkulu embikweni wokugcina.
UTshiwalule utshele uphenyo ukuthi izincomo zokulungisa ukuchitshiyelwa komthethosisekelo ukuze kuguqulwe igunya leBhange Lombuso laseNingizimu Afrika zazikhona ngaphambi kokuba uMkhwebane aqokwe.
UMpofu uyabuza, “UMvikeli Womphakathi uzofika azonikeza ubufakazi bokuthi ukuxhunywa kwegunya leBhangengodla akukona okuzenzela yena?”
Eziphendulela u-Adv Tshiwalule uthi, “Ngivumelana nawe kulokho”. UMpofu uphikisene ngokuthi izinyathelo zokulungisa sezicutshungulwa ngaphansi kowayenguMvikeli woMphakathi u-Adv Thuli Madonsela.
“Ayikho into evimba umvikeli womphakathi njenganoma ngubani onjengoMehluleli uZondo, ukuthi aphakamise noma yikuphi ukuchitshiyelwa komthethosisekelo njengesigwebo sentambo, njengokushintsha ukuvota, kodwa kuncike kumalungu esigungu sikazwelonke?” Kubuza uMpofu.