Now Reading
Umkhuhlane wacishe wavala ngehlahla eMdletsheni
Dark Light

Umkhuhlane wacishe wavala ngehlahla eMdletsheni

‘UMvayiz’ emashobashoba

Usibhinca luhayi

Lungasabhincwa ndoda

Ngoba lwalungasabhincwa nakubo kwaMalandela

Uyalubhinca yena.

Unqeke vumani

lsithebe samathanga

Uzinja zinyamahlule KwaNukelumndeni

lngabe ziwathathaphi.

Wenzamanyala Mfazi wasemaSimangweni

lnjinga mashoba ziwajikile.

Uthath’ amagula bethi

Zibuyile kwabaseMdletsheni”

Amadoda akhala nje akakho othelela omunye amanzi kulaba Bantwana beNkosi, izwe lonke lakwaMandlakazi liyabahlonipha ngokufanayo bobabili. Kwathi uma befika emtateni labo ababeboshiwe, bagundwa izicoco bonke zafakwa kobhavu, kwathiwa bayozithola mhla sebebuyela emakhaya sebeqede izigwebo zabo. lningi lalabo ababedingiselwe emtateni beboshiwe alibuyanga bafela khona, bewela emanzini lapho bethula izimpahla emikhunjini.

Kuhambe kwahamba abelungu bambuyisa uMntwana uMsenteli. Kuthe nalapho ebuyiswa akaze avuma ukuhlala kwelakwaMandlakazi , wedlula wayohlala kwelaseMdletsheni. Yathutha yonke iNkungu yayokwakha eMdletsheni ilandela uMntwana uMvayiza. Kwathi lonke leli elaseMsebe akwaze kwasala muntu.

lndodana kaMsushwana eyayisiphethe eZibayeni uNtaminemidwa, yabemukela abeNkosi yathi abakhe izwe ngelabo. Kuthe uma sebakhe kwelaseMdletsheni, kwahlasela umkhuhlane omkhulu kwafa abantu abaningi abadala ababehambe noMntwana uMvayiza. Kwathi ukuthatha kweNkosi uMntwana uBhokwe, wathi akabuye umfowabo uMntwana uMvayiza ezweni likayise, yena wayengaxabene naye. Kwathi ukuba izwe lawo mazwi iMvayiza, yase ithi izobuya. INkosi uMntwana uBhokwe wasethi abasuke bonke abantu abase bakhe endaweni yaseMsebe, badedele uMntwana uMvayiza useyabuya. Nebala yathutha yonke leyomizi yavuleka indawo yoMntwana. Kuthe bengazelele lutho lapha eMdletsheni, kwezwakala ukuthi uMntwana useyakhukhula ubuyela kubo kwaMandlakazi.

“UNjinga ashoba ziwajikile

Uthath’ amagula bethi

Zibuyile kwabaseMdletsheni”

Kuthe uma efika wasakha umuzi wakhe wasOhlinzane phezu komfula izixwembe. Ngenkathi uMntwana uMvayiza esebuyela ekhaya bahlanganiswa noMntwana uMagadavu kwakhulunywa baxolelana. Babuye bahlala ngokukhulu ukuzwana, babambisana nasezindabeni zezwe, lakwaMandlakazi. Babahlanganisa nabantu kwaphela ukuthi bake baba nombango. Akakho obenza into omunye engazi. Namanje isizukulwane sakhe uMntwana uMsenteli sisakhe khona endaweni yaseMsebe. Kuthe lapho isibuya iMvayiza base behuba ihubo lakhe elikhulu elithi:

“Khula Mvayiza

Wakhula Mashobana.  Lokhu sawela. Lokhu sawela

Kwazond’ amadoda

Yek’ amadoda

Wo! sawubang ‘ umbango

Ngempi yombango

Thina siza ngebheji

Ngebheji

Lokhu sabhejel’ iNsizwa

Wakh ula wakhula Mashobana

Lokhu sawela

Kwazond’ amadoda

Ye k’ amadoda

Wo! sawubang’ umbango

Gududu

Thina siza ngebhe

Ngebheji lbheji leNsizwa.

Abafo ngabakho Malandela

See Also

Lokhu sawela

Uselebaleni

Kwazond’ amadoda

Yek’ amadoda

Wo! sawubang’ umbango.

Ngempi yombango

Thina siza ngebheji

Ngebheji

Lokhu sabhejel’ iNsizwa.

UMntwana uMagadavu uyabusa

UMntwana uMagadavu kwakuyinsizwa ephakathi nendawo ngokukhula, kepha engemkhulu, elingene nje. Wayebathanda kakhulu abantu bakayise, futhi ebakhonzile. Kwakuhlala kuhlihla inyama emabhodweni, ethi wenzela abantu bakayise ukuba bangabulawa indlala uma befika ekhaya.

Kwakuthi labo ababona bedlula lapha koMkhulu athi ababizwe bangene bangedluli ngaphandle. Afike abaphuzise utshwala, athi abanikwe nenyama badle.

Kuthiwa amathanga ayeklatshelwa ngamadoda, kuphekwe isijingi kwenzelwa bona abantu. IMbongi yakhe uSibanganobani kaMshisalanga “Notshwadi” wasemaNcwangeni phezu komfula iVungama uyixoxa kanjena lapho ngikhuluma naye athi. “Wo! Ndabezitha, ungibuza ngoMntwana uMagadavu? Kwakuyinkunzi yensizwa, akakho noyedwa engingamufanisa naye ezinganeni zakhe nakubo bonke laba beNkosi. Kwakuthi lapho esegiya kube sengathi sekuzamazama inhlabathi, ivumela ukunyathelwa yizigi zoMntwana, kusiphuzele izinwele kuwe ombukayo uma isidlalisela iNkonyane kaNdaba. Bekuthi laba abambongayo ubone besiphula izidindi zotshani beziphosa kuye. Uma kwenzeka kuwa ibhebhu egiya akalicoshi, yena uziqhubekela nokugiya kwakhe. Kuyosuka induna igijime nethawula ifike ithi iyambhincisa lana, alithathe aliphonse lena kude. 

Ngaleyonkathi isilwane sesiyazenwaya siyazihlikiza ekhanda”. 

“Usilwan’ esinobukhuphe 

Siyadla siyakhupheza njenge nkukhu”

Bathi kwathi iSilo uSolomon sibize amabutho kwaDlamahlahla, noMandlakazi ephelele ngezinkani. Amabutho ayevuka ekuseni emadlangaleni awo ayokhuleka eSilweni. Ngenkathi eyokhuleka ayehamba ngokwezifunda zawo. Wangena noMandlakazi eholwa yiso iSilwane esinobukhuphe, wafike wakhuleka naye qede wasedlala uMntwana uMagadavu. Kuthiwa kwazamazama iSigodlo sakwaDlamahlahla izinsizwa zimbonga. Abantu baqhamuka ngapha nangapha bezobukela sekudlala

“UMashekefula lonjengenkunzi

Yezi mbube”.

Scroll To Top