Uyiguduzile i-ANC waze waphuma inxiwa uLekota



UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi…
UMosiuoa Gerard Patrick Lekota ungusopolitiki wazalwa zlyishumi nantathu kuNcwaba ngowe·1948 eKroonstad. Wayeyingane yokuqala yabazali bakhe, ezinganeni eziyisikhombisa. Wafunda eslkolenl samabanga aphansi e-Emma Farm School, okwakuyisikole sasepulazini. Ngemuva kokuphothula kwakhe e-Emma Farm School, wafumana imfundo yakhe yamabanga aphezulu eMariazel High School eMatatiele kodwa waphasa umatlkuletshenl eSt. Francis College eMarianhill ngowe-1969. lgama likaTerror laqhamuka ngezltayela ayezishaya uma esenkundleni yebhola likanobhutshuzwayo.
Wabhalisela lziqu zenhlakahle eNyuvesi yaseNyakatho (Limpopo) .Waxoshwa engaphothullle izlfundo zakhe ngenxa yezenzo ezazlmayelana noMkhandlu Wabafundl neBiack Consciousness Movement eyayibambisene neSouth African Students’Organlsatlon (SASO) ngowe-1972.
ULekota wabangumgqugquzeli weSASO ngowe-1974 ngokugcwele. Waboshwa wabekwa icala lokwakha uzungu lokwenza lzenzo zokwephula umthetho nokudunga ukuthula, wagwetshwa waboshelwa eRobben Island ngowe-1974. Wayekade egqugquzela umbuthano wokujabulela lnkululeko yaseMozambtque. Wakhululwa ejele ngowe-1982. Ngemuva kokuphuma kwakhe ejele wakhethwa waba nguNobhala Wezokwazlsa we-United Democratic Front (UDF). Ngowe-1985, uLekota waboshwa wagwetshwa ngecala laseDelmas lokuvukela umbuso.
Kodwa waphuma ngowe-1989 ngemuva kokuchlthwa kwesigwebo sakhe yiNkantolo Yokudlulisa Amacala eBioemfonteln. icala laseDelmas kwabangelinye lamacala eladuma kakhulu ngesikhathi sikaHulumeni wobandlululo. Leli cala laveza imigomo emihle esebenza nanamuhla; ukulingana kwezlnhlanga ngaphansi komthetho, ukubuyisana nabaholi bepolitiki ababekade besekela uHulumenl wobandlululo nokuhlonishwa komthetho.
Ngowe-1990 uLekota wabangumdldiyeli kaKhogolose eNinglzlmu neNatali. Waba esekhethelwa ekubeni yllungu leSigungu Sokuphatha sikaKhongolose naseKomitini layo lokusebenza lansukuzonke. Ngowe-1991 wakhethwa waba yinhloko yezobunhloli bukaKhongolose.
Wabe esekhethwa futhi eba nguNobhala wezokhetho lwangaphakathi kuKhongolose ngowe-1992. Ngemuva kokhetho lowe-1994 uLekota wakhethwa waba nguNdunankulu waseFree State, wasibamba lesl slkhundla kwaze kwaba ngowe-1996. Kusukela ngowe-1997 kuya kowe-1999 waba nguSihlalo woMkhandlu Wezifundazwe. Ngemuva kwalokho waqokwa waba nguNgqongqoshe Wezokuvikela. NgoZibandlela we-1997 wakhethwa waba nguSihlalo kaKhongolose, wasibamba lesi sikhundla kwaze kwabangowezi-2007. Walandelwa nguBaleka Mbete.
Ngesikhathi uMnu uMbeki esula ekubeni nguMengameli uLekota waba ngomunye woNgqqongqoshe abayishumi abesula kanye noMbekl zingamashumi amabill nantathu kuMandulo wezi-2008. Ziyisishiyagalombili kuMfumfu ngowezi-2008 uLekota wamemezela ukuthl umshado wabo ne-ANC wasewehlukana ngakho-ke wabe esefaka amaphepha esahlukaniso. Lokhu kwadala uqhekeko olukhulu kuKhongolose olungakaze lube khona selokhu kwaphuma IPan Africanlst Congress of Azania ngowe-1959 ngeslkhathi sobandlululo. Ukumenyezelwa kokuhlubuka kwalabo ababezwetana noMbekl akwemukelekanga ikakhulukazl enhlanganweni yamaKhomanisi. Kodwa uMholl weDemocratic Alliance noHolomlsa we-United Democratic Movement bayamukela ngesasa inhlangano entsha.
Zilishumi nane kuMfufu inhlangano i-ANC yabumlsa ubulungu bukaLekota nobukaMlulekl George. Ngemuva kokuhilizisana ngezomthetho phakathl kukaKhongolose noLekota inhlangano entsha yabe isibizwa ngeCongress of the People (COPE). Ziyishumi neslthupha kuZibandlela uLekota wakhethwa waba nguMengameli wokuqala weCOPE kanye namasekela akhe uMbazima Shilowa noLynda Odendaal. Ngowezi-2009 kwaba nombango wokuhola lnhlangano phakathl kuka Lekota noMbhishobhi waseWesell, uMvume Dandala. UDandala wayesekwa nguShilowa.